Basola ipolitiki ngomsebenzi wokondla abafundi



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Ukungezwani kwabantu baseNquthu nabaseMsinga KwaZulu-Natal ngenxa yokuhlale besolana ngokwebelana imfuyo, sekuyinto esifana neyayizolo njengoba sekukancane ukuzwa izinkulumo noma izigameko ezinjalo kodwa muva nje impi yabo isimayelana nethenda yokuhambisa ukudla ezikoleni zakulezi zindawo.
Lo msindo uke waphazamisa izikole eziningi ezingaphansi kwesifunda uMzinyathi kwaze kwangenelela uMnyango Wezemfundo uzama ukuxazulula.
Ngaleso sikhathi bekusabangwa ukuthi uMnyango awubakhokheli ngesikhathi labo abathole lo msebenzi nobekugcina ngokuthi kwezinye izikole kuphele izinyanga abafundi bengakutholi ukudla nomama ababaphekelayo bengasaholi.
UMnyango ugcine ukwazi ukululungisa lolu daba ngoba isikhalo besesisikhulu kakhulu nengcindezi isingamandla ezikhulwini zawo ngalolu hlelo lokuphakelwa kwabafundi.
Muva nje isimo sishubile kosomabhizinisi balezi zindawo zombili ngenxa yezikhalo zokuthi abaseNquthu kuthiwa yibo asebengene bagamanxa ngokuthola lo msebenzi ezikoleni zaseMsinga.
Kuthiwa ubasaye kunoma isiphi isikole ufice imoto enezinombolo zaseNquthu ezithi (NTU) igcwele iphuphuma ukudla iyokufaka ezikoleni zaseMsinga.
Lokhu kuholele ekutheni abanye osomabhizinisi babhunge indaba yokuya enkantolo ngoba babona sengathi baphucwa isinkwa sabo futhi ababoni kukuhle ukuthi izingane zabo ziphakelwe abantu baseNquthu bekhona bona.
Omunye wosomabhizinisi ukhale ngokuthi okubacasula kakhulu ukuthi abanye babo sebephucwe izikole ezibonakala zinemali ngenxa yesibalo sabafundi bazo, kwanikwa abantu baseNquthu.
“Uyabona le nto isisiqhathe yasiqeda ngoba kufike kwaphuma ithenda yokudla yezikole ezingama-63 lapha eMsinga. Ngicela ukukutshela ukuthi kulezo zikole thina baseMsinga sithole ezilishumi kuphela kwathi zonke lezi ezinye zanikezwa abantu baseNquthu. Kunezikole ezinabafundi abaningi njengokuKhanya koMsinga, iMabasa neMbondeni ezinabafundi abangaphezulu kwenkulungwane isikole sisodwa, zivele zanikezwa abantu baseNquthu. Kunomunye umama waseMahlaba khona lapha eMsinga ongakhuluma naye, ubenikezwe izikole ezintathu kodwa uphuciwe ezimbili wasala nesisodwa. Lezi ezinye zinikezwe osomabhizinisi baseNquthu. Le nto isiphazamisile emoyeni ngoba asiqondi ukuthi kanti yini lena engaka ngabantu baseNquthu ekubeni thina sikhona,” kusho lo somabhizinisi ocele ukungadalulwa.
Omunye odalule ukuthi yena akahlomulanga nhlobo kulolu hlelo wakhona eMsinga uthe sebefuna uMnyango ubatshele ukuthi ngabe abantu eMsinga abekho yini abasezingeni lokwenzela izingane ukudla.
“Sihlukumezekile ngalo msebenzi futhi sicasukile ngoba uyabona ukuthi kukhona nenhlese yepolitiki phakathi yikho kunjena nje. INquthu kukhonya yona nokuyinto esingeke sikwazi ukuyivumela ngoba nathi asibaphazamisi ezikoleni zangakubo. Besibhunga eyokuya enkantolo kodwa sisalinde ukubona ozakwethu baseMajuba District ukuthi bona kuzohamba kanjani kubo ngoba basitshele ukuthi mhla ziyisikhombisa kuMandulo bayenkantolo noMnyango Wezemfundo ngenxa yalolu daba. Ngakho nathi sesiyabona ukuthi bahamba kanjani bese nathi silungisa awethu amaphepha siphikelele khona. Okwethu lapha eMsinga okwezandla mfowethu ngoba nosewutholile umsebenzi uyaphucwa, asazi ukuthi yini,” kusho lo somabhizinisi othe usesizwa ukuthi ubuye abenendawo asebenza kuyo aqashwe ngokugcwele nokwenza abenemali ekupheleni kwenyanga.
