Now Reading
Umsindo ngokusebenza kwegama laMambazo
Dark Light

Umsindo ngokusebenza kwegama laMambazo

Kusolwa uMasipala waseMnambithi okuyi-Alfred Duma KwaZulu-Natal ukusebenzisa igama lomholi weqembu leSicathamiya okuyiLadysmith Black Mambazo ukuzixebulela umkhomo emalini okufanele isize umphakathi ngezidingo zentuthuko.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi amakhansela e-Inkatha Freedom Party (IFP) ezwakalise ukucasuka kwawo kulo Masipala ekhala ngokuthi noma sekwenziwa uphenyo kodwa awaboni ukuthi luzosiza ngani ngoba kugcina kungaboshwanga muntu.

Umholi wekhokhasi yamakhansela e-IFP, e-Alfred Duma, uMnu uMthokozisi Khoza uthe bakusho lokhu ngoba isingaphezulu kwezigidi ezilishumi imali esichithwe uMasipala ngegama likaSolwazi uJoseph Shabalala kodwa akukaze kucace ukuthi yenzeni.

Sekuphele  unyaka selokhu uMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal, uMnu uSipho Hlomuka, ujube uphenyo olubucayi olwenziwa iMdledle and Incoporation Associates ukuze kuvele ngezinsolo ezahlukene ezithinta ukukhishwa kwemali eyizigidi ezinhlanu okuthiwa zanikelelwa iMambazo kodwa kungalandelwanga imigudu efanele.

UKhoza uthe sekufike lapho bebonakhona ukuthi nalolu phenyo aluzukusiza muntu kodwa luzovala abantu amehlo ukuze banganaki.

“Okwenza sisho lokhu singamakhansela e-IFP ukuthi sekube nezikhathi eziningi kuphenywa lapha e-Alfred Duma kodwa kuze kube namhlanje akuboshwa muntu. Njalo uMnyango ujuba uphenyo  nalo oludla izizumbulu zemali kodwa ekugcineni akekho oboshwayo. Yingakho nakulokhu singathembi ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Singasho nje ukuthi kusiphatha kabi ukuthi njalo uMasipala uma ufuna ukudla imali kusetshenziswa igama likababa uShabalala. Kusuka ngowezi-2016 singene emkhandlwini, asisazi ukuthi malini esikhishiwe okubhalwa phansi ukuthi isuke izoxhasa izinhlelo ezithinta ubaba uShabalala neMambazo. Muva nje kuthiwe kuzokwakhiwa isikhungo esizobizwa ngobaba uShabalala ukuze kusizakale intsha yethu ngokuqeqeshwa kwezobuciko kodwa kuze kubemanje lesi sikhungo asikaze sakhiwe. Selokhu kwagcina kungene ugandaganda uzogugula kwaphela kanjalo. Okusixakayo ukuthi indawo ekaMasipala nemali eyizigidi eziyishumi yagunyazwa ukuze kwakhiwe lesi sikhungo kodwa kuze kube namhlanje kusuka ngowezi-2016 kusenziwe isiza kuphela,” kusho uKhoza.

Uthe inkohlakalo eyenzeka kulo Masipala isidala ukuthi uMkhandlu ubenenkinga yezimali njengoba ngesonto eledlule kugcine sekunombhikisho obuholwa inhlangano iNational Peoples Ambassodor (NPA) eholwa uKhansela uNathi Mthethwa noBumbano lokuThula okuyinhlangano eholwa uDkt u-Andile Hlatshwayo evamise ukulwa nodlame lwamatekisi.

See Also

Lez zinhlaka zona bezilwa nesinqumo sokuxoshwa kwezinye zezisebenzi ngoba uMasipala ukhala ngokuthi imali awusenayo ngakho awusakwazi ukuqhubeka nokuziholela.

NgoNdasa iDemocratic Alliance (DA) ihlabe ikhwelo lokuba iMeya uVincent Madlala wakulo Masipala kumele akhonjwe indlela ngoba bemsola ngokuthi umehlule umsebenzi wakhe. I-DA yenze lesi siphakamiso ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho womphakathi othathe amasonto amabili, izakhamuzi zikhala ngenkohlakalo abathi idla lubi nokungayiswa kwezidingo emphakathini. 

Imizamo yokuthola uMasipala noMnyango ukuze baziphendulele igcine isamile ngenxa yokuthi izingcingo bezingabanjwa.

Scroll To Top