Now Reading
Umvundla ozikhundlakhundla: UNkk uMakhosi Khoza kwelinye iqembu
Dark Light

Umvundla ozikhundlakhundla: UNkk uMakhosi Khoza kwelinye iqembu

Abaqonda ipolitiki bathi ikusasa alaziwa njengoba izitha namhlanje zingabangane kusasa. Lokhu kufezeke ngesikhathi owayeyilungu lePhalamende ngaphansi kwe-African National Congress usejoyine i-Action South Africa , okuyiqembu elisungulwe nguMnu uHerman Mashaba owayeyiMeya yaseJohannesburg ngesikhathi esalilungu leDemocratic Alliance.

UNkk uKhoza onomlando omude ne-ANC uke waduma kakhulu ngesikhathi sophenyo lwePhalamende mayelana nokungaphathwa kahle kwenhlangano yokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation. Wazakhela ugazi kubantu baseNingizimu Afrika ngemibuzo ehlabayo ayeyiphosa ezikhulwini zeSABC. 

UMashaba wazakhele udumo ngokuba usomabhizinisi ovelele ngesikhathi sobandlululo ngenxa yempumelelo yenkampani yakhe iBlack Like Me, eyayikhiqiza imikhiqikizo yokunakekela izinwele zaboHlanga. Ukuqala kwakhe ukungena kwezepolitiki, wazibandakanya neDemocratic Alliance. 

Kwakunenkolelo kwabathile ukuthi ukujoyina kwakhe iDemocratic Alliance kwakungenxa yemizamo yalowo owayenguMholi waleli qembu uNkk uHelen Zille owayezama ukuthi iDA izikhandele amavoti ngokufaka ezikhundleni aboHlanga abahlonishwayo. 

Ngokuhamba kwesikhathi, uNkk uZille wabonakala kwabathile njengomuntu odlokodla isidleke semivi yobuhlanga ngenxa yezinto ayelokhu ezisho. Lezi zinto ezaziphimiselwa nguNkk uZille zazingahlali kahle kwaboHlanga, kubandakanya labo abangamalungu eDemocratic Alliance. Ukudla umhlanganiso kukaNkk uZille embangweni wesikhundla sikaSihlalo weFederal Council yeDemocratic Alliance kwasusa udungunyane ngaphakathi eqenjini. 

See Also

Kukhona abase bekubeke ngembaba ukuthi uma uNkk uZille ebuyela edla umhlanganiso ngeke bakwazi ukuhlalelana naye. Omunye walaba baholi kwakunguMashaba. Nembala kwaya ngamagama enkehli uMashaba wesula eqenjini,  emveni esesulile uMholi weDemoractic Alliance uMmusi Maimane walandela.

UNkk uKhoza uke wazama ukusungula iqembu lezepoltiki i-African Democratic Change, kodwa akuphelanga sikhathi eside kwasuka uthuthuva, wagcina ngokushiya kulelo qembu.

Scroll To Top