Now Reading
Isivumelwano ngenuzi e-Iran siletha impikiswano
Dark Light

Isivumelwano ngenuzi e-Iran siletha impikiswano

Izwe i-United States of America (USA) ngesonto eledlule lisale ngemuva emizamweni yalo yokwengeza isijeziso noma isinciphiso sezikhali esasibekwe yi-United Nations (UN) ezweni i-Iran ngemuva kokuthi uMengameli waseRussia, uMnu uVladimir Putin, ephakamise ukuthi kube khona ingqungquthela yabaholi bamazwe ukuze kugwemeke “ukuxabana” ngemuva kokuthi i-USA isongele ukubuyiswa kwezijeziso nonswinyo e-Iran.  

Evotini elenziwe yi-UN Security Council, iRussia neChina baphikise ukunwetshwa kwesijeziso sezikhali esasibekwe ku-Iran njengoba sasiphelelwa isikhathi ngoMfumfu ngaphansi kwesivumelwano senuzi sonyaka wezi-2015 phakathi kwe-Iran nemibuso yomhlaba.

Kuleli voti kuvele ukuthi amazwe ali-11 aligodla ivoti lawo. Kulawo mazwe kwakukhona iFrance, iGermany neBritain  kwathi izwe i-USA neDominican Republic avotela ukwelulwa kwalesi sijeziso.

UNobhala wezwe i-USA uMnu uMike Pompeo uthe; “Ukwehluleka kweSecurity Council  ekuthatheni isinqumo esiwujuqu sokuvikela ukuthula nokuphepha emhlabeni wonke akunakuxoleleka.”

Inxusa laseChina ku-UN uMnu uZhang Jun ngemuva kwevoti lithe: “Imiphumela iyaqhubeka nokukhombisa ukuthi amaqhinga okuzwa nokulalela uhlangothi olulodwa futhi nokuba ngamabhoklolo angeke asekelwe futhi azohluleka.

I-USA manje isingalandela izinsongo zokufuna ukubuyisa zonke izijeziso ze-UN ezazibekwe i-Iran, isebenzisa uhlinzeko olusesivumelwaneni senuzi esasizwa ngeSnapback. Noma ngabe uMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump wakhipha leli lizwe kulesi sivumelwano ngonyaka wezi-2018, izazi zezombusazwe zithi i-USA ingakwenza lokhu nje ngesonto elizayo kepha izobhekana nempi enzima kakhulu..

Isazi sezombusazwe uKelly Craft esitatimendeni sithe: “Ezinsukwini ezizayo i-USA izolandela leso sithembiso sokuthi ngeke iyeke ukwengeza isijeziso sezikhali esibekwe i-Iran.”

Ngesonto eledlule uPutin uhlongoze ingqungquthela yevidiyo ne-USA kanye namanye amazwe asakhona esivumelwaneni senuzi  okuyiBritain, iFrance, iChina, iGermany kanye ne-Iran emizwamweni yokugwema “ukunyuka kokubhekana” ku-UN mayelana ne-Iran.

Esitatimendeni asikhiphile uPutin uthe: “Le ndaba iyaphuthuma wengeza ngokuthi uma kungenziwa lokhu kuzoqhubeka ukungezwani, kukhulise ingozi yezingxabano ezimbi ngakho-ke isimo esinjalo kumele sigwenywe.”

See Also

UMengameli uTrump ebuzwa ukuba uzoba yini ingxenye yengqungquthela uphendule ngokuthi athi: “Ngiyezwa ukuthi kukhona okuthile kodwa angikatshelwa ngakho kuze kube manje.” 

Kodwa uMengameli waseFrance yena imibiko ithi uyavuma ukuba yingxenye yale ngqungquthela.

I-USA iyaqhubeka nokuphakamisa ukuthi izosebenzisa uhlelo iSnapback ezijezisweni  ezazibekwe i-Iran ngenxa yokuthi isivumelwano senuzi sasilibalile leli zwe kodwa inkinga ngalokhu ukuthi amanye amazwe asele kulesi sivumelwano wona ayaphikisana nalokhu okuhlongozwa i-USA.

UMengameli uTrump useke wakuveza ukuthi uzimisele ukuxoxisana ngesivumelwano esisha ne-Iran esasizovimba leli zwe ukuba lakhe izikhali zenuzi futhi kwehliswe imisebenzi yalo esifundeni salo nakwezinye izindawo.

Scroll To Top