Kusolwa ukungenelela kuMphathiswa esibhedlela



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Ngemuva kokuhamba kowayenguMphathiswa Wezempilo KwaZulu-Natal uDkt uSbongiseni Dhlomo, okuwuMnyango abesewuphathe amahlandla amabili ngaphandle kokuphazanyiswa, kube nethemba kwabakulo mkhakha ukuthi izinkinga ebekukhonjwa yena ngazo zizoncipha.
Nokho kubukeka ukukhala kuqhubeka nangaphansi kukaMphathiswa omusha okunguNkk uNomagugu MaSimelane Zulu ikakhulukazi ezinsolweni zokugxambukela ohlelweni lokuqokwa kwezikhulu zezibhedlela.
Lezi zikhalo ziqhamuka nje naye uMaSimelane Zulu ucashunwe ekhononda ngoDhlomo komunye umhlangano ethi usekhathele nguye ngoba uzama ukulawula uMnyango ngisho esengasekho kuwo.
Labo abamcaphunile bathi usebenzise isisho samaNgisi sokuthi; “uDhlomo uselawula uMnyango ngisho esesethuneni” nokuyinto emsebenzisa kabi leyo.
UMaSimelane Zulu useqede unyaka ekulo Mnyango kodwa sekunokukhononda ngendlela anokwenza ngayo izinto abanye abathi ilandela lena okwakukhalwa ngayo kuDhlomo.
Esinye isehlo sakamuva sithinta isibhedlela uMseleni esingaphansi kwesifunda uMkhanyakude obekufanele kuqokwe iSikhulu Esiphezulu saso kodwa uhlelo kuthiwa lumiswe ngomzuzu wokugcina sekumele kumenyezelwe ozothatha ngoba sekugxambukele uMphathiswa uMaSimelane Zulu wathi akuqalwe phansi.
“Kunobaba obambe kwesinye isibhedlela esiseGoli okunguye uMphathiswa amfunayo. Manje okubi ukuthi izinhlelo esibhedlela aziqhubeki ngendlela ngoba akekho umuntu osebenza ngokugcwele oyiSikhulu Esiphezulu. Kunomama obambile njengamanje okunguye obephumelele kunhlolokhono okuthiwa umama uTR Sibisi. Kuthe uma izikhulu zesifunda sezikugunyazile ukuphumelela kwakhe inhlolokhono, kwafika uMphathiswa wathi akuqalwe phansi. Inkinga yakhe ukuthi lo baba waseGoli amfunayo wayengasifakanga isicelo yingakho sekunje isibhedlela kuze kube manje singenaso iSikhulu Esiphezulu,” kusho umthombo.
Izikhulu eziphezulu zezibhedlela kuthiwa zinamandla amathenda asuke ephuma ngaphakathi ezibhedlela nokwenza abaholi abaningi ikakhulukazi abakwezombusazwe nosomabhizinisi bafune ukusondelana nabo.
INkosi yesizwe sakwaMabaso uThuthukani Mabaso ithe nabo kubaphethe kabi ukuthi babone uhlelo selumisiwe ekubeni bebezitshela ukuthi uNkk uSibisi nguye oqashiwe.
“Nakuba ngingeke ngingene kakhulu kulolu daba kodwa senziwa isikhangiso kwachazwa ukuthi kufunwa umuntu onjani. Nathi sabanethemba lokuthi ekugcineni sizoba naso iSikhulu Esiphezulu ngoba sekuphele iminyaka lesi sibhedlela singenayo inhloko. Kunalokho abantu abasuke belethiwe ababambayo bese bebuye behamba. Kuthe sesizitshela ukuthi ukhona umuntu oseqashiwe sabona futhi sekukhangiswe kabusha saxakeka ukuthi inkinga ibekuphi. Sizwe sekuthiwa sengathi isifundazwe esiikhiphe umyalelo wokuba kuphinde kukhangiswe,” kusho iNkosi uMabaso.
Iveze nokuthi kulesi sibhedlela sekuqala ukuba nozinzo ngoba besekukaningi bencenga umphakathi ukuba ungabhikishi kodwa intukuthelo inkulu ngenxa yezinto ebezenzeka kuso.
