IMbube ibabaza imihlola, amanyala nechilo okwenziwa abesilisa



INgonyama kaZulu esesihlalweni ingowolibo lweLembe.
INkulumo Yesizwe eMkhosini WoMhlanga eNyokeni kwaNongoma, mhla zi-5 kuMandulo wezi-2020
UMkhosi WoMhlanga ungumkhuleko ojulile. Ngawo isizwe siyavuseleleka futhi siyaqinisekiswa ngekusasa lethu njengesizwe. Lona akuwona uMkhosi wemizimba njengoba abanye bekhuluma ngokungazi. Kulezi zinsuku ezintathu isizwe ngezintombi zaso sisuke zikhuleka, sibonga futhi sinxusa okuhle kodwa. Ngezintombi zoMhlanga isizwe siyaqinisekiswa ukuthi uZulu usazokhula ngobuqotho.
Nonyaka lo Mkhosi njengeminye yalapha eNdlunkulu uthe ukwehluka. Ukhuvethe oluhlasele umhlaba wonke nathi alusishiyanga ngaphandle. Njengawo wonke amazwe nezizwe sithintekile. Umnotho wethu nempilo yethu yansuku zonke kuthintekile. Imindeni eminingi izwe ubuhlungu obumangalisayo ngalesi sikhathi lapho ngenxa yemigomo inqindeka ukuba yenze lokho okulisikonkolo uma kulondolozwa amalungu emindeni.
Umkhuleko wethu sonke ngalesi sikhathi yikuthi njengesizwe nomhlaba sedlule kuleli fu elimyama. Ngalesi sikhathi ngiyaninxusa ukuba niqhubeke niphephise nina kanye nemiphakathi yenu kulolu bhubhane.
Ngabe angenzi okulungileyo uma ngalo mzuzu ngingathuleli isigqoko amakhulu ngamakhulu ezisebenzi zezempilo ezweni lakithi. Kulaba siyabonga ukuzinikela kwabo ngaphansi kwezimo ezinzima. Sibonga nasemindenini yabo esaziyo ukuthi ilala ingalele uma amalungu emindeni ephumile ukuyosebenza ezibhedlela nasemitholampilo yakuleli.
Kubalimi boHlanga, amaNdiya, amaKhaladi nabaMhlophe. Ezisebenzini zasemapulazini siyabonga ngokuqhubeka nokukhiqiza ukudla okondla isizwe. Nina niwumgogodla wezwe ngani isizwe siyaphila. Ngalezi zikhathi kuhle umkhakha wezolimo uvikelwe, wesekwe nangezimali ngoba uwumgogodla. Ngikusho lokhu ngazi kamhlophe ukuthi kunobuhlungu esibuzwa njalo lapho abalimi nezisebenzi bebulawa kuleli lizwe. Lolu daba angiboni ukuba kumele silibuke ngezibuko zepolitiki nobuhlanga ngoba umlimi kakhiqizeli iqembu elithize kepha ukhiqizela isizwe sonke. Ngakho okwenzeka kubalimi nezisebenzi zasemapulazini kumele kusikhathaze hhayi njengamaqembu noma umphakathi othize kepha kumele sikhathazeke njengesizwe esizothinteka uma sekuphazamiseka ukukhiqizwa kokudla.
Kwabezokuphepha kusuka emaphoyiseni kamasipala, abeSouth African Police Service namagumgedlela iSouth African National Defence Force nakubo sibethulela isigqoko ngenkonzo yabo esizweni. Kwenye inkathi ngiyazi ukuthi abezokuphepha basebenza ngaphansi kwengcindezi njengoba begxekwa uma benzile noma bengenzanga.
Kothisha ngiyabonga ngokuhlale njalo ningasohlangothini lwengane. Ngiyalwazi usizi enibhekana nalo lapho ningakhathazwa nje kuphela yingozi ebhekene nezingane ezizalwa yini kepha nalezo zomphakathi nesizwe. Ngiyacela kuHulumeni abavikele othisha nazo zonke izisebenzi ezisekhaleni lempi ngoba abakwenzayo yinkonzo emqoka yesizwe.
Zulu Ondlela zimhlophe, kube yishwa ukuthi ngalezi zikhathi zosizi kube khona phakathi kwethu ababone ukuthi kabagile imikhuba badle imali obekumele ilekelele imiphakathi ekuvikeleni ukhuvethe. Umbiko okhishwe nguMcwaningimabhuku Omkhulu kuleli sonto usishaqise sonke. Nami ngeseka yonke imizamo yokuthi kungagcini nje ngokuba kuboshwe abantu kepha ngithi akubuye yonke le mali ehambile.
Ukhuvethe lusitshengise okuthile ngezwe lethu ukuthi ikhona imali okungekho ngabantu abaqotho ekusebenziseni le mali. Ingcabha manje isezakhamuzini zakuleli ukuthi ziyelusa kanjani imali yazo ngoba uma zingenzilutho kuzoncipha emgodleni njengoba sizwa nje.
