Inkosazane kaMntungwa ithi ufele lapho ebethembe khona
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kwabaningi udume kuleli sonto njengesibalo nje sabantu okungenzeka ukuthi bafe ngesikhathi sokhuvethe noma ababe yizisulu zempatho engeyinhle ezibhedlela zakuleli. Kepha emndenini wakhe ubeyinhloko yekhaya obekunethemba lokuthi isazoba nomwele olude. Lona nguMnu uSibusiso Edward Khumalo obakhe eNorthdale, kunombolo 35 emgwaqeni uGita eBombay, eMsunduzi. UMntungwa uhlangane nokufa ngaphasi kwamakhaza ebumnyameni. Umphefumulo wakhe uphumele endaweni yokupaka izimoto ebiyisakhiwo sezimo ezibucayi njengoba indawo yangakubo nenjengezinye ibhekene nesiqhwaga, ukhuvethe. Zinede zasababa izindaba zomuga wokwedlula kukaKhumalo ngaphansi kwale zimo elaboHlanga laphikelela khona ukuyobabaza nokuzwa okwenzekile.
Ithimba lezintatheli lamukelwe yinkosazane yakhe uMntungwa uHlengiwe ebimele ezinye izingane zakwabo u-Andile noSanelisiwe. Ngesikhathi zifika unina uMaPhakathi ubengaphakathi endlini esingethwe ngomakhelwane nezihlobo bonke abebe samangele. Omakhelwane nezihlobo bebengafike nalutho kepha bebephethe udondolo abalapha kwaKhumalo abalwazi kahle, okulukholo lokuthi konke kuyintando kaSimakade. Inkonzo ebiqhuma phezulu ibifakazela lokho. Ngokwenkosazane kaKhumalo ukwedlula kukayise kube wubudedengu obusobala.
“Ubaba ubengumuntu wabantu, eyinakekela impilo yakhe njengoba ebehlale ezivocavoca. Ngeminyaka ye-1980 wabasengozini yemoto okuyiyo eyamenza waphazamiseka kwezinye izingxenye zomzimba. Lokhu kwenze ukuthi ahlale ehlinzwa njalo emva kweminyaka emithathu noma emihlanu. Indawo ahlinzwa kuyo kulapha ngasenqulwini ngoba okuyiyo ehlale iyolungiswa ngoba yagudluka ngesikhathi egingqika nemoto. Empeleni besithi yikho okuyogcina kumthatha emhlabeni kanti kasibuzanga elangeni,” kusho uNks uKhumalo.
Echaza nokumsondeze enkundleni lapho egcine esale khona uthe: “Ubaba ukhale ngezinhlungu esifubeni wacela ukuba simphuthumise kudokotela wakhe. Udokotela ubengekho nokwenze samphuthumisa esibhedlela. Yilapho eNorthdale okuthe uma abasekhaya befika, abangavunyelwa ukungena ngaphakathi kodwa kwathiwa ubaba akagcinwe esakhiweni sesikhashana endaweni yokupaka izimoto nokuyilapho kugcinwa khona abantu abanokhuvethe.”
Uqhuebeke wathi: “Kwale noma esekhala ngamakhaza ngoba bekubanda ngoLwesihlanu kodwa umhlengikazi umtshele ukuthi akukho angamsiza ngakho bamshiya khona lapho. Sigcine sesimhambisela ingubo sahlala naye kwaze kwashaya ihora le-11 ebusuku kwaphoqa ukuba sibuyele ekhaya kodwa elokhu ekhalile ngamakhaza. Kuthe nakusasa sabikelwa ukuthi usedlulile emhlabeni. Bathe udlule ezintathakusa ngoMgqibelo ngehora lesibili nokube yilapho thina sekufanele siyohlonza isidumbu sakhe emakhazeni asesibhedlela ngoMsombuluko. Isimo esisibonile yiso esingiphoqe ukuba ngibhale ezinkundleni zokuxhumana ukuze izwe libone impatho ubaba wethu ayithole eNorthdale esikholwa ukuthi asifisi abanye abantu babhekane nayo,” kuchaza uMaKhumalo.
