Ufisa kube nabaphathi beqophelo eliphezulu besifazane kunobhutshuzwayo owaseNgoleleni



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ubonga ukukhulela emndenini owabe unabafana kuphela uNosipho Maphumulo, lokho okwamenza waba nentshisekelo enkulu ekuthandeni unobhutshuzwayo.
Le ntokazi yakwaMaphumulo ebinengxoxo ekhethekile neBAYEDE, ngokusho kwayo ithi ikhulele eLamontville kodwa umndeni wayo uhlala oTongaat.
“Ngikhule ngihlala nabafowethu kakhulu kuyimina ngedwa owesifazane ekhaya, into ebihlezi iseqhulwini unobhutshuzwayo. Engakufunda ukuthi kuwona unobhutshuzwayo wenza ubungani obuningi ngaphandle nangaphakathi kwenkundla,” kusho uNosipho.
Uthe efunda emabangeni aphansi wawudlala unobhutshuzwayo, aphinde abe ngumsubathi webanga lama-100m, lama-200m nelama-300m Hurdles, wayephinde enze neLong Jump.
Ngonyaka wezi-2009 enza unyaka wokugcina eDurban University of Technology (DUT) ezifundweni zeSport Management, uthando lwebhola kuyena lwanyuka kakhulu.
Lolu thando lwamenza waqokwa njengemeneja yeqembu labesifazane lenyuvesi. Owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi kwakunguThinasonke Mbuli oyisekela lomqeqeshi kuBanyana Banyana.
Emva kwalokho izinto zakhe zaqala zakhanya kakhulu njengoba ngonyaka wezi-2010 wakhethwa ukuba abe imeneja yesikwati sikaMasipala wase-Ethekwini lapho abonwa uLona Benya. Kuthe ngonyaka wezi-2011 leso sikwati sahamba sayodlala umqhudelwano obizwa ngokuthi i-One Nation Cup owawubanjelwe eGermany.
Ngendlela iqembu elalithakwe ngayo lafike lenza ezibukwayo eGermany njengoba laqokwa njengelenze kahle emqhudelwaneni, lathola nendondo ebizwa nge“Fair Play Award”.
Ngonyaka wezi-2012 lo mqhudelwano wafudukela eSouth Korea, eDaejon alapho elakuleli laphuma endaweni yesithathu.
Ngawo unyaka wezi-2012 waba imeneja yezikwati zoMasipala ababili uMnambithi ne-Ethekwini, emqhudelwaneni waminyaka yonke obizwa ngeSouth African Local Government Association (SALGA) Games.
Ngonyaka wezi-2018 kumaSALGA Games ayebanjelwe eMgungundlovu waba imeneja kaMasipala i-Ethekwini eqenjini labesifazane bathola indondo yegolide emqhudelwaneni bengangenelwanga goli.
Nyakenye ube nenhlanhla yokuthi asebenze neSunflower WFC kuSasol League esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Khona nyakenye babe ngompetha beligi bathola ithuba lokuyodlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuSasol National Championship kodwa bangaphumelela bathola indondo yeBronze.
Bashiya kukhalwa njengoba umdlali wabo uNeliswa Luthuli waba ngumdlali ovalele phakathi amagoli amaningi, kwathi uBanele Madondo yena waqokwa njenge “Young Queen of the Tournament”.
Muva nje baningi abadlali bakuleli abasayina emaqenjini aphesheya kwezilandle lokho okuveza isithombe sokuthi unobhutshuzwayo wakuleli uyanyuka.
Iphawula le ntokazi eneminyaka engama-32 ubudala ithe: “Kuyinto enhle ukubona sanda isibalo sabadlali bakuleli phesheya. SiyiSunflower WFC siyethemba ukuthi kubadlali esinabo ukhona ngelinye ilanga ozobalwa nabadlale phesheya. Esikulwelayo manje ukuthi sikhiqize abadlali abazodlala kuwona wonke amaqembu esizwe abesifazane kuleli.”
UNosipho odume ngelikaMana uphinde asebenze ehhovisi leSouth African Football Association (SAFA) kuDurban Central ngaphansi kweLocal Football Association (LFA).
Ekhuluma ngezifiso zakhe uthe: “Ngifisa ukubona kukhule kakhulu ukuthuthukiswa kukanobhutshuzwayo wabesifazane kuleli, uhlonishwe kakhulu. Okukhulu ukuba babe ngabaphathi abahamba phambili lapha eNingizimu Africa.”
Uphinde wathi: “Njengoba kuyinyanga yabantu besifazane kubalulekile ukuthi abantu besilisa bakhombise ukubaluleka kwabo abantu besifazane. Kumele babanakekele, babahloniphe. Ngiyafisa sehle isibalo sokubulawa kwabantu besifazane ngoba sigcina sizizwa singaphephile.”
Uphathe abadlali abaningi asebedlala ku-Absa Premiership nakuGlaAfrica Championship. Laba badlali ayebaphethe bedlala ezikwatini zikaMasipala kuze kube imanje abamukhohlwa.
Kulabo badlali kubalwa u-Andile Fikizolo weBloemfontein Celtic, uBonginkosi Ntuli wa-AmaZulu FC, uRicardo Goss weBidvest Wits, uSiyabonga Khumalo weTS Galaxy, uSonke Ntuli weReal Kings, uBayzel Goldstone weRichards Bay FC, uSimo Mbhele ogijima eqenjini lasePortgal iLibson, uSiphosakhe Ntiya-Ntiya noSiphelele Ntshangase beKaizer Chiefs.
Esonga uthe ubonga uSiyabonga Malinga nekomidi leSunflower WFC ngokumnika ithuba.