Ikhansela lisola uzakwabo ngokulisenga imali yezingane



UMoshoeshe uyintatheli engxile kwipolitiki nezomphakathi.
Ngesikhathi isithunzi sosopolitiki kuleli siphansi ngenxa yezinsolo zokubandakanyeka kwabo ezenzweni zenkohlakalo, izinsolo ezishaqisayo ezithinta osopolitiki neqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal. Lezi zinsolo zivele emuva kokugonyuluka kwelinye lamakhansela eDemocratic Alliance (DA) eMkhandlwini Omkhulu iZululand. Khansela ndini leli liyilungu lekomiti lezethenjwa zemali yomkhandlu iMunicipal Public Accounts Committee (Mpac) kanti futhi uyilungu leSigungu Esilawula uMkhandlu i-Exco.
Ikhansela uMfanafuthi Mhlungu lidalule ukuthi kunomuntu obekade edla imali yalo (yezingane zakhe) ngesikhathi esenguSihlalo weMpac ngonyaka wezi-2016. Uthi ubegwaziswa ingxenye yemali eyizi-R10 000 abe yithola njengoSihlalo waleli komidi ngaphandle kweholo lakhe ebeliyizi-R16 000 ngaleso sikhathi. Uthi usengwe iminyaka emibili yonke okushaqisile nokho engxoxweni abe nayo nelaboHlanga wukuthi ubegilwa ngumuntu obenguzakwabo eqenjini. UMhlungu ekhuluma nelaboHlanga uthe obemsenga nguMnu uSbu Nkosi ongaselona ilungu lenhlangano yakhe.
Leli khansela lithi ligonyuluka ngalokhu nje sekulimi emphinjeni ukuthi umuntu ayemsenga usehamba lapha phandle engcolisa igama lakhe. UMhlungu kaphiki ukuthi kwaba nesivumelwano noNkosi ngesikhundla lesi nathi kwenzeka ngesikhathi esanda kudliwa yizembe enhlanganweni ngamacala okungaziphathi kahle ababe bekwe wona yinhlangano ngokuzama ukuphikisana nesinqumo seMeya uMfundisi uThulasizwe Buthelezi sokubeka amacala lowo owayeyiMeneja yoMkhandlu uMnu uS.B. Nkosi yize babe nesivumelwano abasenza beyinhlangano ngowezi-2016 sokusebenza ngokubambisana ne-Inkatha Freedom Party (IFP).
Ngale kwalokho udalule ukuthi sikhona nesinye isamba amkhokhela sona esibalelwa ezi-R20 000 njengoba kwangena imali yezinyanga abazisebenza ekomidini le-Exco ngenxa yokuthi kwake kweqa izinyanga bengakukhokhelwa ukuba amalungu ekomidi.
“Okungicikayo nje nokudala ngenze lokhu ukuthi sengikhathele ngoba manje konke lokhu esasikwenza sekujike ngami, uhamba ekhuluma ngami nakubangani bethu kabasangibheki ngoba uthi imina engamxoshisa eqenjini,” kusho uMhlungu.
Umlando wabo wepolitiki
Uthe uNkosi bakhule bonke eMondlo bengabangani kangangoba uyena omkhulisile kupolitiki.
“Kuthe ngonyaka wezi-2018 ngesikhathi iMeya yoMkhandlu izama ukubeka amacala lowo owayeyiMeneja yoMkhandlu uNkosi kwaba nokuthi uma kuxoxwa lolu daba yisithangami samakhansela thina sasivele siwudube umhlangano kwaze kwaba kane amahlandla elandelelana,” kusho uMhlungu.
Uthe lokho kwakungahambisani nomyalelo wenhlangano yakhe esifundazweni njengoba wawuthi abahlale emhlanganweni bengamakhansela ngaphansi kwesivumelwano abasisayinda sokusebenza ngokubambisana ne-IFP.
“Thina kasikwenzanga lokho nangokomyalelo weqembu lapho sagcina sibekwa amacala sonke singamakhansela eDA ayisi-6. Mina noNkosi sanquma ukulwa udaba ngabameli kwaze kwathi amanye amakhansela amane axolisa futhi axolelwa kwangabi ndaba zalutho,” kusho uMhlungu.
Uthe balahlwe yicala nalapho banikwa izinsuku ezili-14 zokuphikisa isinqumo sokulahlwa kwabi yicala. “Yilapho ngibe sengibhala incwadi ngiyibhalela umholi weqembu eSishayamthetho uMnu uFrancois Rogers ngayithumela nakuFederal Legal Commission kuzwelonke ngixolisa ngabuye ngadalula ukuthi konke ebengikwenza ngikwenze ngaphansi komyalelo kaNkosi obenguSihlalo weKhokhasi ebengicabanga ukuthi kulungile kanti ngiyaphambuka.