Nginigqugquzela ukuba niqhubeke nokuba yizakhamuzi ezinendaba ngokwenzeka ezweni nalokho okugilwa ngemali yenu. Ningathuli uma kwebiwa. Alikho iqembu noma umphakathi okumele wamukele ukuxhashazwa ngamasela namadla egwavuma aququda izimali zomphakathi.
Bantabami, nina niwukukhanya esikhathini sokudideka. Niqhamuke ngesikhathi lapho umhlaba ungena esigabeni esinzima sokuzazi nokuzivikela. Abadala kini bayakhumbula ukuthi lo Mkhosi ongeminye emidala e-Afrika ngiwuvuselele ngonyaka we-1984. Lona kwaba ngunyaka lapho umhlaba wazithola ubhekene nokuqala kanjalo nokubhebhetheka kwesifo sengculazi. Uma lo Mkhosi uqala, waqala njengoMkhosi wamasiko kepha wagcina njengoba sazi usuwamukelwa njengesinye sezixazululo empini yokuvika ingculazi.
Lokhu ngikubalula ngoba ngesenu isikhathi ningcina isiko lapho njengonyoko izwe nomhlaba livika ubhubhane. Umbuzo uthi ngabe ukwenza kwenu ngonyaka wezi-2020 kuzokwazi yini ukuletha isixazululo njengoba kwabanjalo konyoko nogogo benu ngonyaka we-1984.
Mina njengeNkosi yenu ngiyakholwa ukuthi izintombi zoMhlanga ngowezi-2020 zingaba yisixazululo. Isibonelo nje namuhla ngiqoke izintombi ezingamashumi amathathu ukuba zize lapha eNyokeni namuhla. Omunye uzothi kungani lezi zintombi. Impendulo ithi lezi eziqokwe lapha okokuqala; zimele amakhulu ngamakhulu asemakhaya engaziyo ukuthi ngezinhliziyo zilapha. Okwesibili ngikhethe lezi futhi eseziya kogana ngoba ngifisa ukwedlulisa umlayezo othize nomqoka. Lo mlayezo uqhakambisa isakhiwo somndeni.
Esikwenzayo thina njengabeNguni bakaZulu wukuqinisa isakhiwo esingumndeni. Njengoba nisuke nisebancane nje niqala ukuhamba uMhlanga nisuka emindenini. Nifike komama abanelusayo oNomehlo nakhona nibe ngamalungu omndeni wezintombi zoMhlanga bese kuthi uma senilapha eNyokeni bese niba ngamalungu omndeni omkhulu waseNdlunkulu.
Njengoba lezi zintombi ezingamashumi amathathu nje ezilapha ziyogana zisuka emindenini ziya kweminye imindeni nayilapho ziyoganela khona. Ngiyakholwa ukuthi ngalo Mkhosi singabuyisela isakhiwo somndeni endaweni yaso ehloniphekileyo. Lokho singakwenza uma seseka izintombi zoMhlanga.
Ake nginilandise indaba ejulile abanye abangayinaki. Akekho umuntu onamandla omqondo njengentombi ehamba uMhlanga. Amandla omqondo wokuzithiba ahlangana nokuzihlonipha, ukuzazi nokwazi ukuthi ufunani empilweni. Abanye lapha phandle bebadala bahlulwa yizintombi zoMhlanga zona ezikwazi ukulwa nengcindezi yabangani zime ebuntombini bazo. Lokhu kudinga inhlonipho ngoba siphila esikhathini lapho abantu behluleka ukuzithiba otshwaleni njengoba sibuka nje abantu bezihlaza nsukuzonke. Laba baswele amandla omqondo atholakala lapha ezintombini zoMhlanga.
Namuhla, lezi zintombi ezilapha zizovalelisa kwabo, kuyise neNdlunkulu yonke. Njengoyihlo neNkosi yenu, nonke neningekho lapha nina eniyogana ngiyanikhulula. Ngiyabonga ukuziphatha kwenu, inhlonipho yenu nokuthuthukisa ukuqonda ngesiko lethu. Yebo nina nezinkulungwane zabake bedlula lapha nibe ngamanxusa esiko.
Ukwenza kwenu kusikhongele abahlobo kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Abanye bebefika lapha ngoMkhosi besuka eGermany, e-USA, eBritain nakoChina. Ngingakhohlwa ngithini ngalabo bakwethu abebevela ezwenikazi i-Afrika. Bonke zingane zami bebekhangwe yinto eniyenzayo.
Senginikhululiel, bantabami, ngabe ngenza iphutha uma ngithi ngeneme ngokuphelele njengoba abanye benu beyogana nje. Njengomzali ngikhathazekile ngoba angibazi laba besilisa eniya kubo, angiyazi nemindeni yabo. Ukube bekuya ngami ngabe nabo balapha futhi belulekwe kahle ngokuthi umuntu wesifazane nentombi yoMhlanga baphathwa kanjani. Kubuhlungu kimi ukucabanga ukuthi ngikhulisa izingane zami kahle kanje ngizikhulisela kwenye inkathi abahlukumezi abazozibulala.
