INtambanana : Ichilo elifihlelwe umhlaba
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Umklamo owabiza izigidi ezicela emashumi amabili usuphenduke imigede nezakhiwo ziyabhidlika
Igama eselahlala lisemlonyeni wosopolitiki nezisebenzi zikaHulumeni kuleli yilelo le ‘ntuthuko yezindawo zasemakhaya”. Abasuke bekhuluma ngalokhu basuke bakha isithombe esihle ngalokho okumele kwenziwe kulezi zindawo noningi lazo zisemgubaneni nasemeveni. Isifunda iKwaZulu-Natal sinazo lezi zindawo neningi lazo lingaphansi koBukhosi. Enye yazo yiNtambanana engamakhilomitha angama-30 ukusuka Empangeni neyakhelwe yizizwe zaMakhosi ehlukene kubalwa uBukhosi bakwaBiyela (Obuka), esakwaMthethwa, esakwaMthembu, esakwaCebekhulu kanye nesakwaMthiyane. Ngokumeywa ngamalungu omphakathi, elaboHlanga libabele kule ndawo nayilapho litshengiswe okushaqisayo.
Amalungu omphakathi abememe ElaboHlanga ngawakwaLuwamba neyingxenye yesakwaBiyela Obuka. Le ndawo yabe ihlonzwe uHulumeni waKwaZulu-Natal njengendawo eyabe izoba wubufakazi bokuzimisela kwawo ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya kanye nesibuko salokho okungenziwa uma kukhona ukubambisana phakathi kukaHulumeni, umphakathi kanye nezinhlaka ezizimele.
ILuwamba yakhiwe ngamapulazi aklanywe aba ngama-23. Ingxenye enkulu yale ndawo uyibona uma uqhamuka ngasesiteshini sesitimela iLuwamba. Okubona lapha kuyashaqisa njengoba yize udonswa amehlo yizakhiwo okusobala ukuthi zisanda kwakhiwa, uthi uma uphosa amehlo engxenye ubone ezinye izakhiwo esezalala utshani. Ngokulanda kwezikhulu zikaHulumeni namalungu omphakathi elaboHlanga elikhulume nabo, iphupho kwabe kuwukwakha indawo eyisizinda sentuthuko. Lapha ngokohlelo olwabe lukhona, intuthuko yabe izobonakala ngemfuyo enhlobonhlobo, izitshalo kanye nengqalasizinda.
Khona lapho kwabe kunezinhlelo zokwakha umtholampilo osezingeni lomhlaba nowabe uwumnikelo owabe uvela kwabakwaDivine Life Society. Kulo msebenzi abeDivine Life Society banikela ngezigidi eziyisi-R7 kanti umklamo wonke wabe uyizigidi ezili-R17.
Yazisa amalungu ayo ngaleso sikhathi abeDivine Society ngomnikelo wabo, yathi: “IDivine Life Society isanda kuvula iphrojekthi esezingeni eliphezulu eLuwamba, eNtambanana, endaweni yasemakhaya eseduze kwase-Empangeni. Kwaqala kwaba umsebenzi wokwakha umtholampilo, okuthe kusuka kwayiphrojekthi enkulu lapho izakhiwo nje kuphela zaziba ngamahektha amabili nengxenye. Izohlinzeka ezempilo ezidingeka kakhulu kanye nezinye izinsiza endaweni enobubha. Lo msebenzi wenziwa ngokubambisana noNdunakulu waKwaZulu-Natal. Inhlangano inikela ngezi-R7 000 000 (amaRupee ayizi-54 000 000) kulo msebenzi omkhulukazi.
“Inxakanxaka yezakhiwo yakhiwe ngezitini ezimhlophe izindonga ngaphandle zihlotshiswe ngamathayela ambalabala njengalawo esiwasebenzisa ezikhungweni iPeace & Skills Training Centres. Le nxanxathela izoba semqoka kakhulu futhi ibe wumsebenzi wezinga eliphezulu egameni loMfundisi wethu, uSri Swami Sivananda, owayengudokotela eMalaysia ngaphambi kokuthi aphindele e-India ayoba yindela. UMfundisi wethu ukufanele lokhu kuhlonishwa,” kuphetha abe-Devine Society.
