Now Reading
Lesi yisikhathi sokuqinisa ezokuhweba e-Afrika
Dark Light

Lesi yisikhathi sokuqinisa ezokuhweba e-Afrika

Eminyakeni ebalelwa eshumini eyedlule iNhlangano Ubumbano Lwe-Afrika phakathi kwezinhlelo zayo yaqhamuka nohlelo lweminyaka eyishumi olwabizwa ngeFirst Ten Year Implementation Plan kusukela onyakeni wezi-2014 kuya kowezi-2023. Kwakukhulunywa ngaphansi kwesihloko se-Agenda 2063 esithi “The Africa We Want”, okuchaza ukuthi “I-Afrika esiyifunayo.” Olunye lwezinhlelo ezisemqoka eziphuma ngaphansi kwalolu hlelo kwaba yisivumelwano esibizwa nge-African Continental Free Trade Area (AfCFTA) okwakumele sibe sesisebenza ngokugcwele ngonyaka wezi-2020. Ngokwalesi sivumelwano nangokusho kweNhlangano Ubumbano Lwe-Afrika kumele ngonyaka wezi-2020 izwekazi i-Afrika libe selihweba ngokukhululeka selinomkhiqizo olinganiselwa kosigidintathu aba-$3,4. 

Kwakuwuhlelo oluhle kakhulu lolu, okwakuzokuthi uma luphumelela kuphumelele izwekazi i-Afrika ngokomnotho ngoba lokhu kwakuyoholela kokunye, lize lizimele izwekazi i-Afrika. Iningi labaholi bangaleso sikhathi abasekho kanti abanye sebaphuma ebuholini, kodwa isivumelwano sisalokhu simile. 

Uma sibheka isikhathi umhlaba wonke obhekene naso ngokhuvethe, lesi sivumelwano besizolisiza kakhulu izwekazi i-Afrika kulo nyaka.

Kulezi zinsuku ngike ngahlangana nenkulumo yomholi weqembu i-Economic Freedom Fighters uMnu uJulius Malema ephendula imibuzo yentatheli. Ithe intatheli uma imbuza ngeqhaza elingabanjwa yiSADC neNhlangano Ubumbano Lwe-Afrika kulesi simo esibhekene nezwekazi i-Afrika, uMnu uMalema wathi ayikho into eyilezi zinhlangano futhi akukho eziyoke zikwenze ukuguqula isimo sempilo yabantu ibe ngcono nomnotho ube sesimweni esihle. Uqhube wazichaza lezi zinhlangano njengezinkundla lapho abaholi abadala bevikelana khona, wathi akukho abakukhulumayo okuyosiza amazwe abo ukubhekana nezinkinga zomnotho. Uqhubeke wathi kumele kungene intsha okuyiyona eyokube isekhona onyakeni wezi-2063, izihlelele ikusasa le-Afrika. 

Uyaziwa umholi weqembu i-EFF ukuthi uyazikhulumela uma ethole ithuba futhi ukhuluma izinto abaningi abangenaso isibindi sokuzikhuluma, kodwa iningi lazo ziyiqiniso elifiswa ngabaningi. Anginaqiniso ukuthi iNhlangano Ubumbano Lwe-Afrika seyihambe kangakanani ohlelweni lwayo lweminyaka eyishumi ezophela eminyakeni emithathu ezayo. 

Okungenza ngifise ukubheka lokhu yisimo esikhungethe umhlaba engisithatha njengengqayizivele yethuba le-Afrika yonkana noma-ke okungenani i-Afrika eseNingizimu ukuba ihlomule kulolu hlelo. Kuvaleke ukuhamba nokuthunyelwa kwemikhiqizo evela kwamanye amazwe, ngokuvalwa kwemingcele, yilelo nalelo lizwe laphoqeka ukuba libhekane nezindaba zalo. Lokhu kunike amazwe ithuba lokubheka impilo nenhlalakahle yabantu balo. Isikhathi sokhuvethe yisikhathi okumele siphoqe abaholi bamazwe asesifundeni esibizwa ngeSub Sahara baphume namasu okuthumelelana ukudla. 

