Amamafini kalamula nezinhlamvana zikapopi


Enye yezinto ezithokozisa umphefumlo wami kakhulu, yiphunga eligcwala indlu njalo lapho ngibhaka. Iphunga lezithako (lapho kubhakwa okanye kuphekwa), ngokwehlukana kwazo, zivame ukuvusa imizwa ethize kubantu, eminye yayo obungacabangi nokuthi iyoke ivuke. Ngokososayensi, izinto esizibona ngamehlo azivamile ukuvuselela imizwa ngendlela lezo esizihogelayo eziyivuselela ngakhona. Uma umuntu ehogela iphunga elithize, elihambisana nesehlo esenzeka esikhathini esedlule, kulula ukuthi leso sehlo sibuye kuyena njengoba sinjalo. Ngike ngafunda incwadi ekhuluma ngomlando wombhali wayo. Encwadini, umbhali ubhala ngendlela angalithandi ngakhona iphunga lenyama yenkomo. Ngokombhali, iphunga lenyama yenkomo limkhumbuza isimo esingesihle senhlalo ayiphila ngenkathi ekhula. Eneminyaka eyisikhombisa, wayevuswa njalo ezintathakusa ukuze aqinisekise ukuthi izinkomo ziyakhishwa ukuze ziye ediphini noma ziyokweluswa.
Nokho akusiyona imizwa engemihle kuphela evundululwa iphunga esilihogelayo. Ngake ngahambisana nomngani wami okwathi lapho sidlula endaweni lapho kubhakwa khona amakhekhe, wama wahogela emamatheka. Ngokusho kwakhe, wayehehwa yiphunga lesinkwa sikabhanana esasibhakwa ngaphakathi. Iphunga likabhanana limenza akhumbule izinsuku zakhe zokuqala ehlala enyuvesi lapho ayefunda khona. Ngokwakhe, wafunga mhla ephuma ekhaya ukuthi angeke alokothe apheke uma esehlala yedwa enyuvesi ngoba wapheka kakhulu esahlala nabazali. Ngempela uthi wakwenza lokhu cishe izinyanga ezimbili eqale ukuhlala khona. Uthi wayedla isinkwa sikabhanana cishe izinsuku ezine evikini futhi wayekuthokozela lokho.
Iphunga levanila lingikhumbuza ngezikhathi ngivakashela umamkhulu wami eSoweto ngiseyingane. Indlela yakhe yokwamukela labo abavakashile kwakuba ukubabhakela amamafini evanila. Njalo uma ngifika kwakhe, ngangikhangwa yileli phunga elimnandi ngendlela eyisimanga. Iphunga likalamula lona lingikhumbuza uthando ugogo wami owangikhulisa, uMaShezi ayenalo ngami. Njengoba wayesebenza emajalidini, wayeqiniseka ukuthi konke ukudla ayekuphiwa ngabaqashi bakhe wanyengiphathela kona ntambama uma esebuya. Ngenxa yokuthi babetshale izihlahla zikalamula egcekeni labo, ulamula wawuhlale ukhona njalo emgodlweni wakhe kanye nesinkwa esigcotshwe ibhotela nojamu. Ngaqala ngaleso sikhathi ukuthanda ulamula ngendlela engiwuthanda ngayo. Njengoba ngike ngabhala kule ngosi phambilini, ukubhaka ngolamula kungenye yezinto engizithokozela kakhulu.
Ngeviki eledlule, ngibhakele umndeni wami amamafini kalamula nezinhlamvana zikapopi (poppy seeds). Iphunga eligcwale indlu ngenkathi ngibhaka lingithokozise ngendlela eyisimanga. Nabantwana bami bawathokozele kakhulu, bawadla ubuthaphuthaphu.
Aphele ngosuku olulodwa, nokungigqugquzele ukuthi ngiphinde ngiwabhake futhi ngakusasa. Lena, bekuyindlelakwenza ebengingakaze ngiyizame ngaphambilini. Yiyona esizocobelelana ngayo kulesi siqephu. Ngiyethemba nawe uzoyithokozela. Nginqume ukungawafaki ifrosting awami amamafini kepha ngawavuvuzela ngeglaze kodwa wena ungayifaka uma uyithanda.