Nokho ekufikeni kwelaboHlanga konke lokhu kwabe kungabonwa. Okwabe kusobala kwabe kuyizakhiwo esezicekelwe phansi nezinganakiwe. Kunalokho okubonakalayo kulo mhlaba umgwaqo oyitiyela omkhulu bese kuba isikhungo sezempilo esakhiwe ngezigidi zamarandi naso esingasasebenzi.
Ubuhlungu obukhungethe isizwe
Ukungenzeki kwezinto kuyiva eBukhosini bendawo nobukhala ngokuthi ukungenzeki kwezinto kubulala iphupho leNkosi endala (Inkosi uNkanyiso) eyadlula emhlabeni iphansi phezulu ilungisela ukuba lo msebenzi wenzeke neyabe iwubona njengelada loku khuphula abantu beSILO endaweni.
ElaboHlanga likhulume nosesihlalweni, iNkosi yesizwe uChakide neveze ukudumala kwayo ngalesi simo. “Umuntu owayeselusukumele udaba lwale ndawo uNdunankulu uNdebele owaqala kusuka ngowezi-2004 esilekelela ezama ukuthi le ndawo iphendulwe isizinda somnotho. Abantu baze baqala imifelandawonye eyayizobhekana nazo zonke izinhlelo okwabe kuyimfuyo, ezolimo nokunye okwakulethwa kule ndawo. Okubi ukuthi kuze kube manje akukho okwenzekile. Kuze kwafika ngisho uMengameli uZuma esahola izwe ezohlola isimo. Lapho wafikela kulesi sikhungo sezempilo esasakhelwe umphakathi ukuze kusizakale abanofuba, ababelethayo nabanezeinye nje izifo. Lapho kwalandwa imibhede eyayibekwe komunye umtholampilo esinawo lapha okuthiwa iBukhanana yazobekwa lapha kwabakuhle ngoba kwenzelwa ukuthi uMsholozi abone sengathi konke kuhamba kahle. Leyo mibhede yiyo lena esalala izintuli ngoba ayikaze isebenze,” kubalisa iNkosi yesizwe.
UMenziwa uqhubeke wathi uhlelo lwezindlu olwaluthenjisiwe nalo alukaze lube khona kodwa kwagcina ngokuqashwa kwezinkampani ezazihlola ukuqala ko msebenzi kwaphelela lapho. Uchaze ngokuthi ngisho izinkomo zobisi abazazi ukuthi zashonaphi ngoba babona zingasekho. Ithe nogandaganda bokulima abaziwa bashonaphi kunalokho yezwa kuthiwa kukhona obathathile wathi uyobalungisa kodwa akuzange kubhalwe phansi ukuthi ungubani lowo muntu.
Omunye oyilungu lomphakathi uNks uNokwethemba Biyela nonolwazi olunzulu ngalolu daba futhi owake waba yilungu lePhalamende emele iqembu elibusayo ubefikelwa isibibithwane aze athwale nezandla ekhanda uma elanda ngentuthuko yalo mhlaba ehlanganisa nalesi sibhedlela. Uthi okumkhalisa kakhulu ukuthi abantu baseNtambanana njengoba kunokhuvethe ngabe bayasizakala ngalesi sibhedlela ngoba sinazo zonke izinsiza kodwa abazi ukuthi konakalaphi ngaso futhi akukaze kulethwe ngisho abahlengikazi noma odokotela ukuba bayosebenzela kuso. Okwezindlu zokuhlala izisebenzi zezempilo kubanga amahloni njengoba sekwaba yimigede isibili.
Uma eyichaza indaba kuthe lapho INkosi uNkanyiso Biyela isidunguzela, yababiza esibhedlela esiseThekwini yabachazela ukuthi kunodaba oluthinta lo mhlaba namapulazi efisa balusebenze ngobunono ukuze umphakathi ungahlupheki.