Angikholwa wukuthi ukudla kwasemazweni aphesheya sikwethemba ukwedlula okomakhelwane bethu. Noma isimo sinje zikhona izinhlelo abaholi abangaxhumana ngazo. Lesi sikhathi kuvalekile ukuhweba ngokukhululekile namazwe aphesheya, kumele ngabe amazwe asondelelene akha izinhlelo ezizokwenza ukuthumelelana imikhiqizo ethile kukhuthazwe ezakhamuzini zala mazwe. 

Sekuyisikhathi eside kuxoxwa kwenziwa izivumelwano zokuhwebelana kwamazwe ase-Afrika, kodwa akukuningi esingathi kungabanjelelwa kukho esingathi kunokubambisana ezinhlelweni zokuhwebelana nokunikezelana ngezinto ezibalulekile njengokudla okudingwa kakhulu yimiphakathi yala mazwe. Osomabhizinisi bala mazwe, ikakhulukazi abaseNingizimu Afrika bangasizakala uma kungasebenza lesi sivumelwano. Kungaba kuhle uma kungaba nezingxoxo eziphuthumayo ikakhulukazi emkhakheni wezolimo, kungasizakala kakhulu ukuthunyelwa kwemikhiqizo nemboni yezolimo ithuthuke kunciphe inkinga yobubha e-Afrika eseNingizimu. 

See Also

Kuningi ukubambisana kwezolimo okungaba khona kula mazwe, okungenza amazwe ase-Afrika eseNingizimu aqambe ezintsha izinhlelo zokuthola ukusebenzisana ezinhlelweni zokufukula umnotho. Isimo sezulu siyehlukahlukana kula mazwe nomhlabathi uvumela imikhiqizo engafani okungathi ngokuxoxisana abalimi bamazwe babe nezimakethe ezintsha ezingagcina ziguqula isimo somnotho weAfrika yonkana. Lokhu kwehlukana kwezimo zala mazwe yikho okungenza yilelo nalelo lizwe lisizakale ngalokho elingenakho kwelinye.

Izwekazi i-Afrika linamathuba amaningi okungasizakala kuwo abalimi ngemikhiqizo eyehlukahlukene. Iqiniso esilaziyo ngelokuthi amazwe ase-Afrika asethembele kakhulu emazweni amakhulu aphesheya kwezilwandle aletha kula mazwe imikhiqizo yawo yokudla okunhlobonhlobo, okubalwa phakathi kwawo ngisho inyama. Uma sibheka umkhakha wezolimo eNingizimu Afrika, kunemikhiqizo evela kumazwe aphesheya ethi uma ifika kuleli zwe ibulale izimboni zakuleli zwe. Le mikhiqizo evela kumazwe aphesheya ibiza amanani aphansi okwenza abalimi bakuleli badlele ogageni uma bethembela kulokho abakukhiqiza bona ngoba ukulima kugcina kubiza kuleli lizwe. 

Inhloko ye-Agri Business Pan Africa, uMnu uLouis van Ravesteyn ekhuluma ngokuhwebelana namazwe ase-Afrika uthe kungasiza ukwenza ingqalasizinda ezokwenza kube lula ukweqa imingcele ngaphansi kwesivumelwano esibizwa nge-African Continetal Free Trade Area eyasungulwa yiNhlangano Ubumbano Lwe-Afrika. 

Umcabango ongifikele ekugcineni kwakho konke lokhu, ngothi, kazi bangaki abalimi nabakhiqizi boHlanga abakulungele ukuhwebelana namazwe ase-Afrika kuyimanje. Kuyadinga aboHlanga bazimise ngomumo ezabo izinhlelo zamabhizinisi ukuze bahlomule uma sekuvuleka le mingcele. Okwamanje basembalwa osomabhizinisi boHlanga esingathi bakulungele ukusebenzisa amathuba anjengalawa ngokuphelele.

Scroll To Top