Isishiphi sizosulelwa kubafokazana: Osopolitiki kungenzeka bangaboshwa
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
AbaHlonishwa bathi bona abangeni emidantini. Zizokwanda izisebenzi ezizoboshwa
Izwe liyanyakaza kanjalo nabaholi babhula imililo. Konke kudalwe ngamavenge kanye namantshontsho omkhomo olukhuvethe. Ngokwemibiko, izinsolo kanjalo nobufakazi, zikhona izinkampani okwathi kungahlasela ukhuvethe kuleli abanikazi bazo kwasa sebe yizinjinga. Kuleli sonto abeSpecial Investigating Unit (SIU) bakuqinisekisile ukuthi baphenya amathenda angama-658 amayelana nezimpahla zokuzivikela kulolu khuvethe nakwamanye amathenda ahambisana nalolu bhubhane okubalelwa ezigidigidini ezi-R5.8. Lokhu kusho ukuthi ubungakonani lezi R5 083 478 584 kuthe kweqa engxenyeni yezigidi ezili-R10.38 yokusetshenziselwa ukhuvethe ngokweHhovisi Lezezimali Kuzwelonke.
EGauteng, iSIU iphenya izinkampani ezili-157 ezinemisebenzi engaphezu kwenani elizigidigidi ezi-R2.2; eFree State zili-11 ezinenani lezigidi ezingama-R52; kuthi KwaZulu-Natal kube ngezingama-79 eziphenywayo ezihlanganisa inani lezigidi ezingama-R557.6. ENorth West, iminyango emithathu iyabhekisiswa ngezinkontileka okungenani okungezezigidi ezili-R16.4 kanti kunomasipala ababili abakhipha amathenda abalelwa ezigidini ezili-R11.5. UMnyango Wezempilo eMpumalanga uyaphenywa ngemisebenzi eyisithupha engabiza izi-R18,948,023.33, kuthi eLimpopo, kuMasipala Wesifunda iSekhukhune iphenywe ngokusebenzisa ngokungagculisi izigidi ezingama-R26.3 egameni lokhuvethe.
E-Eastern Cape, okungenani amathenda aphathelene nokhuvethe angama-347 angabiza izigidigidi ezi-R1.9 ayaphenywa.
Kula masonto edlule kube nokuphawula okwahlukene nayilapho imilomo ibivunana ekutheni akuboshwe abantu. Nokho sekukhona izinkomba zokuthi yize kungase kuboshwe abathile kepha kuyogcina nje ezisebenzini nasezikhulwini, osopolitiki abaphethe iminyango bona bangahle baphunyuke.
Ekhuluma nabezindaba kuthelevishini uMhlonishwa uKhoza Wezokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal ukubeke kwacaca ukuthi kubatshazwa amalumbo nje emnyangweni wakhe empeleni yena akangene lapho kunalokho zikhona izisebenzi ezihlalela amathenda. “Njengophathiswe uMnyango angingeni ekuthengisweni kwempahla. Labo abathintekayo bangasinika izimpendulo,” kuziphungela uMphathiswa.
Ephawula ngokukhonjwa ngombiko owakhomba izisebenzi zoMnyango wakhe uthe: “ Siwumnyango sethukile sibona imiphumela yombiko wophenyo njengoba kade wethulwa uNdunankulu uSihle Zikalala. Ulwazi olwembulwe wuphenyo lukhombisa ubudedengu obuphezulu obenziwa yizikhulu ezijutshwe ukuba ziqikelele izimali zabakhokhintela.
“Sizoqinisekisa ukuthi imali yabakhokhintela esetshenziswe budlabha iyatholakala. Asizobhekana nezikhulu zodwa kodwa sizobhekana nanezinkampani ebezibandakanyeka kulokhu,” kusho uMhlonishwa.
Le nkulumo icishe ifane naleyo yoMhlonishwa uBandile Masuku eGauteng naye ozihlangulayo ukuthi amadede lawa abatshazwayo enzeka eMnyangweni wakhe impela kepha anabanikazi bawo izisebenzi okuyizo ezihlanganisa imidanti ngamathenda. Kuvele ukuthi esethulweni sakhe kwabeSIU uthe isikhulu soMnyango wakhe uMnu uKabelo Lehloenya wehlukela ukumazisa ngokwenzakalayo nokuthinta inkampani iRoyal Bhaca.
