KwaboHlanga onguNkulunkulu uyikho konke, kalingani nalutho
UNgqondobukhali yisithunywa seZinyandezulu
Siphila ezweni nasemhlabeni lapho uSimakade abantu sebamfaka ekopini thizeni bamenza owabathile. Babodwa abathi unguKhrestu, abanye bathi uzwa amaSulumane nabathi ungokaShembe. Kubo bonke laba bambalwa abazibuza ukuthi konje aboHlanga engakafiki wonke la mahlelo bona babethi ungubani? Lona umbuzo osukhiqize amaphepha namabhuku amaningi.
Angikhulumi-ke ngabazibiza ngezazi. Abanye balezi zazi baze bakubone kuwubuhlakani ukuthi uma beqala nje becubungula isihloko sokuqonda kwaboHlanga ngoMvelinqangi bese bekuncikisa kulezi zinkolo noma amahlelo akhona. Leli yiphutha elenza ukuqonda kabanzi nangokuphelele kungaveli.
Bukhona ubufakazi bokuthi aboHlanga babazi uMvelinqangi ngendlela yabo futhi kabafunzwanga ngamahlelo lawa asesabalele umhlaba. Ubufakazi balokho je kusasukwa kusegameni ababembiza ngalo uSimakade. Kuwo wonke amagama ayesetshenziswa ngaboHlanga kusuka eKapa kuya eCairo, eMorocco naseMadagascar lali ngekho igama eliwumfakela elisho uSimakade. Kusuka emizini yabamnumzane, emphakathini nasesizweni kwakwaziwa ukuthi ungubani lo Simakade. Amandla akhe ayaziwa, ehlonishwa, imikhosi yakhe ilandelwa yizizukulwane.
Obunye ubufakazi yikuthi aboHlanga lo Simakade babengamlinganisi nalutho, namuntu. Wayengabandluli, engenawo umndeni okuthiwa ungowakhe noma awuthanda ukwedlula eminye. Wayengawona uNkulunkulu kaZulu, kaXhosa noma kaNgwane, wayengowawo wonke umuntu. Lokhu kokuthi kukhona okungathiwa uyinkosazane yakhe noma indodana yakhe kwakungekho ngisho olwimini lwaboHlanga abangabeNguni. Ngigcizelela abeNguni ngoba kulaba baseGibhithe kwake kwakhona ukukhuluma okuthi kwakukhona uNkulunkulu owayezala nokwagcina sekusetshenziswa ngabenkolo yobuKhrestu besho ukuthi kunoNkulunkulu oziqu zintathu. Siyokuxoa ngelinye ilanga ukuthi konje engabe lokhu kwabe kusho ukuthini.
Okunye abeNguni abehluka kukho yibala nobuzwe bukaSimakade. Ngamalumbo lawa okuthi kuthiwe unezinwele nebala elithile. Asifiki lapho ngoba vele kasimazi.
Kanti uma nxa sithi ongabonwayo sisuke sithini ngoba sisuke sisho khona ukuthi kabonwa, kaziwa?
AboHlanga babengadingi sakhiwo sokukhonzela lapho besondela kuSimakade. Imisamo le esemakhaya kwakuyindawo yokuxhumana. Kepha okwabe kunmqoka wukwenza kwabo engingathi ngokuswela amagama ngithi kwabe kunobuNkulunkulu.
Licishe liqahamuke lapho-ke elobuntu ngoba leso senzo sibekwa njengesiveza ukulunga, imfudumalo, ubumnene nobulungiswa kanjalo nothando okwabe kumataniswa nobuNkulunkulu.
Imikhosi lena kwabanye osekwaba yizimvuselelo kwabe kungenye yendlela yokuxhumana, ukushweleza nokubonga kongaBonwayo. Babe bonga ukuzalwa kwengane, izigaba zayo zokukhula, kubongwa impahla, amasimu, imvula. Ukunqoba izifo nezimo ezinzima. Khona lapho babezisola kuye uma kube khona ukuphambuka endleleni.
Konke lokhu kwakungadingi sakhiwe noma uhlaka lwangaphandle ngoba konke kwabe kulapha ekhaya, kukuye umuntu ngamunye.
Okokugcina engifisa ukukugcizelela yikuthi kwaboHlanga uSimakade kasona isithixo. Uyisiqu sonke esivela futhi esingcina kuso. Uyimpilo, uluthando, uwukwanda nenala.
Ungohlale enathi, kasuki kithi kepha yithi ngezenzo esiqhela kuye. Uma sibuka sizwa ngokwenzeka ezweni nasemhlabeni akukho lukhuni ukwamukela ukuthi nembala sesiqhelile kuye. Ukwenza kwethu ngokwabantu abakude nekhaya nabadinga ikhaya.
Kuhle ngalesi sikhathi sizifune, sifune lapho sikhona lokho kuqala ekuzazini ukuthi singobani nokuthi konje usikonkolo lwethu lwabe luthini ngoba impendulo ilapho, emlotheni.