“Yachaza yasho ukuthi amaphutha enzekile kuyo ngesikhathi isayina ukubuyiselwa ko mhlaba kanti bayisayinisa isivumelwano seminyaka engama-99 esiphelayo ngakho icela lolu daba silubambe ngokucophelela, sibagade nabamhlophe abazobe besisiza ngoba yibo abanobugebengu. Ngeleso sikhathi mina ngangihlala ekomitini lezoLimo nelezeMisebenzi yoMphakathi, yilapho engahlangana khona noNkk u-Ellen kaNkosi Shandu owayeyiphini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi owawuphethwe uMhlonishwa uDerrick Hanekom. OkaNkosi Shandu wangibiza wangixoxela ngamapulazi angakithi esho ukuthi ikuphi esesikwenzile ngawo njengoba kunohlelo lokubuyiswa komhlaba kubantu. Wabe esengichushisa ngezinhlelo zabo zokusungulwa kwemifelandawonye. Yilapho-ke engabe sengisebenzisa lolo lwazi kuhlanganisa nengangiluthole emazweni afana neSwatini. Yilapho engabe sengikwazi ukulandela umyalelo kamfowethu, uMntwana uNkanyiso Biyela wokubasekhaleni lokubuyiswa kwalo mhlaba, “ kusho uNks Biyela.
Uqhube wathi bayilwa indaba yalo mhlaba baze basungula imifelandawonye engama-25. Uthe le mifelandawonye yayizobhekana namapulazi ehlukene nesiqiwi.
“Kwakukhona imifelandawonye eyayizobhekana nemfuyo, kube eyayizobhekana nezokulima, kube eyayizobhekana nesiqiwi njalo njalo. Konke lokhu kwabe kuyizinhlelo zokusebenzisa lo mhlaba ukufukula umnotho wale ndawo. Kuthe ngowezi-2009 owayenguNdunankulu sambikela ngebanga esesilihambile ngodaba kwalo mhlaba. Yilapho-ke ahlanganisa yonke iminyango wathi konke esikucelile kuzokwenzeka. Kwabe sekwakhiwa lesi sibhedlela kuvuswa esidala esakhiwa ngowe-1924 nami engazalelwa kuso ngowe-1954. Isiqiwi naso saba yimpumelelo ngoba safika izilwane ezahlukene ngosizo olwaluvela kosomabhizinisi abazi mele baphesheya,” kuchaza uNksz Biyela.
UHulumeni uyaphendula
Enkulumweni eyisimemo eyayichaza ngale ntuthuko mhla zingama-31 kuMbasa wezi-2009, uDkt uSbu Ndebele wabeka kanje:
“Kusuka ngowezi-2004 uHulumeni waKwaZulu-Natal ubulokhu ubanezimbizo lapha eNtambanana njengengxenye yokubeka phambili intuthuko yezindawo zasemakhaya. Ngakho iSivananda Wellness Centre esizoyivula eNtambanana ngaseMlangeni iyingxenye yentuthuko. Ingxenye yokuqala yale ntuthuko idle imali eyizigidi eziyisikhombisa zamarandi obuvela enhlanganweni iDivine Life Society of South Africa kodwa uHulumeni wengeza ngezigidi ezilishumi ngaphezulu.
“Inhloso ngeSivananda Luwamba Wellness Centre ukuqinisekisa ukuthi iNtambanana iba namathuba angcono omnotho, usizo lwezempilo olusezingeni kubantu abakhele le ndawo, ukuthuthukiswa kwenqalasizinda. Ngaphandle kwalokhu isibhedlela lesi sakhiwe ngowe-1924 ibandla lamaLuthela. Ngemuva kwalokho lesi sibhedlela sathuthukiswa i-American Lutheran Missionary Board neNkosi yasObuka ngenhloso yokusiza umphakathi wakwaBiyela neyayingomakhelwane ngaleso sikhathi. Kuthe ngowe-1978 uHulumeni wobandlululo wasithatha lesi sibhedlela sabangaphansi kwakhe maqede wasivala. Kuthe ngemuva kweMbizo eyayingowezi-2004, uHulumeni wathatha isinqumo sokwakhela imindeni eyayingama-250 umtholampilo kodwa nawo kwacaca ukuthi awunalo usizo ngenxa yomthamo nokugcine ngokuthi kwakhiwe lesi sibhedlela,” kusho uMazalankosi ngowezi-2009 eyovula lesi sibhedlela.
