Ziyezwakala izigi zikaVerstappen kuFormula One kulo nyaka



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngesikhathi kuqala umdlalo wezimoto weFormula One (F1) ongoti abaningi bakubeka obala ukuthi uMax Verstappen oshayela ngaphansi kwabeRed Bull, uzomfakela enkulu ingcindezi umpetha womhlaba uLewis Hamilton yena oshayela ngaphansi kwezimoto zakwaMercedez.
Imiphumela yakamuva nje iveza ngokusobala ukuthi ukuhlaziya kongoti beF1, akushayanga neze eceleni njengoba eyakwaVerstappen igila izimanga nje.
UVerstappen ongowokudabuka eNetherlands ngeledlule unqobe umqhudelwano weFrench Grand Prix, lokho kumenze wahlala esicongweni ngamaphuzu kubashayeli wanyusa namaphuzu emoto ashayela ngaphansi kwayo kanye nokubambisana nozakwabo ashayela naye imoto iRed Bull uSergio Perez.
Kulo nyaka sekugijinywe imijaho eyisi-7, uVerstappen usenqobe emithathu okubalwa i-Emilia Romagna Grand Prix, iMonaco Grand Prix neFrench Grand Prix noHamilton usewine imiqhudelwalo emithathu okuyiSpanish Grand Prix , iBahrain Gradn Prix nePrtuegesse Grand Prix. Owanqoba umjaho owodwa uPerez okwaba i-Azerbaijan Grand Prix.
Ngokwamaphuzu ezimotweni iRed Bull inamaphuzu angama-215 iMercedes ibe nali-178, kubashayeli uVerstappen unamaphuzu ali-131 kuthi uHamilton abe nali-119.
“Ngisebenze kahle kakhulu ngeledlule, ngiwenzile amaphutha kodwa kuyajabulisa ukuthi imina onqobe iFrench Grand Prix. Ukusebenza kanzima ngithemba ukuthi kungisebenzele kakhulu” kusho uVerstappen.

UHamilton uyinqobe kabili kulandelana iFrench Grand Prix ngonyaka wezi-2018 nangowezi-2019, ngonyaka odlule ayibanga khona ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane ukhuvethe olwamisa izinto eziningi emhlabeni wonke jikelele.
Kule mpelasonto umqhudelwano ozobe ubhekiwe iStyrian Grand Prix ezokuba ngeSonto, lo mqhudelwano uzokuba seSpielberg, e-Austria ngele-15:00 ntambama.
IStryian Grand Prix okwesibili iba khona emlandweni we-F1 ibe khona nyakenye yanqotshwa umpetha womhlaba uHamilton.
UVerstappen uthe uyazi ukuthi kuzomfakela ingcindezi kumjaho ozayo kodwa ubheke ngabomvu ukuqhubeka enze kahle.
“Okwenzeke ngeledlule sekudlulile esibhekene nakho okwale mpelasonto, kumele silwe nakhona ukuqhubeka nokuzihola phambili. Amaphutha amaningi kumele ngiwagweme, iphutha elilodwa uyaphuma emgwaqeni izimoto zikudlule ungakholwa, uthi kade uphambili ubone usukunombolo-5” kusho uVerstappen.
UToto Wollf owumphathi wakwaMercedes ukholwa ukuthi iRed Bull izolibamba ngezandla zombili leli thuba esilitholile manje.
“Njengoba iRed Bull kuyiyo ezihola phambili nje ngikholwa ukuthi ngeke isavumela ukwehla, njengoba abashayeli bayo benza kahle kanje. Abashayeli bethu balwile kakhulu ngeledlule kodwa bahluleka ukunqoba eFrance, asibanga nazo izinkinga ezimotweni zethu bazihlulekele bona,” kusho uWolff.
Lesi sikhulu sithe uyathemba ukuthi abashayeli benkampani yakaMercedes bazovuka bazithuntuthe ukuze bevale igebe asebebekelwe lona uVerstappen okanye iRed Bull.
“Ukuhlulwa kwami ngeledlule akungenzanga ngaphoxeka kakhulu, ngikwenze konke uVerstappen bekumele anqobe. Uyena owenze kangcono kunami, ngalokho kumfanele ukunqoba. Indlela aqale ngayo umjaho uVerstappen ikhombisile nje ukuthi uzimisele ngokunqoba, ukube abalenzanga nje iphutha elilodwa bebezowunqoba ngamalengiso umjaho,” kusho uHamilton.