ISudan ingahle ikhishwe ohlwini lwabanswinywayo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNdunankulu waseSudan ngesonto eledlule uthe leli zwe selikulungele ukusebenzisana ne-International Criminal Court (ICC) ukuze labo abasolwa ngamacala ezempi eDarfur bezokwazi ukuvela ngaphambi kwale Nkantolo.
Okuvelile futhi nokuhambe phambili ukuthi ohlwini lwabasolwa igama laloyo owayenguMengameli waleli lizwe uMnu u-Omar al-Bashir liyavela.
U-Al Bashir, osejele eKhartoum selokhu anqotshwa ngemuva kwemibhikisho yezakhamuzi zaleli lizwe ngonyaka odlule, ufunwa i-ICC ngezinsolo zamacala empi, amacala okubulawa kwenqwaba yabantu kusetshenziswa ubuhlanga namacala okwephula amalungelo abantu eDarfur engxabanweni eyaholela ekubulaweni kwabantu abayizi-300 000.
UHulumeni waleli lizwe wafinyelela esivumelwaneni namaqembu abavukeli ngenyanga kaNhlolanja ukuthi bonke abasolwa abahlanu be-ICC bakuleli zwe kwakumele bavele enkantolo kepha uNdunankulu uMnu u-Abdalla Hamdok wayengazange aqinisekise esidlangalaleni isimo saleli lizwe ngalolu daba.
“Ngiyaphinda ngiyasho ukuthi uHulumeni uzimisele ukusebenza ne-ICC ukwenza ukuthi labo abamangalelwa ngamacala empi nangamacala okuphula amalungelo abantu bakwazi ukufinyelela kubo,” kusho uNdunankulu uHamdok kuthelevishini ngosuku kugujwa usuku angena ngalo kuleli hhovisi.
UHulumeni woguquko wakuleli lizwe owuhlelo lweminyaka emithathu lokusebenza ndawonye phakathi kwezakhamuzi kanye nezombutho oholwa nguHamdok uphinde wathi sebesondele ekutholeni isivumelwano sokuthula namanye amaqembu abavukeli aseDarfur, okuyisifunda esikhulu esingacishe silingane neFrance. UHulumeni uthe kulindeleke ukuthi amanye amaqembu abavukeli asayine isivumelwano nawo ngomhla zingama-28 kuNcwaba.
UNdunankulu uHamdok enkulumweni yakhe uphinde wathi leli lizwe selisondele kakhulu ekutheni lisuswe ohlwini lwezwe i-United States of America (USA) lwabaxhasi bamaphekula. Umthombo osezinhlakeni zikaHulumeni wase-USA uthe kunokuxhumana okukhulu nabaphathi base-USA mayelana nokususa iSudan ohlwini futhi kulindeleke ukuthi kube nenqubekela phambili enkulu emasontweni azayo.
I-USA yafaka iSudan ohlwini ngonyaka we-1993 ngemuva kwezinsolo zokuthi uHulumeni owawuholwa u-Al Bashir wawuxhasa amaqembu amaphekula ngaleso sikhathi.
Lokhu kufakwa ngaphansi kwalolu hlu kwakusho ukuthi iSudan yayingeke ithole usizo lwemali ku-International Monetary Fund (IMF) kanye nakuWorld Bank.