Ungazenzela amamafini kalamula nezinhlamvana zikapopi
Izithako (zamamafini)
- Izinkomishi ezintathu (3) zikaflawa
- Izipuni zokudla ezintathu (3) zezinhlamvana zikapopi.
- Amathispuni amabili (2) kaBaking Powder.
- Ingxenye yethispuni (1/2) yeBicarbonate of Soda
- Ikota (1/4) yethispuni kasawoti
- Ama-220g kashukela omhlophe
- Ama-85g ebhotela elithambile
- Ama-60ml kawoyela wokupheka (ngincoma oweCanola)
- Isipuni sokudla esisodwa (1) sesikhumba sikalamula ogrethiwe
- Amaqanda amakhulu amabili (2)
- Ithispuni elilodwa (1) leVanilla Essence
- U-2/3 wenkomishi kakhilimu omuncu
- Ama-155ml obisi
- Ama-45ml kajuzi kalamula
Izithako (zokuhlobisa amamafini)
- Inkomishi eyodwa (1) kashukela osampuphu
- Izipuni ezimbili (2) zezipuni zokudla zikajuzi kalamula
Indlelakwenza (amamafini)
- Shisisa uhhavini ngokuwubeka ku-1800 C.
- Lungisa ipani lokubhaka amamafini ngokulininda kancane ngowoyela okanye ulivuvuzele ngeNon-Stick Spray.
- Endishini enkulu ngokwanele, sefa uflawa, ufake izinhlamvana zikapopi, uBaking Powder, iBicarbonate of Soda, kanye nosawoti. Hlanganisa ngewhisk ubeke eceleni.
- Kwenye indishi, faka ushukela, ibhotela, isikhumba sikalamula kanye nowoyela.
- Ngokusebenzisa umshini kagesi, ngesivinini esimaphakathi nendawo, hlanganisa ngokuphelele ingxube ize ibe ngathi iyashuba.
- Faka amaqanda ngalinye, uqhubeke uxube aze aphelele. Qiniseka ukuthi ingxube ihlangana ngokuphelele emva kokufaka iqanda ngalinye.
- Faka iVanilla Essence bese uyahlanganisa.
- Endishini encane, hlanganisa ubisi, ukhilimu kanye nojuzi kalamula ngewhisk, ngokuphelele.
- Thela ingxube yobisi kwekashukela, uhlanganise ngokhezo olukhulu.
- Hlanganisa izithako ezomile nalezo ezimanzi. Hlanganisa ngokhezo olukhulu. Uqaphele ungahlanganisi ngokweqile.
- Thela inhlama epanini lokubhaka, uqikelele ukuthi yonke icishe ilingane ukuze abukeke kahle amamafini akho.
- Bhaka imizuzu ephakathi kweyishumi nanhlanu (15) neyishumi nesishiyagalolunye (18).
- Ukuhlola ukuthi asevuthiwe amamafini akho, shutheka uthi lokuvungula kumafini elilodwa elimaphakathi nendawo. Uma uthi luphuma lomile, kuyobe kusho ukuthi asevuthiwe.
- Khipha ipani ngaphandle, upholise amamafini akho.
Indlelakwenza (okokuhlobisa amamafini)
- Endishini encane, sefa ushukela osampuphu.
- Thela ujuzi kalamula bese uhlanganisa ngokhezo olukhulu.
Uma esephole kokuphelele amamafini akho, vuvuzela okokuhlobisa phezulu.
Amasu
- Uma uthanda ukunambitheka kukalamula okuthe xaxa kumamafini akho, yengeza isikhumba sikalamula. Ungalokothi wengeze ujuzi kalamula ngoba inhlama yakho izoba manzi ngokweqile.
- Uma ufuna iglaze yakho ibe manzana, yengeza ujuzi kalamula uze ugculiseke.
Qhubeka ungithumelele izithombe zakho zokudla okuphekayo kanye nezombhako eziko lakho. Uma unemibuzo nganoma yini ethinta iziko, ungangithumelela i-imeyli, ku: szungu@nkzgroup.co.za