Kwebiwe imininingwane: Izimpesheni zizothinteka ngqo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Nabathengi abayizigidi ezingama-24 kanye nezinkampani. USASSA uzovala amakhadi asePosini
INingizimu Afrika isobishini kokuningi. Kusuka kwezomnotho, ukhuvethe nezigameko zokucwasa. Nokho kukhona olunye ubushi olukhulu nokungabikwa kuyaphi ngalo. Mhla zingama-24 kuya zingama-27 kuNhlaba nonyaka kwebiwa imininingwane yabantu ababalelwa ezigidini ezingama-24 zabathengi kanye neyezinkampani eziyizi-800,000. Lapha kwebiwa izinombolo zomazisi, amakheli, izinombolo zocingo nama e-mail. Konke lokhu kwenzeka emveni kokuba inkampani ehlonishwayo emhlabeni egcina lolu lwazi i-Experian yaluthwa yagcina ikhiphe le mininingwane kumuntu okwatholakala ukuthi yisigebengu. Embikweni wale nkampani iyakuveza ukuthi yize lokhu kwenzeka ngoNhlaba kepha yona yakwazi ukuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle ngomhla zingama-22 kuNtulikazi.
Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi isigameko esinjengalesi sizophazamisa phakathi kokunye ukuholelwa kwezinkulungwane zabantu kuleli. Ingxenye yalaba bantu yilabo abathola imali yabo ePosini.
Ngokwencwadi ElaboHlanga elinayo nebhalelwe wonke amabhange amakhulu kuleli, inhlangano eyengamele ukukhokhwa kwempesheni kanye nezibonelelo zikaHulumeni iSouth African Social Security Agency (SASSA) isithathe isinqumo esinqala. Kule ncwandi ebhalwe ngomhla zi-3 kuMandulo wezi-2020 nesihloko esithi: Notification of Referral of SASSA Beneficiaries to Financial Institutions, amabhange ayaziswa ngesinqumo:
“USASSA uthathe isinqumo, esiqala manje, sokunqamula ukukhipha amakhadi asePosini akhishwa uSASSA kulabo abafake izicelo zamakhadi. Umyalelo ovela kwaSouth African Reserve Bank (SARB) uthi amakhadi asePosini akhishwa uSASSA asengcupheni enkulu kulandela izingqinamba nezinselelo ezenzeke ePosini (SAPO) naseBhange LasePosini,” kusho ingxenye yencwadi.
Umbhali wencwadi uyaqhubeka nokweluleka amabhange ngokuthi lesi sinqumo sisho ukuthi abantu bazofudukela emabhange nokungandosa isibalo samakhasimende. Lokhu kubukeka kungahle kuphazamise abacosha izibonelelo.
“Abaqalayo ukufaka izicelo zesibonelelo kuzodingeka ukuba baphathe abufakazi bezincwajana ezisemthethweni zama-akhawunti asebhange ezinamagama abo, ukuze bakwazi ukufakelwa imali yesibonelelo kulawo ma-akhawunti. Lokhu kuzosho ukwanda kwesibalo sabahlomula ngesibonelelo abeza ezikhungweni zenu ukuzovula ama-akhawunti amasha. Yingakho uSASSA efisa ukwazisa onke amabhange ukuthutheleka kwabantu mayelana nalokhu okuzokwenzeka kungakapholi maseko,” kusho incwadi.
Ukuwa kwenye ukuvuka kwenye
Lesi sinqumo sabakwaSASSA ngePosi kubukeka sizophazamisa izinhlelo ezisanda kwethulwa kanjalo nomkhankaso wokuba kube nebhange lombuso. Kuthangi lokhu abePosi bethule ubuxhakaxhaka bama-ATM obuzosiza ukwandisa izindawo zokuthola imali yesibonelelo sakwaSASSA. Ukwethulwa kwalolu hlelo kuqophe ukuqala kwePosi ukusebenzisa imishini yama-ATM engaphezu kwezi-10 000 engakhiphi imali etholakala ngisho eziphaza emalokishini nasemakhaya lapho abahwebi behlinzeka ngokwezimali.
IPhini likaNgqongqoshe Wezamaposi Nezobuchwepheshe Bokuxhumana Ngokwedijithali, uPinky Kekana, lithe ngesikhathi sesisombululo sama-ATM angakhiphi mali ehambisana negunya loMnyango lokuba liqinisekise ukusebenzisana nokusungulwa ngokobuchwepheshe. “Isisombululo sama-ATM angakhiphi mali sisiza kokuningi emphakathini futhi sizoqeda isiminyaminya esiba khona lapho kukhokwa khona isibonelelo sakwaSASSA,” kusho uKekana.
Nokho ngakolunye uhlangothi amabhange amakhulu kuleli iwona azohleka wodwa engaqali. Esethulweni sakhe esithi: ‘Why The Dominance of Big Players is Bad for South Africa’s Economy’, ungoti kweZomnotho eNyuvesi iWestern Cape, uSolwazi uMatthwew Kofi Ocran uthi kuleli:
“Umunxa wezokubhanga ulawulwa yizinto ezinhlanu. Ezine zazo ezingama-90% ngezezimpahla zomunxa wezamabhange. Eqhulwini kulokhu amabhange amakhulu abuye abe nezimeja ezilawula imboni yama-Unit Trust.
Amabhange abuye ahambisane nabomshwalense ngokusebenzisa izinkapani zawo. “Imboni yomshwalense ngokwayo iqhoqhobele izinkampani ezinhlanu ezinama-74% wemakethe yomshwalense wesikhathi eside. Kunjalo nje izimeneja eziyisikhombisa zezimali ezinkulu zilawula ama-60% otshalomali lwama-Unit Trust aphethwe.”
Lesi sithombe siveza umqansa uHulumeni oholwa wuKhongolose ozobhekana nawo ekuguquleni amandla omnotho kuleli.
Ukushweba kwePosi kusho okwamanje ukugeja umgodi kukaHulumeni njengoba kusho ukuthi lezi zikhondlakhondla kuzoqhubeka kube yizo ezihlomulayo. Khona lapho ubufakazi buningi obuthi abantu abaningi abazothinteka ngaboHlanga abazoqhubeka nokondla amabhange angaphethwe yibo.
Okunye lapho aboHlanga abangahle bathinteke khona kusezinhlawulweni ezibanjwayo uma bekhipha imali. Okungenzeka wukuthi aqale kancane kepha iqiniso lithi uhulumeni ngeke abe namandla okulawula manxa ibhange thizeni likhuphula imali leyo.
Ngamafuphi, izikhondlakhondla zamabhange zizosenga kabili, kuHulumeni ozobe efaka imali kuwo ukuze bakhokhe. Babuye basenge kulabo abazokhipha imali yabo yemphesheni nezibonelelo.
Umbuzo uthi ngabe sisazoba khona yini isikhala sebhange lombuso noma seliyofika selikhothuluza ingoloyi?
Ngesonto eledlule ElaboHlanga libike ngezinkulumo zokuvalwa kwesinye sezikhungo i-Thala Development Finance Corporation (i-Ithala) obekulindeleke ukuthi zingahle zibe yimpendulo embuzweni kaHulumeni wokwakhiwa kwebhange lombuso.
Lesi sikhungo esigxile kweleNdlovukazi uMthaniya, nonyaka sigubha iminyaka engama-60 sasungulwa ngenhloso yokuthuthukisa aboHlanga emalokishini nasemakhaya.