UNdunankulu waseGauteng uMakhura muva nje umemezele ukuthi izikhulu ezimbili ziyaphenywa. “Uphiko iSIU luhlonze izikhulu ezimbili zoMnyango Wezempilo eGauteng okuyizona ezisolwa ukuthi bezibhedla inkohlakalo ngokusezingeni elikhulu,” kusho uNdunankulu.
Njengengxenye yomkhankaso wokuveza isithombe sikaHulumeni olwa nenkohlakalo uhulumeni waKwaZulu-Natal kanye nowaseGauteng uveze ukuthi uzoqhuba uhlelo lolkuhlonza indlelakuphila. Lapha kuzophenywa kusuka kuNdunankulu, amalungu esigungu esiphezulu, iziNhloko zoMnyango, iZimeneja Ezinkulu kanye neZikhulu Eziqavile.
Abahlaziyi bashaya amakhala
Ngalolu daba umhlaziyi wezepolitiki uDkt uRalph Mathekga uthe inkinga ngosopolitiki ukuthi benza konke okusemandleni ukubalekela ingalo yomthetho kodwa lokho akusho ukuthi abekho ababoshwayo uma kukhona abakwenzile okuphambene nomthetho.
“Iqiniso ukuthi izinhlaka zomthetho uma kufanele zibophe abantu ziyawenza umsebenzi ngakho noma ubani ozobe etholwa ephambane nengalo yomthetho kulolu daba uyoshushushiswa. Lokho akukhathaleki ukuthi noma ungusopolitiki noma ungumsebenzi. Kungaba ukuzikhohlisa uma sithi osopolitiki bona ababoshwa ngoba naba oMnu uTony Yengeni sebeke baboshwa bashushiswa, akugcinanga lapho kodwa nangu Mnu uJohn Block waseNorthern Cape naye waboshwa ngamacala enkohlakalo yize ayengusopolitiki obaziwa ukuthi unamandla kulesiya sifundazwe. Yingakho ngithi akumele sivumele le nkulumo ethi osopolitiki noma bangaganga kodwa ababoshwa ukuthi inkinga yabo njengoba ngishilo bazama noma yini ukubalekela ingalo yomthetho basebenzise nezikhundla zabo,” kusho uMathekga.
Uqhube wathi kuyamangaza ukuthi kungani osopolitiki baseNingizimu Afrika behlale bezifaka kangaka enkohlakalweni ekubeni behola cishe ukwedlula inqwaba yozwakwabo abasemazweni ahlukene.
“Osopolitiki baseNingizimu Afrika bahola kakhulu ngale ndlela engachazeki kodwa uyamangala ukuthi yini lena eyenza bahlale benukwa ngenkohlakalo ngaso sonke isikhathi uma kunesigameko. Nalapha odabeni lokhuvethe abanye babo bakhonjwa khona ngokuhlomula ngendlela engafanele,” kuchaza uMathekga.
Omunye umhlaziyi uMnu uThabani Khumalo yena ubuke udaba lokumenyezelwa kokuba kuphenywe bonke abaholi bakaHulumeni ukuthi ngabe impilo yabo iyalingana yini nemiholo abayitholayo.
“Uyabona iculo lelo elidala okuthi uma sebengasazi bazothini balikhumbule baliphinde. Uma ngikhumbula kahle indaba yokuphenywa kwezinga le mpilo yosopolitiki kwashiwo engqungqutheleni ye-ANC engithi uma ngicabanga kahle ngathi yayesekuqaleni kweminyaka yama-2000. Emva kwalokho kwathuleka nya asiphindange sezwa lutho. Namanje angazi ukuthi sebeyivusaphi ngakho iqiniso ukuthi akusobe kwenzeke ngoba akekho ozovuma ukuphenywa futhi nabo bayazazi ukuthi abasobe bavume ukuba lokhu kwenzeke,” kusho uKhumalo.
Uthe kudlalwa ngabantu ukuze behlise imimoya ngoba kuyabonakala ukuthi baningi abaphoxekile ngezinye zezikhulu nabaholi bakaHulumeni ngokuthinteka ekwebiweni kwemali ethinta ukhuvethe.
