Now Reading
Uzibona edlala kuligi ethe xaxa uNjinji
Dark Light

Uzibona edlala kuligi ethe xaxa uNjinji

Uthi ngesizini yangowezi-2020/2021 kuphakathi kokuthi ugijima kuGladAfrica Championship noma kuligi enkulu kuleli ebigcina ukubizwa nge-Absa Premiership kule sizini. 

Lowo nguNdumiso Ntandokayise Magwaza ongowokudabuka Esinkonkonko kwaNongoma, odlala kuSivutsa Stars egijima ku-ABC Motsepe League eMpumalanga okuveze lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nelaboHlanga.

Leli bhungu elineminyaka yobudala engama-22 likhuluma ngomsuka walo likhula lithe, lifunde e-Ewela Primary School kwaNongoma, eZeph Dhlomo High School KwaMashu, eTholulwazi High School eGoli, naseChristian Progressive College ePitoli.

“Ukuqala kwami ukudlala unobhutshuzwayo bengimcane kakhulu. Njengoba ngikhulele endaweni yasemakhaya nje abengekho amaqembu ebesingadlala kuwona kodwa besazi ngomdlalo unobhutshuzwayo. Indlela ebesidlala ngayo besizakhela ibhola sidlale uma sisemadlelweni. Kwaze kwabakhona ukuthuthuka saqala sakwazi ukudlala ibhola langempela, kusukela lapho angibange ngisabheka emuva,” kusho uNdumiso.

Ufisa ukudlalela amaqembu amakhulu nje iminyaka isamvumela kanti namaqembu adlule kuwona kuyakhombisa ukuthi kuningi akufundile kuwona nangakusebenzisa uma engathola ithuba alifunayo.

Iqembu aqala kulona ukudlala into okuthiwa iligi iDouble Classic yakwaMashu eyayidlala ngaphansi kweLocal Football Association (LFA), iyona eyamukhanyisela izinto. 

Emva kwalokho wathola ithuba lokuthi ahlolwe iSuperSport United Academy ngonyaka wezi-2014, kodwa izinto zangalunga kwathathwa abantu ayehambe nabo okunguSiphosakhe Ntiya-Ntiya osedlalela iKaizer Chiefs, uMondli Mpoto ongunozinti weBloemfontein Celtic noNhlakanipho Myeza okuWitbank Spurs manje.

“Kuze kube imanje inhliziyo isabuhlungu kakhulu ngokuthi ingangithathi inkulisa yeSuperSport United. Ngakwenza konke, ngashaywa izinto ezincane ezangaphandle kwenkundla nokuyinto eyangiphatha kabi,” kusho uNdumiso.

Yize kunjalo, ekuhlolweni kwakhe umfo kaMagwaza wayengabhekiwe iSuperSport United kuphela njengoba emva kwalokho kwashayelwa umqeqeshi wakhe uStarman ukuba amuyise eGoli ayozama inhlanhla kuMoroka Swallows.

ISwallows ayipholisanga maseko yamthatha wadlala eqenjini labaneminyaka eli-17, ngenxa yekhono lakhe wabe esenyuselwa eqenjini lamaneminyaka eli-19 ilapho afike agila khona izimanga yize ayemncane.

“Izinto zami ngabona ukuthi ziyaqala ukukhanya ngigijima kuSwallows. Ngafika kukhona umgadli owayengalibheki ipali uThulani Ngcepe, ngathola ithuba elilodwa kwabatshazwa mina. Ngahlohla phakathi amagoli angama-38 (Ngidlala kuligi ebizwa nge-Eastern League, eGermiston). Ngangidlala phambili, kodwa manje indawo engidlala kuyona ikwesobunxele emumva.” kusho uNdumiso.

Ukudlala kwakhe kahle kwamenza waheha amehlo omqeqeshi weqembu elikhulu wangaleso sikhathi uZeca Marques, owamnyusela kwelikhulu. Izinto azihambanga kahle njengoba iqembu lagawulwa izembe kwaphoqeleka ukube ahambe nabahambayo.

Emva kwalokho ube esejoyina iJomo Cosmos wadlala umqhudewano wabaneminyaka engaphansi kweli-17 obizwa ngeFuture Champion. Nakhona leli nxele lenza ezibukwayo njengoba lacelwa amaqembu amathathu aseCanada ukuba ayodlala kuzinkulisa zawo kodwa kwagcina kungenzekanga.

Isizathu salokho wayengenaye umuntu ozomusiza ngemali ukuba akwazi ukuwelela phesheya kwezilwandle kwaze kwahamba isikhathi.

See Also

Ube esejoyina iGlendine United okuyiqembu laseCape Town anqoba nalo iCoca Cola Cup eyayibanjelwe e-Athlone Stadium khona eKapa ngonyaka wezi-2016.

Emva kwalokho wadlalela i-Orlando Pirates Reserve Team eyayigijima kuSAB League, wanqoba nayo iligi babe sebengena ku-ABC Motsepe League eGoli. Bangabizwa ngePirates babizwa ngePele Pele beqeqeshwa uPhilani Kubheka. Lapho ubedlala noThabiso Kutumela osekuMaritburg United noZakhele Lepasa odlalela iqembu elikhulu leZimnyama.

“Ngathola ithuba lokuziqeqesha neqembu elikhulu ngaphansi kukamqeqeshi uRhulani Mokoena. UMokoena wathatha isinqumo sokuthi ngibe ingxenye yesikwati seProject X, esasiyodlala namaqembu ase-England lapho ngibala iFulham, iQueen Park-Rangers, iManchester United, iWest Ham nezinye izinkulisa zakhona,” kusho uNdumiso.

Uthe ebuya e-England ube nezinkinga angafisi ukuzidalula ezithinta unina okwamphoqa ukuba ahlale ekhaya izinyanga eziyisi-8. 

“Isifiso sami ukuqedela imidlalo kuSivutsa bese kuthi ngesizini ezayo ngithole amadlelo aluhlaza emaqenjini akuPremier Soccer League (PSL),” kusonga uNdumiso.

Uthi abadlali abamgqugquzealyo uCelimpilo Ngema odlalela uThongathi FC noMphakamisi Zongo adlala naye kuSivutsa Stars.

Scroll To Top