NgokukaNdebele le ndawo ebizwa enobubanzi bomhlaba obungama-250 hactors, yayisezinhlelweni zokwenziwa isibuko saKwaZulu-Natal ngendlela okwakuhlelwe ukuba ithuthukiswe ngayo.
Emizamweni yokuthola iqhaza likaHulumeni kulolu daba elaboHlanga likhulume nohulumeni wendawo. Okhulumela uMasipala uMhlathuze, uMnu uMduduzi Ncalane uthe udaba lwaseLuwamba bayalwazi kodwa konke kusingethwe ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uKhuzeni.
“Besingacela ukuba nixhumane nehhovisi likaNdunankulu ngoba udaba lwaleya ndawo lusezandleni zakhe.
Yebo bayasazisa ngokuqhubekayo njengoMasipala njengoba benethimba eliholwa ubaba uZakhele Mnqayi elibhekene nalo udaba ngakho kungakuhle uthinte lona ihhovisi likaNdunankulu,” kusho uNcalane.
Zikhona izinkampani elaboHlanga elikhulume nazo kodwa zonke ziyaziqhelelanisa zithi nazo zafika sekwahamba ezinye ngakho azinalo ulwazi ukuthi udaba lo msebenzi lusukakuphi ngale ndawo yaseNtambanana.
Omunye owayesebenzela enye yezinkampani ocele ukungadalulwa uthe kunzima kakhulu kule ndawo ngoba kwavele kwaba nombango owagcina usufaka izimali abanye bazithatha bahamba.
“Indaba yale ndawo iyinkinga ngoba uma ibikelwa abezindaba igcina iveza uhlangothi olungelona iqiniso ngokuphelele. Lapha kwaba nenkohlakalo kwaba nemibango eyagcina isifaka ngisho aMakhosi akhele iNtambanana yonke. Izinkampani eseziqashwe lapha nje ukuba zihlole umsebenzi angazi sezizingaki. Abantu bemifelandawonye bagcina nabo sebexabana bodwa kwathathwa izimali,” kusho umthombo.
Indaba isinkulu
Kuthe lilandela udaba elaboHlanga lathola ukuthi lolu daba seluseHhovisi likaNdunankulu uZikalala ngemuva kokuthi ilungu leSishayamthetho elimele iqembu eliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) uMhlonishwa uBlessed Gwala. Ebuzwa ngalokho uGwala uthe: “Esifuna ukwazi ukuthi yashonaphi imali yokuthuthukisa le ndawo nokuthi izinkomo zona ezabe sezilethiwe ziphi. Uyazi phela akukho ngisho isikhumba noma izimpondo zazo ukukhombisa ukuthi kwake kwaba nezinkomo. Ogandaganda abasekho nabo kuthiwa bebiwa. Amapulazi sekwakhiwa imizi yabantu yize kwakuhlelwe intuthuko kuwo ukuze aqhubeke nemikhiqizo yawo. Siyazifuna izimpendulo. Uma kungenjalo ababoshwe labo abadla imali yakule ndawo, “ kusho uGwala.
Uthe okumphatha kabi ukuthi uSomlomo weSishayamthetho, uNks uNontembeko Boyce uyithatha kancane le ndaba. Uthe ngesikhathi eyiveza uSomlomo umyalelo ukuthi akame ngayo ayoyethula ekomitini ixoxwe khona. “Uyabona ke uma indaba isisekomitini isuke isiyocwila ngoba kuzothiwa letha ubufakazi bese beyiyeka kanjalo. Yingakho bengiyilwa ngifuna uNdunankulu asinikeze izimpendulo ukuthi kwenzakaleni ngoba phela kwakuzoba isibuko sesifundazwe lesi uHulumeni ayezosibuka kuso ngenxa yezinhlelo ezazikhona,” kusho uGwala.