USolwazi uSomadoda Fikeni uthe akulula osopolitki baboshwe kuyona yonke le nkohlakalo okuthiwa izophenywa ngoba imithetho abasebenza ngaphansi kwayo yiyo kanye ebavikelayo.
“Imithetho elawula ukusebenza kukaHulumeni igcina ibopha izisebenzi ezifana noMqondisi Jikelele, iNhloko Yomnyango neSikhulu Esiphezulu Sezezimali ngoba usopolitiki usuke ingamufaki kodwa kuyilaba okumele basayinele imisebenzi esuke yenziwa uMnyango. Yingakho uthola usopolitiki uma sekuvundululwe inkohlakalo eMnyangweni awuphethe evele aphike ame ngentaba athi akazi lutho yena ngoba akahlangani nemithetho okubalwa kuyo iPFMA neminye. Umuzwa kwesinye isikhathi usopolitiki esethi kwayona imithetho elawula ukuphathwa kwezimali akayazi futhi nemihlangano yamathenda akakaze ahlale kuyo ngoba umthetho awumvumeli. Omunye uze asho nokuthi yena akayifundelanga nasesikoleni ngakho akazi lutho. Nakhona uma sekuboshwa laba ababoshwayo basuke nabo behlelwa yibhadi ngoba sekushaywa usopolitiki abebesebenza naye. Inkinga edala lokho eyokuthi nazo izisebenzi lezi esikhuluma ngazo uthola ukuthi zingene ngayo ipolitiki zafike zasetshenziswa ngayo ipolitiki bese kuthi ekugcineni imithetho elawula imisebenzi yazo iziqhathe nengalo yomthetho,” kusho uFikeni.
Uthe yize osopolitiki bekwazi ukuziqhelelanisa nokusuke sekwenzekile kodwa akwamukelekile neze ukuthi bethi abazi ngokwenzeka eminyangweni yabo noma bethi bebesuke bengatshelwanga.
Uqhube wathi ukusho lokhu ngoba uma izinto zisahamba kahle ubathola bememeza bethi kukhala isicathulo sabo emnyangweni futhi belawula nokukhishwa kwamathenda ngendlela yokuthi uma kunesisebenzi esibagolozelayo siyaxoshwa.
“Okubalulekile ukuba kuqiniswe izinhlaka zomthetho ezifana noChapter 9 institution ukuze kungabibikho umholi ovele aphunyuke kalula enkohlakalweni esuke yenzeka emnyangweni wakhe. Yikho nje ngoba abanye bayakwazi ukusebenzisa abalandeli babo bavukuze umsindo uma sebeboshwa bese kuliwa kuthiwe bayasukelwa kuze kugcine sekuba ipolitiki into ebonakalayo ukuthi bekuyinkohlakalo,” kuchaza uFikeni.
UMnu uXolani Dube weXubera Institute for Research and Development, yena uyibona ngelinye iso le ndaba njengoba ethi nakuba osopolitiki kuthiwa ababoshwa kodwa nezisebenzi ezisuke zinukwa kule nkohlakalo ethinta osombusazwe, nazo iziboshwa.
“Kusuka ngowe-1994, ngicela ungitshele nje isikhulu esisodwa sikaHulumeni noma sikamasipala esesake saboshwa. Ngikusho lokhu ngoba izisebenzi zikaHulumeni nosopolitiki abasuke benukwa ngenkohlakalo abantu labo abasuke besebenzisana baze bavumelane ukuthi uma kukhona okuvelayo omunye uyosithwala isiphambano kodwa kuyoba okwesikhashana. Buka nje iMeneja kaMasipala Ethekwini iyisisebenzi kodwa yize imisiwe izihlalela emzini wayo eZimbali inethezekile ngoba isawuthola njengoba unjalo umholo wayo nemihlomulo yayo. Nangu uMnu uSipho Shabalala owayeyisikhulu eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komnotho KwaZulu-Natal maqede waya ebhange Ithala kodwa akakaze aboshwe ngaphandle nje kokuthi wamiswa emsebenzini. Ngakho sekulele kuwo umphakathi ukuba usungule izinhlaka ezizimele ezifana ne-Afri-Forum ezizophenya osopolitiki zibashushise ngokuzimela,” kusho uDube.
