Now Reading
Ngabe seliphunyukile iqatha kubafana basePhefeni?
Dark Light

Ngabe seliphunyukile iqatha kubafana basePhefeni?

Kuzofanele izisole yona iKaizer Chiefs ngokuzifaka kwenkulu ingcindezi emveni kokuzihola isikhathi eside kuPSL

Umphumela wayizolo kusihlwa ushiye umbuzo wokuthi kungenzeka kuphinde yini okwenzeka ngesizini yangowezi-2013/14  lapho iKaizer Chiefs yaphucwa yiMamelodi Sundowns  isicoco seligi ngemizuzu yokugcina. 

 Kowayizolo obuse-Orlando Stadium, eGoli ezikaPitso Mosimane zishaye Amakhosi ngegoli elilodwa eqandeni. 

Lokhu kusho ukuthi la maqembu aseyalingama ngamaphuzu. Abambene phezulu ngangama-53. IChiefs iqhwakele ngenxa yokushaya amagoli amaningi angama-21 bese iDowns ibe nali-16. 

Uma kungagcina ngokuthi iChiefs iphunyukwe yilesi sicoco kubukeka kumele izisole yona. Yalahla amaphuzu kungenasidingo kubuywa ekhefini lokhuvethe  koweBloemfontein Celtic ishaywa ngamagoli amathathu kwelilodwa. 

Isanqobe umdlalo owodwa wePolokwane City eyawunqoba ngama-3/2. Idlale ngokulingana neBidvest Wits neStellensboch. 

IDowns iye kulo mdlalo iphuma ekushayeni iLamontville Golden Arrows ngeli-1 eqandeni. Yona idlale ngokulingana ne-Orlando Pirates neMaritzburg United yase ishaywa iCape Town City ngama-3/1. 

Womabili la maqembu asalelwe yimidlalo emithathu.

 NgeSonto, iDowns izodlala neBaroka FC, ilandele ngePolokwane ngoLwesithathu bese igcine kuligi ngeBlack Lepoard. 

Mhla ziyisi-8 kuMandulo ezikaPitso zizophinde zidlale kowamanqamu eNedbank Cup neCeltic. Uma ingayidla iNedbank neligi kungasho ukuthi ibe ngompetha bezicoco ezintathu njengoba iphinde ibe yizingqwele zeTelkom Knockout. 

Amakhosi aqeqeshwa u-Ernst Middendorp  kolandelayo, ngeSonto azodlala nezikaGavin Hunt, iWits. NgoLwesithathu azobhekana neChippa United bese evala ngeBaroka FC.    

Ngesizini yangonyaka wezi-2013/14 wonke umlandeli kanobhutshuzwayo wakuleli, wayeselibeka ngembala elokuthi iKaizer Chiefs iyona ezoba ngompetha njengoba yayilokhu iqendeleza esicongweni.

Kwakusele cishe imidlalo eyisi-7 ngaphambi kokusongwa kwesizini. Ngaleso sikhathi iChiefs eyayiqeqeshwa uStuart Baxter yayiqenqeleza phambili ngamaphuzu ali-10. IMamelodi Sundowns yayihlezi endaweni yesibili. La maqembu agcina etholene umdlalo wagcina unqotshwe iSundowns ngegoli elashaywa uTeko Modise osewathatha umhlala phansi. 

Okuqaphelekile okushaye Amakhosi  kowayizolo kube ukungabibikho kwezethenjwa zawo okungoSamir Nurkovic noLeornado Castro. 

Amabhola ahamba phezulu namaFree Kick bekungayisebenzeli  nakancane. Uma sigxila emdlalweni wayizolo,  zithe zisuka iDowns yahlasela kanzima. Ngomzuzu  wesikhombisa uDaniel  Akpeyi unozinti weChiefs ucishe walizwa ngendaba ibhola ebelikhahlelwe uHlompho Kekana. Nokho le nguzunga iphume eceleni. 

