Now Reading
Imiphakathi kufanele yazi kabanzi ngezingane zofuzo
Dark Light

Imiphakathi kufanele yazi kabanzi ngezingane zofuzo

Izigameko zokucwaswa nokubulawa kwabantu abanofuzo sekusukumise inhlangano iNathi Development Foundation okuthe ngoLwesithathu yaba nomkhankaso wokufundisa ngabanofuzo. UMnu uNathi Zuma wale nhlangano uthe banqume ukwenza lo mkhankaso ngoba bebona ukuthi abanofuzo bayabulawa, baphila ngokwesaba baphinde bacwaswe. Babe nohambo obelusuka ehholo ledolobha eMgungundlovu lwabheka eHowick eCapture Site. 

“Sinqume ukuqhamuka nohlelo oluzoxwayisa abantu ngabofuzo. Kunencwadi esiyibhalile isihloko sayo esithi Excuse My Colour esifisa ukuthi ingene ezikoleni ifundise izingane zamabanga aphansi ngoba ucwaningo esilwenzile luveze ukuthi iningi labanofuzo bakhuliswa ngabazali ngabodwana ngoba abanye bashiywa oyise abangathembi ukuthi bazalwa yibo okubenza bahlalele ovalweni. Esiphinde sakuthola ukuthi iningi labo banenkinga yokubona neyesikhumba kanti izinto zabo zokuzinakekela zimba eqolo sabe sesikhiqiza izinto zokugcoba,” kusho uZuma. 

Uthe sebe sezinhlelweni zokuqopha umdlalo ozobe ufundisa ngempilo yabantu abanofuzo. Udalule ukuthi sebeyitholile incwadi kumsakazeli womphakathi manje sebesezinhlelweni zokunxenxa osomabhizinisi ukuba babaxhase ngemali ngoba badinga efinyelela esigidini samarandi ukuze iqopheke ngendlela kwazise bafuna ukuthi ibe sezingeni lomhlaba futhi ibe neziqephu ezingama-26.

UZuma uthe okuzobe kuvezwa yilo mdlalo impilo yengane enofuzo, ukusuka ebunganeni ize ingena esikoleni icwaswa, izinkoleloze ngabo nokuthi kwakhiwa ngabo imithi. 

UNks uNompilo Dladla waseMaqongqo eMgungundlovu ungomunye wabanofuzo futhi ohlalele ovalweni ngempilo yakhe. Ufunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho enza izifundo zeMaster of Commerce Entrepreneurship. 

Echaza ngempilo yakhe uthe: “Ekukhuleni kwami kube nzima, ngibhekane nezingqinamba eziningi njengokungazethembi, ukucwaswa abantu, esikoleni izingane zingixwaya nabantu emphakathini noma bengawakhiphi amagama kepha ubona ukuthi bayazibuza ukuthi yini engalungile ngami,” usho kanje. 

UNompilo uthe baze baqala lezi zinhlelo ngoba babone ukuthi abanakiwe eNingizimu Afrika njengoba inyanga uMandulo kungeyokufundisa nokuxwayisa ngofuzo kepha kuqhakanjiswa kakhulu amasiko abona ukuthi kufanele engabe kuyahlanganiswa okuyinto akholwa ukuthi kusaqhutshekwa nokucwaswa kwabo. “Ezinye zezinto ezikhona izinkolelo ezithi asifi kodwa siyanyamalala, siyinhlanhla ngakho uma singasukumi sizoqhubeka sibe senkingeni. Ngiyazikhetha izindawo engihamba kuzona njalo ngihlezi ngibona impilo yami isengcupheni ngoba abantu basakholelwa kulezi zinto, uma sesibafundisile siyoqala sikhululeke, sihambe noma ikuphi,” usho kanje. 

See Also

Uthe ufisa umphakathi ukuqonde ukuthi umuntu onofuzo uvela kanjani, wazi ukuthi nabo bafana nabo bonke abantu futhi akukho okwehlukile ngabo noma okumqoka ukwedlula abanye.

 “Abantu abanofuzo ngicela bangasabi ukuthi bangobani futhi babe ilokhu abafisa ukuba yikho empilweni, akukho okubavimbayo empilweni,” kusho yena. 

Ucacise ngokwakheka komuntu onofuzo wathi usuke eshodelwa imelanin okuwumbala omnyama okungenxa yomunye wabazali bakhe. “Enyuvesi azikho izingqinamba esihlangabezana nazo, asikutholi ukucwaswa sibona ukuthi sebefundisekile ngabantu abanofuzo. Izingqinamba ngahlangabezana nazo emabangeni aphakeme naphansi lapho okwakunzima ngisho nokwakha ubungani, ngangigcina ngizwana nalabo abangidabukelayo kuphela. Nakhona lapho ingoba sasisakhula singakuqondi ingakho sifisa ukuthi sifundise izingane zikhule nolwazi zazi ukuthi yini ukuba nofuzo,” kusho uNompilo.       

Scroll To Top