Unesifiso sokuthunga i-Afrika ngomculo nezinkondlo
Ubalwa nabesifazane abasebancane abanekusasa eliqhakazile emculweni uSampa Tembo ngenxa yesiphiwo sakhe esingandele bani. Leli ciko elingumbhali wezingoma, umculi, imbongi, ừmrepha nomdansi lazalelwa eLusaka, eZambia kodwa lakhulela eBotswana nokuyilapho uthando lokubhala nokuhaya izinkondlo lachuma khona.
Usezakhele igama eZambia ngokucula nokuhaya izinkondlo ngezilimi ezihlukene zakhona. Emicimbini egqugquzelwa uhulumeni wakuleliya lizwe, kusuke kungakapheleli uma engekho njengoba eseyinxusa lokugqugquzela ukuthula nokubumbana esebenzisa izinkondlo.
Usanda kuqokwa njengeciko lesifazane elivelele yinhlangano elekelela amaciko abesifazane ezwenikazi ngezinsiza nangolwazi eyaziwa nge-EQUAL. Le nhlangano ibuye ithuthukise amaciko abesifazane emculweni ngokubacija ngezinto ezingabalekelela ukuchumisa amakhono abo. USampa ubalwa nabaculi abangama-49 e-Afrika asebethole lokhu kuhlonishwa yile nhlangano.
Esika kwelijikayo ngokuhonishwa kwakhe uthe, kukho konke asekuzuzile kuze kube yimanje kungenxa yokwesekwa abakandeli bakhe ezwenikazi. “Kuyangijabulisa ukuthi noma ngikhulele eBotswana, kepha abantu baseZambia abazange bangilahle bayaqhubeka nokungeseka.
Uthi isifiso sakhe ukusabalalisa umculo ngezilimi zaboHlanga emazweni ase-Afrika eseningizimu okuhlanganisa neNingizimu Afrika. Oyisikhulu senkampani aqopha ngaphansi kwayo eSub-Saharan Afrika iSportify uPhiona Okumu, uthe okwenze waqokwa uSampa yingoba umculo wakhe unegalelo elikhulu ekugqugquzeleni inhlalakahle emphakathini, futhi unika nabantu ugqozi lokucabanga ngokuzimela. Uthe ukuhlonishwa kwakhe akangabazi ukuthi kuzogqugquzela nentsha esakhulayo ekubambeni iqhaza emculweni nasekuhayeni izinkondlo.