Now Reading
Iphodikasti yelaboHlanga
Dark Light

Iphodikasti yelaboHlanga

Leli phephandaba ngeke lime ukukumangaza,” lawa ngamagama omunye wabafundi abeqala ukulalela iziqephu zansuku zonke zomsakazo iBayede News notholakala ngePhodikasti.  Lo mfundi ujoyine isibalo esikhula usuku nosuku sabalaleli bomsakazo welaboHlanga. 

Echaza ngalo msakazo uSolwazi uHamilton Simelane oyi Chief Operation Officer ye-Igunundu neshicilela elaboHlanga uthe: “Sethule iZitudiyo ze-Igunundu Podcast (okuyizona ezakhe iBayede News Radio).  Ngethimba nestudiyo sethu, sikhiqizela izimvezwa zethu namaphodikhasti afanele abalaleli bethu abalalela imisakazo yomphakathi kuya kulabo abalalela imisakazo eyaziwayo. Ithimba lethu elikhiqizayo lakha izingxoxo ezivukuzayo ezihambisana nomgudu wokukhethwka kodaba kanye nezingxoxo ezidingakalayo kubalaleli abaqondiwe”, kusho uSolwazi.

Njengengxenye yezinhlelo ezifundisa izakhamuzi iBayede News Radio  inoxhaxha lwezimvezwa namaphodikhasti. Kusukela ezindabeni nasezingxoxweni; kumadokhumentari nasekulandeni. Kuzo zonke izimvezwa namaphodikhasti abalaleli abathakaseli ubuntatheli obuhlabahlosile, amadokhumentari nokuhlaziya kuphela kodwa bafunda kabanzi ngolimi.

Kugxilwe kwezepolitiki nepolitiki yezomnotho, izincungeludaba, ezemfundo nezindaba ezishisayo, ezezimali nezamabhizinisi, konke kulandwa ingqikithi yakho. Izimvezwa zethu zihlose ukuqinisekisa ukuthola ulwazi, ukukhuthaza ubakhamuzi nokuzibandakanya ngale ngokhetho. Iphodikhasti ngayinye ithatha imizuzu engama-25 kuya kwengama-45 lapho izindaba zethu zakhiwe ngokwelamana okufanele futhi zethulwe ngendlela yokuthi yonke iminxa yomphakathi ingalalela, iqonde futhi ibe yingxenye yezethulo.

Ukuqinisekisa ukuthi okuqukethwe yile phodikhasti kufinyelela kubo bonke abantu, elaboHlanga selinokubambisana nemisakazo emibili yomphakathi, okuyi-Inanda FM kanye neNongoma FM.  Echaza ngalokhu uSolwazi uSimelane uthe:

“Le misakazo yomphakathi emibili siyayihlonipha kakhulu, ihlelekile. Kuwumbono wethu ukuthi ekubambisaneni kwethu sonke sizozuza kepha okumqoka kakhulu wukuthi abafundi kanye nabalalelli nabo bazozuza okuningi. Izinhlelo zethu zizogxila ekufundiseni izakhamuzi ngepolitiki, umnotho kanye nesimomazwe.” 

See Also

USolwazi uphethe ngokukhuluma ngamava ethimba labahlanganisa izinhlelo. “Ngaphandle kokuthi uMphathi welaboHlanga uMtaka uyazibambela, kepha kukhona abaqashelwe ukubheka umsebenzi wansuku zonke. Laba baholwa nguMnu uSandile Mdlalose. USandile ungunjiniyela wemisindo onolwazi lweminyaka eli-10 kuthelevishini nasemsakazweni. Uhlome ngezitifiketi zobunjiniyela bomsindo, esezifundo zezizindalwazi nethelevishini. Usephathe imisebenzi esemqoka yemisindo ezinkampanini ezifana no-Ukhozi FM, i-Urban Brew Studios, iRadio 702 neDSTV.” 


IZINHLELO: Lalela ingqikithi

Umsakazo iBayede inezimvezwa namaphodikhasti okuningi. Lokhu kusukela ezindabeni nezingxoxo, amadokhumentari kanye nokulandisa. Kuzo zonke izimvezwa namaphodikhasti abalaleli abathokozeli ubuntatheli obuhlabahlosile, amadokhumentari nokuhlaziya kuphaela kodwa bafunda kabanzi ngolimi. ingqikithi . Abafundi nabalale bazothola lezi zinhlelo ezilandelayo:

  • Ozul’zayithole: Ezweni lapho ubuqiniso bodaba sekwaba yindlala, lapho abezindaba sebelingeka ukubhala ngokuchema, ukubika ngehaba  kanye nokushicilela udaba mbumbulu. ElaboHlanga limile ekubekeni amaqiniso anhlangothi zonke ukuze kube nguwe mfundi othatha isinqumo. Izintatheli zethu eziphenyayo ziyiso nendlebe kuwe, zikwethulela ulwazi olwethembekile nokuqonda okunzulu.
  • Ingqikithi: Asikhulumi noma ngaziphi nje izindaba, sithukusa ezindabeni eziqukethe ubunjalo obuyifagugu, umsoco obanzi kanye nobuntatheli obuhlabahlosile. Kutholakala maphakathi nesonto njalo ntambamba ngelesi-6 lapho sifunda khona izindaba ezintathu ezikhethiwe oshicilelweni lwakamuva lwephaphandaba iBAYEDE sibuye sibike ngezakamuva ezishisayo. 
  • Ipolitiki ngolimi lwakho: Ukuqinisekisa ukuzibanandakanya ngale kokhetho. Sikhuluma ngesimomazwe, ngepolitiki yezomnotho nangemibuso emizuzwini engama-45. Kutholakala njalo ngamaSonto ntambama lesi-6 luphethwe nguNhlanhla Mtaka.
  • Ngale Kokhetho: Ngale Kokhetho yiphodikhasti yansukuzonke ehlinzeka indlela esheshayo nelula kubalaleli ukuba bafunde ngepolitiki yokhetho, uMthethosisekelo nomlando wepolitiki. Iphodikhasti ibheka izindikimba ezihambisana nezakhamuzi neohulumeni, okuphathelene nomthethosisekelo ngale kwezihloko, nabantu kanye nemicabango okuyiyona eyakha umlando wezwe nohulumeni.
  • Eziqokwe nguMhleli: Ukukhethwa kwezindaba ezisemqoka ezintathu ephaphandabeni iBAYEDE nombiko ngezindaba zakamuva ezishisayo.
Scroll To Top