“Okunye kwakho bekuvele kuqashwe izinkampani zokupheka nokukhuculula isibhedlela ezivela eThekwini nakoMpangeni. Le nto yayisixaka ukuthi kanti abekho yini abantu bendawo. Kungani silethelwa abantu abasuka kude ekubeni nathi sinabo abethu? Ngisho nempatho yakhona kulesi sibhedlela ibithusa ngoba iziguli bezikhala ngokuxhashazwa kanti nami ngaze ngashonelwa isihlobo ngenxa yempatho engeyinhle . Udaba lwaso saluthatha salubikela owayenguMphathiswa uDkt uDhlomo ngoba sibona ukuthi isimo asisihle neze. Kuthe muva nje kwalethwa lo mama okhona njengamanje esimbona esebenza kahle kakhulu futhi nomphakathi nobuholi uyabubikela ngokuqhubeka kulesi sibhedlela. Yingakho kusethusile nokuthi akazange aqashwe ekubeni kunguye owayebonakala engumuntu ongathatha ngokugcwele,” kusho iNkosi uMabaso.
Inyunyana iDenosa ithe udaba lokuqashwa kwezikhulu eziphezulu ezibhedlela isike yakhulunywa noMphathiswa uMaSimelane Zulu kodwa iyakweshwama lokhu esikuzwa ngesimo saseMseleni.
UMnu uMandla Shabangu weDenosa uthe kuyinto abasazoqhubeka bayikhulume noMphathiswa lena yezikhulu eziphezulu ngoba ziningi izibhedlela ezingenazo kuze kube manje.
Ubale iNkandla, iChrist the King, iMseleni, ikwaMagwaza, iNorthdale, oSindisweni nezinye, wathi lokhu kuyabakhathaza ngoba kugcina sekubamba umhlengikazi othola ukuthi usenza imisebenzi emibli eyedwa nokwenza ukusebenza kwesibhedlela kuphazamiseke.
“Ngeke siwaqambe amanga lolu daba belungakafiki ezandleni zethu kodwa singasho nje ukuthi kula masonto edlule sibenomhlangano noMphathiswa Wezempilo lapho sixoxe khona kabanzi ngesimo sezibhedlela kodwa sifuna emhlanganweni olandelayo silufake lolu daba ngoba sivele aseneme ngendlela yokuqashwa kwezikhulu eziphezulu. Ngikusho lokhu ngoba eMkhanyakude uthola ukuthi iSikhulu Esiphezulu saseMseleni siqashwa isifunda bese esaseNgwelezane naseNkosi Albert Luthuli ziqashwe isifundazwe. Ngokwethu sifuna zonke izibhedlela zibike noma izikhulu zazo ziqashwe izifunda bese kuba yizo ezibikela isifundazwe,” kusho uShabangu.
Uqhube wathi ngesikhathi sikaDhlomo babenenkinga yokuthi izikhulu zezibhedlela ezaziqashwa kwakuvele kube umfundi obekade eseCuba noma kube udokotela kodwa labo abangabahlengikazi nesebekade babakhona babukelwe phansi.
“UDhlomo sayikhuluma naye le nkinga ngoba ubengumuntu obekholelwa ekutheni isikhundla sinikezwa udokotela, ubengayingeni indaba yabahlengikazi yize abanye benolwazi olunzulu oludlula elodokotela abesuke ebanikeza izikhundla. Namanje kuningi esifisa ukuba kulungiswe kodwa kusabamba indaba yokuthi kunokhuvethe nokwenza izinto eziningi ezikhulunywayo zigxile kulesi sifo,” kusho uShabangu.
Uthe uma kuyiqiniso okuyizinsolo ezishiwo ngoMphathiswa uMaSimelane Zulu zokuphazamisa ukuqashwa kwesikhulu eMseleni ngoba ephendlela umuntu wakhe waseGoli, lokho bazokusukumela.
Okhulumela uMnyango kulesi sifundazwe uMnu uNtokozo Maphisa uthe: “UMnyango ukhathazekile ngalezi zinsolo futhi uyazibuza ukuthi ziqhamuka kuphi futhi kuhlosweni ngazo.”
Uthe uMphathiswa akabi yingxenye yomsebenzi wokuqokwa kwabaphathi bezibhedlela kodwa kwenziwa iNhloko yoMnyango.
“Ngakho-ke, singakusho singananazi ukuthi lokhu okushiwoyo kungamampunge aqhutshwa abantu abazama ukuxova isimo,” usho kanje.
Uveze ukuthi uMphathi walesi sibhedlela uhambe ngasekuqaleni kukaMasingana nonyaka kanti uhlelo lokuqasha omunye luqalwe ngoNdasa kepha lwabambeka, phakathi kokunye, ngenxa yokhuvethe.
Uthe bangakuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyaqhubeka futhi kuzolandelwa yonke imigudu esemthethweni esingethe ezakwandabazabantu.
“UMnyango ucela ukunikwa ithuba lokwenza lo msebenzi ngaphandle kwezinkulumo ezinohlevane ngokungenasidingo,” ephetha.