Kuleyo ncwadi ngadalula nokuthi nginomndeni obheke mina futhi ngiyazivuma zonke izono zami ngizimisele ukujeziswa. Ubuholi bangifonela bangibuza ngencwadi engiyibhalile ngavuma babe sebungithumelela incwadi eveza ukuthi ngixolelwe kodwa ngahlawuliswa imali engangezi-R10 000.
“Empeleni kwenzekile lokho kwaze kwafika la ngikhathala khona ngenxa yezinkulumo zokuthi imina owamjikela ngamxoshisa uMnu Nkosi enhlanganweni,” kusho uMnu Mhlungu.
Uthe emuva kwalokho kube sekuvuleka isikhala sekhansela lekhokhasi nalapho kwaphinde kwakhangiswa nesokuba usihlalo kuMpac. “UMnu Nkosi wafika kumina wangitshela ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi ngingena ngempela kwenzeka njengoba esho kodwa wathi uzofuna ngalokho ngimkhokhele izi-R5 000 wemali engangizoyithola ngaleso sikhundla njalo ngenyanga,” kusho uMhlungu.
Uthe uNkosi waze wadalula ukuthi ufuna ukukhokhela kumbe ukuthenga imoto encane ngaleyo mali.
Uthe kusukela ekudinweni kwakhe ukwenza lokho isimo siye saba muncu njengoba kuyimanje abangani babo sebemthatha ngenye indlela kangangoba usesabela impilo yakhe njengoba esegcine ebikele amaphoyisa aseMondlo ngalolu daba.
Edalula okuhlangene namathenda
Uthe okudale ukuthi adalule lokhu yukuthi akasebenzisani nezinkampani zamathenda ukuthi uyasola ukuthi uNkosi zikhona izinkampani ezazimnikeza imali yamathenda ngoba ngelinye ilanga beseRichards Bay emcimbini kaMasipala wabona unogada kaNkosi ephethe ushekhasi kumbe iphepha lesitolo sokudla.
“Lo nogada wayekhuluma sengathi kunabantu abafuna ukubadlisa ushevu ngoba wayecabanga ukuthi kunokudla kulowo shekhasi.
Kodwa kwabakhona nje into ethi ake ngiyobheka ngafika kunenqwaba yemali engingakaze ngiyibone kuze kube yimanje,” kusho uMhlungu. Uthe wacasuka kabi uNkosi ukuthola ukuthi uyibonile leyo mali kangangoba wagcina eye endlini ayelele kuyona wayombuza ukuthi uboneni emotweni.
“Ngamtshela iqiniso kodwa wabe eseshintsha ethi yimali yezinkampani ezisiza iqembu njengoba kwakusondele ukhetho kodwa wathi uzoyitshela inhlangano ngaleyo mali kodwa lutho kuze kube uyaxoshwa,” kusho uMhlungu.
Uthe ngemuva kwalokho uNkosi wambuza ukuthi unawo yini uphethroli wokuphindela emuva.
“Ngathi mina cha mncane enginawo lapho anginikeza izi-R10 000, nami ngawuthatha ngoba yimali engiyiphiwe kodwa ngababikela abanye abaholi besifundazwe ngalokhu,” kusho uMhlungu.
UNkosi ukuphikile ukuthi uke wanikezana ngemali noMhlungu wathi akakaze nje futhi akazi ukuthi ukhuluma ngani.
“Kunzima ukuthi ngiphendule akubhale enkundleni yezokuxhumana ngoba akalibhalanga igama lami kubi-ke ngoba akhuluma ngako kangikwazi ngoba angikaze ngimnike mali futhi ngithathe imali kuyena” kusho uNkosi.
Ukuvumile ukuthi bangabangani kodwa wathi ngeke amshayele ucingo ngakuzwayo ngoMhlungu ngoba kuzoba sengathi uyamsabisa kodwa wathi uma behlangana uzombuza ukuthi kanti konakele kuphi.
“Angazi noma udliwa unembeza yini ngoba uyena olokhu ehamba ebhala mina ngizithulele nje ngibukile kodwa ngiyalazi lona iqiniso liyazivelela futhi liyovela ngelinye ilanga,” kusho uNkosi.
Uthe uzokhuluma uma sekufika isikhathi kodwa manje usahlela ukuthi ubuya kanjani kwezombangazwe kanye naliphi iqembu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uCaptain uNqobile Gwala, uthe empeleni ukhona umbiko obhalisiwe emaphoyiseni aseMondlo ekungelona icala njengoba uMhlungu enqabile ukulivula.