EMsinga kuthiwa osomabhizinisi bakhona abahlomulayo yilabo abasatshwayo nabanamandla kwezamabhizinisi, abanye abakuMasipala waseMsinga abayizikhulu khona kodwa laba abasazizamela kuthi noma bethola babuye baphucwe umsebenzi.
Osomabhizinisi abakhulumile bacele ukuba bangadalulwa nangengozi ngoba uma kungabanjalo bangazithola bengaphephile noma sebehlukumezeka nezinkampani zabo. “Uyabona iqiniso ukuthi le nto inepolitiki phakathi yikho kunje. Uyabona njengoba kuthola kanga abantu baseNquthu kulo msebenzi yingoba kunomholi wabo onamandla lapha kupolitiki. Nalapho mina angimsoli ngoba noma ubani osuke enamandla wenza isiqiniseko sokuthi kudla abantu bakhe. Nami iqiniso ukuthi ngiphatheke kabi ngalesi simo esikhona ngoba sisihlukumeza sonke eMsinga. Mina nje bengihlale ngihlomula kule thenda kodwa ngiphaphame sengingaphandle. Ngakho ngiyavuma kubuhlungu kunjalo ukuthi isikhathi sabanye abantu lesi sokuba badle ngoba wonke umuntu uma edla udla nabantu bakhe hhayi nangabazi,” kusho lo somabhizinisi naye ocele ukungadalulwa.
Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu uSihle Mlotshwa uthe nakuba bebengakezwa ngalezi zikhalo kodwa bakebasho phambilini ukuthi bacela noma ubani ongagculisekile kulolu hlelo alethe imininingwane ukuze uMnyango uzokwazi ukusukumela udaba uluphenye.
“UMnyango wenze isiqiniseko sokuthi lolu hlelo lwenzeka ngendlela egculisa wonke umuntu ukuze nabafundi ukuphakelwa kwabo kungaphazamiseki. Ngaleyo ndlela kuze kwacelwa nokuthi labo abanezikhalo abazilethe ukuze zisheshe zisukunyelwe. Okwamanje akukho esisakutholile okuyizikhalo zaseNquthu naseMsinga. Uhlelo lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni ngokwazi kwethu luqhubeka ngaphandle kwezinkinga. Njengoba uthi bahlela nokuya enkantolo, siwuMnyango lelo lungelo labo sizolihlonipha ngoba akukho okuyiphutha uma bebona ukuthi kumele baye enkantolo,” kuchaza uMlotshwa.
Kwenzeka lokhu nje uMnyango Wezemfundo usanda kuphunga inhlangano yaseThekwini ebizwa ngokuthi Amadelangokubona ebiwusola ngokuthi uma kunikezwa osomabhizinisi le thenda, amaNdiya yiwo abonakala ebekwa eqhulwini nezinkampani zawo.
Lo msindo ubungenyanga eyedlule kubangwa ithenda yezigidi ezili-R11 nalapho le nhlangano ithe lingawa licoshwe zinkukhu ikhathele ukuba aboHlanga bahlale bephenduka izicelankobe emaNdiyeni ngobakuyiwo anikezwa lo msebenzi. Udaba lokudla ezikoleni lubucayi ikakhulukazi KwaZulu-Natal njengoba neHuman Sciences Research Council, yakeyaxwayisa ngokuthi isimo esibone kwezinye izikole zesifundazwe ezisemakhaya sikhomba ukuthi abafundi bayadinga ukuba bathole ukudla ngoba iningi labo lisuka emakhaya ashaywe inhlupheko.
UMnu uKgabo Masehela oyi-Assement, Techonology and Evaluation Education Research Programme, ocwaningweni lwakhe alwenza ngezikole zaseNkandla, wathi uma abafundi bengaphakelwa ukudla ezikoleni, basengcupheni yokuyeka isikole bengasiqedanga nokuyothi eminyakeni eli-18 kusuka ngowezi-2005, okuwunyaka ayenze ngawo ucwaningo, abanye abafundi bayobe sebegcwele emajele ngenxa yendlala ebibabulala emakhaya nasesikoleni.