UMnu uKhaya Xaba weNehawu uthe babheke ngeso lokhozi ukuthi kuboshwa bonke abathintekayo akukhethwa iphela emasini. “Sizokwenza isiqiniseko sokuthi kulabo abathintekayo abekho abathola ukwenzelela. Kungaba osopolitiki noma izisebenzi kodwa uma umuntu ethinteka ekugangeni asikwazi ukubuka sithule kodwa sifuna ukubona ingalo yomthetho ihamba ibanga layo,” kusho uXaba.
Igilwa kanjani imikhuba ngamathenda
Sekusuke udungunyane ngezinsolo zokuxhashazwa kwemali yezivikeli ngokuthi kunikezelwane amathenda kubangani nezihlobo. Ngabe lona uhlelo lokuthenga impahla lusebenza kanjani?
Ngokwejwayelekile uma kungekho isimo esiphuthumayo kwenziwa lokhu okulandelayo: Emveni kokuba iPhalamende liphasise isabelomali somnyango, yilolo nalolo phiko luhambisa ophikweni lwezezimali uhlelo lokuthenga impahla lonyaka (procurement plan).
Mhla uphiko lufuna ukuthenga impahla luhambisa isicelo sokusebenzisa imali. Lesi sicelo sihamba ngomgudu odlula koyinhloko yalolo phiko, imeneja yezokuthengwa kwempahla, umphathi omkhulu wophiko lwezimali siye siyogcina kumphathi womnyago. NgokoMthetho Olawula Ukusebenza Kwezimali Zomphakathi (PFMA), umphathi womnyango uba yiSikhulu Esibuzwayo (Accounting Officer). Ukuba yiSikhulu Esibuzwayo kusho ukuthi zonke zima lapha kuwe. Uma umnyango unezinkinga zemali kubuzwa kuwe. Kunanokwephulwa komthetho wezimali okungafaka iSikhulu Esibuzwayo ezikhindini.
Uma isicelo sokusebenzisa imali sesiphasisiwe, uphiko lube seluthumela ophikweni lokuthengwa kwempahla isicelo sokuthi kuthengwe impahla.
Lesi sicelo kufanele sihambisane neminingwano yemphahla. Uma intengo yempahla ilinganiselwa emalini engadluli ezi-R500 000, kulandelwa indlela yokubiza. Indlela yokubiza ukuthi kungenwe kusizindamininingo sabahlinzeki esingumongo (central supplier database) kubhekwe izinkampani ezibhalisele ukuthengisa leyo mphala edingekayo. Uma ingaphezulu, kulandela indlela yethenda elisemphakathini. Ngaphambi kokuthi kukhangiswe umsebenzi emaphephandabeni nakugazethi, kunekomiti okufanele licubungule iminingwane yomsebenzi noma impahla okufanele ithengwe noma wenziwe.
Leli komiti libizwa neBid Specification Committee. Emveni kokuthi zonke izinkampani ezizimisele ukungenela sezifake izilinganiso zazo kuhlala iBid Evaluation Committee ecubungula izethulo zezinkampani. Leli komidi libe selidlusela isincomo kwelinye ikomidi elibizwa ngeBid Award Committee. Isinqumo seBid Award Committee sisayinwa ngumphathi womnyango. Uphiko lwezokuthengwa kwempahla uHulumeni lukhipha incwadi eqasha inkampani ephumelele. Le ncwadi isayinwa ngumphathi womnyango. Kodwa ngaphambi kokuthi kuphume le ncwadi, kudingeka kukhangiswe emaphephandabeni inhloso yokuqasha inkampani ephumelele. Labo abanganelisekile banelungelo lokufake isikhalazo eMnyangweni Womgcinimafa zingakapheli izinsuku ezinhlanu isikhangiso sikhishiwe. Lesi sikhalazo sihlalelwa yiBid Appeals Tribunal. Isinqumo seTribunal siwujuqu kodwa okhalazayo angaya enkantolo.
Ezimweni eziphuthumayo ezifana nezikhathi zenhlekelele amathenda okufanele ngabe akhangiswa emphakathini ayakwazi ukuthi enziwe ngendlela yokubiza. Kulapho-ke kwenzeka khona kakhulu inkohlakalo.

