Sihle silothisiwe isidumbu sikamalugaju waseMthwalume



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Sizoshiswa isidumbu sikamalugaju waseMthwalume okuthiwa uzibulale ezitokisini zaseScottburgh ngemuva kokuboshelwa ukubulala ngesihluku inqwaba yabesifazane endaweni abanye babo abatholakala emihosheni imizimba yabo isiyonakele.
UMnu uMduduzi “Mafutha” Khomo uboshwe emuva kokutholakala kwesidumbu sesithupha ehlathini kuleya ndawo esisabangwa imindeni emibili owakwaMyezo nowakwaMyende ngenxa yokuthi satholakala sesonakele.
Kulindeleke ukuthi kwenziwe ulibofuzo ukuze kutholakale ukuthi esamuphi umndeni kule esiqhamukile.
Isinqumo sokushisa isidumbu sikaKhomo sithathwe umndeni ngoMsombuluko emuva kokuthi iNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal ixwayise aMakhosi ukuthi kungabibikho ezovumela ukuthi kungcwatshwe isidumbu sikaKhomo emhlabeni wayo ingabonisananga namanye nemiphakathi ngoba lokho kuyodala izinkinga ezingagcina zisuse uhlevane endaweni ngoba kunemindeni ehlukumezekile ngokulahlekelwa izihlobo ngendlela eyisihluku.
Lokhu kukhulunywe uSihlalo wale Ndlu iNkosi uPhathisizwe Chiliza ekugcizelele ukuthi uma kuba nesivumelwano sokuthi angcwatshwe kufanele izinduna naMakhosi endawo babonisane nemiphakathi kube nesivumelwano sokuthula.
Ithe ngalesi sinqumo ayisho ukuthi isidumbu sikaKhomo asidliwe izingwenya olwandle kodwa bona babheka kakhulu ulaka lwabantu nokuthi uma kungakhona iNkosi eyovumela ukuthi singcwatshwe emhlabeni wayo kungaba nohlevane endaweni.
“Yinto lena efuna ukuhlalelwa phansi izizwe zonke nomphakathi” kusho iNkosi uChiliza.
Ekhuluma neBAYEDE unina kaKhomo, uNkk uBacashephi Khomo, uthe ngenxa yokuthi usezintabeni kakukho lapho ezinze khona naye ubesesithathile isinqumo namalungu omndeni ukuthi sishiswe isidumbu sengane yakhe.
“Kasinandawo noma besiyithola ayikho iNkosi engavumela ukuthi sithi sifika endaweni sifike sesihamba nesidumbu, sesingcwaba kangangoba ngizozama ukuxhumana namakhaza lapho sigcinwe khona ngibuze izinhlelo zokushishwa kwesidumbu nokuthi lokho kuzodla malini,” kusho uNkk uKhomo.
Uthe uphila kanzima ngehlazo namanyala enziwe yindodana yakhe njengoba esephila okwenyamazana ebe engenzanga lutho. “Kodwa-ke ngiyaluqonda ulaka lomphakathi yize ubengathunywanga yimina ezigamekweni azenzile uMafutha kodwa yinto embi nenkohlakalo ukukhipha imiphefumulo yezingane zingenzanga lutho,” usho kanje.

Uveze ukuthi akaphilile uphatheke kabi emphefumulweni njengoba esezithola eseyinyamazane ngaphezulu kokuthi uhamba nengane encane njengoba ehamba elala lapho ehlwelwe khona.
Umndeni wakwaKhomo wafuduka eMathulini ngemuva kolaka lomphakathi owazwakalisa ukuthi uma uke wabamba umngcwabo uzosishisa isidumbu sikamufi.
Udingiswe iNduna yendawo uMnu uFico Shozi oshaya phansi ngonyawo ukuthi ngeke ube khona lo mngcwabo endawni yakhe ngoba uKhomo uhlukumeze kakhulu amalungu omphakathi.
Uthe akanalwazi lokuthi umndeni kamalugaju ubalekele kuphi kodwa iBAYEDE inalo ulwazi lwezinkalo lapho lo mndeni ubhace khona. Enye yaMakhosi ithe isazophenya ukuthi kukhona yini abantu abafikayo endaweni yayo.
“Sivumelana nayo iNkosi uChiliza ukuthi kungabi bikho nkosi ezothatha isinqumo yodwa ngodaba lokhuthi kungcwatshwe isidumbu sikamalugaju endaweni yayo ngoba phela uma ehlukumeze imindeni ngale ndlela usihlukuze sonke,” isho kanje.
Ithe ibingakatshelwa futhi ingakezwa ngokuthi kunabantu abangaziwa endaweni yayo kodwa ngeke iphike ngoba kungenzeka uma bengenile bangene bekhokhoba.
“Nisizile nisazise ngale ndaba ngoba sengitshele nezinye izinduna zezigodi ezingaphansi kwami ukuthi zihlale ziqaphile. Ngizowushayela noCogta ngale ndaba axwayise namanye aMakhosi,” isho kanje.
INduna uShozi iveze ukuthi umufi ubewuhlupho kakhulu kangangoba naseMathulini bebeke basikaza umxosha ngaphambilini kodwa waxolelwa.
“Ubehamba nathi imihlangano futhi naye aphawule uma sikhuluma ngomalugaju esimthungathayo futhi wayeyingxenye yemashi lapho umphakathi wawubhikisha khona ngenxa yalezi zigameko” kusho iNduna.
Ithe umndeni kaKhomo ubufika eMathulini usuka kwaQoloqolo lapho owahanjiswa ukuthi uKhomo wadlwengula intombazana kanti nalapho ubufika usuka eMabheleni.
Idalule nokuthi ngaphandle kolaka lomphakathi nomndeni wakwaCele uthukuthele kwazise yiwo owamukela abakwaKhomo endaweni babadayisela isiza.
ElaboHlanga lithole ukuthi kunesidumbu sengane yakwaCele uZodwa naso esatholwa ehlathini sibulewe ngale ndlela ngoMbasa wonyaka odlule. Kuthiwa uZodwa wayethandana nomfowabo kamufi uSandile abengezwani naye esaphila.
Kuthiwa uSandile wasibhala isitadimende eNkantolo yasoThuthwini futhi wawutshela nomndeni wakwaCele ukuthi obekumenza angakhulumi isikhathi eside ukuthi ubemesaba umfowabo.
Umholi wenhlangano engenzinzuzo iWomens of uMthwalume, uNkk uHlengiwe Gambushe, uthe kubuhlungu ukuthi icala liphelile ngenxa yobudedengu bamaphoyisa ngoba kwakumele amqaphe umsolwa ikakhulukazi uma esekhulumile wakuvuma ukubulala maqede wathi ziseziningi zidumbu ebesazozikhomba.
Uthe inkukhu iyawusola umgqakazo yize uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele edalule ukuthi uphenyo lwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) luveze ukuthi kakukho okusolisayo ngamaphoyisa, umsolwa uzibulele.