Kubuhlungu kuyeqaqamba ukuthi ngithi zingcineni kutholakale ukuthi nizingcinela abantu abebengaziphethe kahle. Ngingezwa ubuhlungu obumangalisayo uma abanye benu bengathi bayogana kanti bengazithela emeveni kubantu abanezifo nabakade beziphethe kabi yonke le minyaka. Lobu buhlungu benziwa wuthando enginalo ngani zimbali zami, zimbali zesizwe.
Lokhu kungingenisa odabeni olungangiphethe kahle nani ngezingqwembe esenulibalulile. Ukuhlukunyezwa nokudlwengulwa kwabantu besifazane bayo yonke iminyaka kulichilo ngesikhathi sethu. Ukubulawa kwamadodakazi ami lapha eMthwalume kungenze ngama namahloni ukuzibiza ngeNkosi yabantu abanonya kangaka.
Amanye alawa madodakazi ami abemancane bheka nje izelamani zakwaGumede uNosipho (16) no-Akhona (25). UBaja Duma yena ubeneminyaka engama-23 nje vo. Akubona bodwa kepha kuyakhalwa sonke isifundazwe nakulo lonke izwe ngalesi sihlava. Kuyo yonke imindeni elahlekelwe ngithi phephisani kepha ningamukeli ukuthi lokhu kumele kube yindlela yokuphila. Asikho isizwe esifanelwe wukuhlonishwa nokuphila uma singabahloniphi abesifazane baso.
Cetshwayo oseKhowe, abukho uBukhosi okumele buhlonishwe uma bungasho lutho ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Akekho nohulumeni okumele avotelwe uma ehluleka ukuvikela abesifazane nezingane! Okunye okungiphatha kabi wukusetshenziswa kwegama lesiko ukuvikela amanyala. Lapha ngikhuluma ngalo mkhuba wokuthwalwa kwezingane. Namanje Zulu ngithi kasukume lo osazi isiko ukwedlula mina othi kwakulisiko likaZulu ukuthwala izingane. Yindlala enjani le eyenza umuntu athengise ngedodakazi yakhe endodeni endala? Ngumndeni onjani lo owamukela ingane njengomfazi? Abanye baze bathi bayobonga indaba ngoba ingane isiganile besho amachilo!
Impela sesithenwa yikho ukuthi sihlonipha imithetho le ekhona, mina nje (Zwelithini) bengizoyithela kubo abadlwenguli laba kuthule du. Asizobuswa yimigodoyi lapha kuthulwe bese kuthiwa inamalungelo. Kuthi uma inja le isiboshiwe bese iphenduka ivaka izikhunge izibulale ngoba isaba ukubhekana namacala.
Aphi amadoda akwaZulu? Selingabuswa ngamathimboxo lona leli lamadelamzimba neZinyandezulu kuthulwe nje. Awu ngisasho ukuthi ake nginikwe noma yisonto nje ngilibuse lonke bese nibuye nilithatha. Impela nezinsizwa zami singalibangula nali iva.
Zingane zami, bantu besifazane baseNingizimu Afrika nginani. Ngiyonivikela kuze kube sekugcineni. Lokhu ngikwenza ngoba ngazi ukuthi obulala nina ubulala isizwe. Obulala nina ubula uZulu, ubulala iNingizimu Afrika ne-Afrika jikelele. Lempi ingeyami futhi ingeyawo wonke umuntu ozibiza ngoMzulu.
KuMakhosi ezizwe nezinhlaka zoBukhosi lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ngithi asinciphise ilungelo labadlwenguli nabahlukumezi. Kwabemboni yamatekisi, kubashayeli nabanikazi bomsebenzi ngithi ingangani manje ngabagibeli benu laba abahlukunyezwayo, kanti futhi ngodadewenu, omkenu nogogo benu. Kosopolitiki abashaya umthetho ngithi alinciphe ilungelo lomdlwenguli. Shayani imithetho elinciphisayo hhayi lokhu esikuzwayo kokuthi inja indlwengula abantu bese kusasa ibonakala emphakathini itanasa nje? Ngisabuza aphi amadoda uma sizwa lokhu?
o noMasipala. Ngiyabonga nakoHulumeni kwezinye izifundazwe ngokweseka. Kosomabhizinisi nakubo siyabonga. NakoHulumeni bamazwe ngamanxusa awo aseseka njalo. Ngibonga ngokukhethekile inxusa laseChina elamukela ukusebenzisana nami nokwaqala amaxhama okuxhumana namuhla asekhiqize izinhlelo eziningana.
Ngala magama amafushane Zulu ngithi umzabalazo esibhekene nawo wukhuvethe elingumkhuhlane nokhuvethe lokuhlunkunyezwa kwabesifazane. Kokubili lokhu kukhomba inhlekelele okumele sibhekane nayo ngqo, uZulu usuphakathi kule mpi ngimema nezinye izizwe ukuthi zingenelele siyikake, ngiyabonga!