Okwenzekele uKhumalo kunyakazise nezikhulu zikaHulumeni ezinye zakhipha isitatimende ezinye zathembisa ukuthi zizosondela kwaKhumalo ukuyohlanganisa amehlo. UNks Khumalo uthe uthintwe aboMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, nabeHhovisi likaNdunankulu bebaduduza ngokubehlele. “Kufone u-Agiza Hlongwane woMnyango waxolisa ngokusehlele wathembisa ukuthi uMnyango uzoluphenya lolu daba. Kuphinde kwafona noLennox Mabaso (ophethe ezokuXhumana kuHulumeni) wathembisa ukuthi uNdunankulu uzofika azosibona ekhaya kodwa njengoba ngikhuluma nani bebengakafiki,” kuqhuba uNksz uKhumalo.
Udaba lukaKhumalo seluvukuze imibuzo kwabanye yokuthi kungani isibhedlela iNorthdale safinyelela esinqumweni sokwenzela iziguli lo mpheme wesikhashana ekubeni uHulumeni kuthiwa wachtha izigidi zemali ukuba izibhedlela zibe nezindawo eziphephile zokuba izibhedlela zikwazi ukwamukela nokugcina iziguli okwesikhashana.
Ngaphambi kokuba kwakhiwe izikhungo ezengeziwe ezibhedlela ngenxa yokhuvethe, uMphathiswa Wezempilo KwaZulu-Natal, uNkk uNomagugu MaSimelane Zulu, wamemezela ukuthi zonke izibhedlela zizoba nezindawo eziphephile zeziguli.
Waze wathi ukwenziwa kwalezi zindawo zesikhashana kuzoncika ekutheni isiFunda ngasinye sibhekene nesimo esinjani samakhaza. Wathi lokho kuyokwenza ukuthi uma isibhedlela sisesifundeni esihlaselwe amakhaza, kuyomele isibhedlela singabi nawo amatende kodwa sikhulise amagumbi aso azokwazi ukugcina iziguli ngaphandle kokuba zibulawe amakhaza.
UKhumalo ngokwemiphumela enikezwe umndeni kuthiwa ubulawe isifo esibizwa ngeHypoxia.
UNks uKhumalo uthe kufanele lezi zakhiwo zamatende ezigcina iziguli kulesi sibedlela ziqedwe ngoba azikho esimweni sokugcina abantu abagulayo. INhloko yoMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal, uDkt uSandile Tshabalala, idlulise amazwi enduduzo emndenini yathembisa ukuthi bazoqala uphenyo ngalesi sigameko.
Kukhalwa nxa zonke
ElaboHlanga lihambele izibhedlela ezahlukene nayilapho kuvelile ukuthi zonke zinohlelo lokubeka izibhedlela ngaphandle. Zonke iziguli esikhulume nazo nezicele ukuba zingavezwa zikhale ngamakhaza nangokulahlwa ngaphandle. Esinye esikhulume naso esibhedlela esizimele eMhlanga sithe abantu lapha babulwa ngamakhaza kunesifo. Sithe size saqoma ukuhamba sibuyele ekhaya phakathi kwamabili ngoba amakhaza abelijuqa lapha phandle.
Esinye ebesihambele esibhedlela esiseMarianhill sithe siyoxoxela amagwababa echobana: “NgoLwesine olwedlule ngiye ngahlabeka esifubeni, kwabalukhuni ukuphefumula. Ngibe sengiphuthunyiswa esibhedlela saseMarianhill esaziwa ngeRoma. Lapha ngifike ngezikhathi zehora lesihlanu ntambama. Ngaphandle kokuthathwa kwamandla omfutho wegazi, alukho olunye usizo engilutholile kwaze kwashaya ihora leshumi ebusuku. Kuze kwazehlela ukuphefumula kanzima,” kusho uMnu u-Abrahama Ngwenya (igama lishintshiwe ukuvikela okhonondayò). UNgwenya uqhube wathi ngenxa yamakhaza ukuphefumula kanzima bekubuye kubuye. Ngokubona ukuthi baningi kanjani abantu abaseCasualty kanti udokotela munye, uNgwenya uqome ukuyogwadla elinye iqhinga lokulapheka.
“Bengibona ukuthi ngizofela emhubheni wasesibhedlela”, kuphetha uNgwenya.
Siye koshicilela sekukhona abamisiwe eNorthdale kepha umndeni wakwaKhumalo isimo besingakaguquki, inhloko yekhaya ayisekho, isibazi sokwenzekile yiso esibukeka singahle sibe ngunaphakade.