Kuso isiwombe sokuqala, okuqaphelekile ukuthi uKoketso Sifama obengene esikhundleni sikaKhama Billiat (okukhalwa ngokwehla komgqigqo) kugqame ukungabi nasipiliyoni kwakhe. Ubelahla amabhola singekho isidingo.  

 KuDowns obengekho uRicardo Nascimento. Bekukhona uMosa Lebusa.  Ngomzuzu weshumi uManyama ogijime waze uyephela umdlalo kungacaci wenzani,  ubuyise izinduku ededela inguzunga yeshodi elihlale ezandleni zikaKennedy Mweni ongene esikhundleni sikaDenis Onyango olimele.  

Ngoweshumi nambili,  uManyama uphinde wanika uBenard Parker ibhola abhekane kulo nonozinti kodwa wancama ukuphasa ibhola esikhundleni sokulibeka phakathi.  Selokhu uqalile lo mdlalo ilona thuba ebelilihle ukuwedlula wonke. 

 Kuzokhumbuleka ukuthi emlenzeni wokuqala weligi Amakhosi anqoba ngamagoli amabili eqandeni. Avalelwa uSamir Nurkovic. 

Ngowe-19 u-Akpeyi wenze omkhulu umsebenzi evimba iFree Kick ebishaywe uLyle Lakay. Amanzi abefakwe endlini uYagan Sasman eshaya uGastino Sirino ngaphandle nje kancane kwebhokisi. 

See Also

Ngomzuzu wama-34, esiwombeni sukuqala. uThemba “Mshishi Zwane” uphasele ibhola ngobukhulu ubuchwepheshe eliphasela ngesithende uSirino ongacucuzanga walibeka enethini. 

Kakuphelanga sikhathi esingakanani uNgcongca walibala ukucucuza esebhokisini kumele ashaye elesibili waze wamakwa uSasman. Ngemuva kwegoli bese iSundowns iqale phansi ukuthelwa ngezibonkolo kwagqama amaphutha ezitobheni zeChiefs. Sekuzoyiwa ekhefini uKekana uphasele uSerino ophinde wabukisa ngoMatoho, kwasiza u-Akpeyi onwebeke balithatha ezinyaweni ibhola.  Esikhathini esengeziwe ngaphambi kwekhefu uKambole udlale ngomsebenzi esebhokisini, walibala ukutatazela. 

 Njengoba bekulindelekile esiwombeni sesibili iChiefs ibuye noBilliat ongene esikhundleni sikaLazaruos Kambole, uDumisani Zungu ongene kwesikaSifama bese kwathi u-Anthony Agay wangena kwesikaWillard Kasande

Ekuqaleni kwalesi siwombe uParker ubingelele iDowns ngenguzunga yoshodi kodwa kwasiza uMweni oliphebezili.  Ngowama-56 uZuma uhluleke ukuqedela uqekelele okhahlelwe uMatoho. 

 Ngomzuzu wama-63 uPitso ukhiphe uZwane wafaka u-Andile Jali. Uphinde wakhipha uSerino wafaka uLebohang Maboe

Ngowama-75 iChiefs ifake uPhilani Zulu ongene esikhundleni sikaKgotso Moleko. Eqeda nje ukungena uZulu, ozakwabo uSasman noMotoho bamakane bodwa, uMaboe wacishe walivalela phakathi. Kusize insimbi yepali. 

Ngowama-78 iDowns ikhiphe uSphelele Mkhulise yafaka uPhakamani Mahlangu. Iphinde yakhipha u-Ali Meza yafaka uTebogo Langerman obezoba yisitobha sesihlanu.  Iphinde 

ngowama-81, u-Agay uzibizele ikhadi eliphuzu eshaya ngendololwane uLakay. UPitso uphinde wagqisha ngoWyne Arendse wakhipha uKekana.  

Esikhathini esengeziwe iChiefs bese ingena ngamawala, Abadlali abanjengoBilliat beshaya ngamakhanda amabhola ahamba phezulu. Izitobha ezingoMatoho seziphenduke abagadli.  UZuma ongene ngesiwombe sesibili ube nebhadi elimala. Esikhundleni sakhe kungene uRamahlwe Mphahlele.  

Scroll To Top