Now Reading
Abase china baphonsela inselelo iMelika ngemvelaphi yokhuvethe
Dark Light

Abase china baphonsela inselelo iMelika ngemvelaphi yokhuvethe

Isazi esiphakeme saseChina sithe i-USA kumele ibe seqhulwini esigabeni esilandelayo sokuphenya ngemvelaphi yokhuvethe ngemuva kokuthi ucwaningo lukhombise ukuthi lesi sifo kungenzeka ukuthi sasakazeka lapho ngoZibandlela kowezi-2019, ngokusho kwabezindaba bakaHulumeni ngesonto eledlule.

Ucwaningo, olushicilelwe ngesonto eledlule yi-US National Institutes for Health (NIH), luveze ukuthi okungenani abantu abayisikhombisa ezifundeni ezinhlanu ezihlukene zase-USA bangenwe yiSARS-CoV-2, igciwane elidala ukhuvethe, emasontweni ngaphambi kokumenyezelwa komuntu wokuqala onokhuvethe.

UZeng Guang (osesithombeni), udokotela oyinhloko wezifo (epidemiologist) eChinese Center for Disease Control and Prevention, wasebenzisa iphephandaba eliphethwe nguHulumeni iGlobal Times ukuthi sekufanele kubhekwe kakhulu e-USA manje, eyahamba kancane ukuhlola abantu kusaqala ukubhebhetheka kokhuvethe futhi leli lizwe ilona eliyikhaya lamagumbi okucwaninga ngokuphilayo (biological laborities). “Zonke izifundo eziphathelene nezikhali zokuphilayo (bio-weapons) izwe elinazo kufanele zicutshungulwe,” ucashunwe esho kanjalo.

Ephawula ngalolu cwaningo ngoLwesithathu esontweni eledlule, okhulumela uMnyango Wezangaphandle uZhao Lijian uthe manje “sekusobala” ukuthi ukuqubuka kokhuvethe “kunemvelaphi eminingi” nokuthi amanye amazwe kufanele abambisane neWorld Health Organisation (WHO). Imvelaphi yalolu bhubhane isiphenduke umthombo wokungezwani kwezepolitiki phakathi kweChina ne-United States, kugxilwe kakhulu eWuhan Institute of Virology, esedolobheni (China) lapho kwaqala khona ukubonakala kwalokhu kubheduka ngasekupheleni kuka-2019.

See Also

Umbiko welabhorathri kazwelonke kaHulumeni wase-USA waphetha ngokuthi kusobala ukuthi leli gciwane liphume egumbini lokusebenzela laseWuhan, kubika iWall Street Journal ekuqaleni kwenyanga ephezulu. Ucwaningo lwangaphambilini luphakamise ukuthi kungenzeka ukuthi i-SARS-CoV-2 kungenzeka ukuthi yayizungeza eYurophu ekuqaleni kukaMandulo, kepha ochwepheshe bathi lokhu akusho ukuthi leligciwane aliveli eChina, lapho kutholakala khona izibalo eziningi zaleligciwane ezifana neSARS yasendle.

Scroll To Top