Umyalezo oqinile oya kwabesifazane ngezinsana



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Nakuba zisekhona izikhalo ngezinye zezinqumo ezithathwa yizinkantolo emacaleni athinta izingane kodwa muva nje iNkantolo yeMantshi eNtuzuma, eThekwini, ilibuyisile ithemba lokuthi amalungelo nenhlakahle yezingane eNingizimu Afrika kusavikelekile.
Le Nkantolo igixabeze owesifazane waseNewlands East ngeminyaka emithathu ejele kulandela ukulahlwa yicala lokulahla ingane yakhe esanda kuzalwa eyatholakala esitamukokweni khona eNewlands East ngoNhlolanja nyakenye.
Ngenxa yomthetho ovumela ukuthi isigwebo sakhe siguqulwe asidonsele endlini, uzohlala izinyanga eziyisithupha ejele.
NgoNdasa nonyaka lona wesifazane oneminyaka yobudala engama-33 walivuma icala.
Ukungabaza ukusebenza kwezobulungiswa kubonakale ngezinqumo zeMatshi yaseMlazi, uNkk uKholeka Bodlani, esamisiwe emsebenzini obekukhalwa ngezinqumo zayo emacaleni okudlwengulwa kwezingane.
Lokhu kwaze kwaholela ekutheni uNgqongqoshe WoMnyango Wezobulungiswa, uMnu uRonald Lamola, ayimise le Mantshi emsebenzini kuze kube kuphuma imiphumela yophenyo ngokulungela kwayo ukwenza lo msebenzi.
Odabeni lukamama owalahla ingane okwathatha amahora amane ukuba ikhishwe esitamukokweni nolwasusa ukukhuluma okukhulu ezweni, ngoLwesihlanu iMantshi u-Erenskia la Grange ubalule ukuthi ubufakazi obethulwe phambi kwakhe obulahla lo mama, igama lakhe elingeke lidalulwe ukuvikela umntwana, bunesisindo esikhulu.
Uthe ukuba le ngane ayizange itakulwe ngabe yafa.
IMantshi ithe lo mama onezinye izingane ezimbili kwakumele akwazi ukuthi isenzo sakhe sasingaholela ekutheni usana lufe.
Iveze ukuthi nakuba ebengeyona ingozi emphakathini kodwa kunezimo ezimbi kakhulu obekufanele ajeziswe ngazo.
Ngesikhathi sempikiswano enkantolo ngaphambi kokukhishwa kwesigwebo uMshushisi uKaystree Ramsamujh weNkantolo Yesifunda uthe umntwana bekufanele avikelwe kumuntu okwakumele amukhulise futhi amuvikele.
Uthe lokhu wakwenza ngenhloso futhi ukuba akuvelanga uMsamariya olungile owezwa ukukhala kwengane umphumela kwakuzoba ukufa. Uqhube wathi kunalokhu lona wesifazane akwenza ngabe wanikela ngayo ingane kwabazoyigcina noma ayise esikhungweni sezenhlalakahle.
Ngakolunye uhlangothi ummeli kammangalelwa, uMnu uJacques Botha, uthe ikilayenti lakhe belikhungathwe yizimo ezithile.
Ummangalelwa wadaluleka inkantolo ukuthi izingane zakhe zizalwa obaba abahlukene abangazondli futhi yena uphila ngokusizwa unina ogulela embhedeni okwenza ukuthi ayifihle ingane wanquma ukuthi ayilahle.
Uthe ngezintatha mhla zili-11 kuNhlolanja wezi-2019 wabeletha eyedwa endaweni emnyama enezitebhisi lapho ehlala khona.
Uthi ngesikhathi amalungu omndeni wakhe esalele wathatha ingubo yokulala nesikele wabe esephumela ngaphandle endaweni emnyama lapho abelethela khona. Uthi esewunqamulile umzanyana ngesikele futhi ebona ukuthi ingane iphephile waqaphela ukuthi useyopha kakhulu.
“Ngabe sengiya egaraji, ngasonga ingane ngengubo yokulala ngabe sengizama ukumisa ukopha. Ngezithuba zelesithathu ekuseni ngabe sengifuna indawo lapho ngangizoyishiya khona ingane engangicabanga ukuthi kuzobalula ukuthi ibonakale. Ngazama ukuyishiya esikoleni nasesontweni kodwa ngangakwazi ukungena kuzona zombili lezi zindawo,” kusho yena.
Uqhuba athi ebona ukuthi ilanga seliphumile waba nokwesaba kwathi ehamba wabona isitamukoko endaweni ayekholwa ukuthi isentshenziswa kakhulu abantu abahamba ngezinyawo.
“Emveni kokuyigoqa ngoplastiki ngayibeka kukhonkolo omncane ngaphakathi esitamukokweni. Ngabe sengiyishiya ngabuyela ekaya ngiyohlanza indawo,” echaza.
Kwesinye isigameko ngonyaka odlule, owesifazane waseVerulam wagwetshwa iminyaka eyisithupha eyalengiswa emuva kokulahlwa yicala lokulahla ingane yakhe. Lona wesifazane owayeneminyaka yobudala engama-31 wafaka ingane kuplastiki wezibi wase eyishiya eceleni komgwaqo okwagcina ngokuthi itholwe abaziphilisa ngokuqoqa izinsimbi ezindala bazidayise.