Now Reading
Bayagqoza aboHlanga kwezinye izingxenye zezokusubatha
Dark Light

Bayagqoza aboHlanga kwezinye izingxenye zezokusubatha

Uma kukhulunywa ngezokusubatha kubantu abaningi kufika kuphela iRoad Marathon eyakhiwe umjaho webanga lamakhilomitha amahlanu, ali-10, iHalf Marathon (21.1 km),  iMarathon (42.2km), i-Ultra Marathon eyakhiwe amakhilomitha angaphezu kwawemarathon, ehamba kuze kuyoshaya ebangeni le lamakhilomitha ali-100. 

Kukhona namabanga amafushane agijinyelwa kuTrack anjengebanga lamakhilomitha ali-100 kuze kuyoshaya kwayizi-10 000m. KwaboHlanga kukancane uzwe bekhuluma ngolunye uhlobo lwezokusubatha okuyiField Events. Lapha sikhuluma ngeLong Jump, iHigh Jump, iTriple Jump nePole Vault okuwuhlobo lwemidlalo yokugxuma ibanga elithile. Bayidlanzana kakhulu futhi aboHlanga abazibandakanya  neDiscus, iShot Put,  iJavelin neHammer  okuyizinhlobo okujikijelwayo kuzo. 

Ngesifanayo nakwehlanganisa imidlalo eyahlukene okuyiDecathlon enezemidlalo ngaphansi kwayo ezili-10  nakuHeptathlon equkuthe eziyisi-7. 

Ubufakazi bokushiwo ngenhla yizilinganiso ezigcine ukukhishwa yi-Athletics South Africa (ASA) ngaphambi kokuhlasela kokhuvethe. Kukhonya abezinye izinhlanga.

Kwebesifazane abali-10 abaphezulu kulezi zilinganiso, bambalwa kakhulu aboHlanga abakhona. Lokhu kusho ukumfimfa kwamathuba aboHlanga ukumela elakuleli emiqhudelwaneni yomhlaba efana ne-Olympic Games ahlehliselwe unyaka ozayo, eJapan, iCommonwealth Games, iWorld Athletics World Championships neminye.

Kwabayishumi bokuqala besifazane akekho noyedwa okhona kuJavelin,  kuPole Vault, kuShot Put nakuHammer. 

KuHigh Jump ihlazo livalwe uMichelle Ngozo, uSeowe Bophelo kuLong Jump noLesedi Khunou. 

KuTriple Jump kukhona uLerato Sechele noGotse Morake. Kwabesilisa akufani, kubukeka omakadebona abanjengoKhotso Mokoena noLuvo Manyonga bawavula amasango.


p.p1 {margin: 0.0px 0.0px 0.0px 0.0px; font: 9.0px ‘Avenir Light’} span.s1 {font: 11.0px Miller}
ULuvuyo Manyonga  Isithombe: Twitter

Ukusho abambalwa, kuHigh Jump kukhona uGayisa Masangwanyi, uChris Moleya. KuLong Jump kunoMokoena, uNikithemba Hani noPeter Mogate. 

KuShot Put nakuHammer kunoTumelo Tage noTsepang Makhatha. 

KuTriple Jump kukhona abanjengoMenzi Mthembu no-Attain Magomo. KuJavelin nakuPole Vault kuvalwe ngehlahla.

KuTrack Events, ebangeni lama-100m, lama-200m, lama-400m, lama-800m, lama-1 500, lama-3 000m, lama-5000m nelama-10 000m bese kuba yiSteeplechase, amaHurdle nakuRelay kubukeka bethembisa abafana no-Akani Simbine, uZakithi Nene, uTsepo Tshile, uRyan Mphahlele, uSipho Mbanjwa, uMbuleli Mathanga, uNeo Segopole, u-Azile Madini nabanye. 

See Also

Kwabesifazane kukhona abanjengoTebogo Mamatu, uBanele Shabangu, uPrudence Sekgodisi, uMakgata Naledi, uNtokozo Gumede, uThobile Mkhize nabanye. 

Nakuba bezama aboHlanga kuRoad Racing kuyinto eyaziwayo ukuthi aboHlanga abathintwa emabangeni amade kusukela kuHalf Marathon, iMarathon kuze kuyoshaya ku-Ultra Marathon.

KuHalf Marathon sikhuluma ngezinyamazane ezinjengoStephen Mokoka, uLusipho April, uSibusiso Nzima, uLungile Gongqa ukusho abambalwa. 

Ku-Ultra Marathon abakukeli sebezivezile ukuthi bangabanye abakhonyayo emhlabeni. Nyakenye kuma-International Association of Ultra-Marathon (IAU) World 50km Championships elakuleli libuye nendondo yethusi. Bekubhoke abanjengoLungile Gongqo, u-Edward Mothiba onqobe iComrades Marathon nyakenye, uBongumusa Mthembu naye oseyinqobe amahlandla amabili. Nangowezi-2016, eSpain, uMthembu wanqobela elakuleli indondo yesiliva kuma-IAU Championships waphinda eyethusi ngowezi-2018 eCroatia ehambisana nezintokazi ezinjengoFikile Mbuthuma. Kwezokuhamba kusemnyama kwabesibhuda. 

Kwabesilisa kubukeka  abasubathi abanjengoLebogang Shange bewavulile amasango. Ulandelwa ezithendeni abanjengoTumisang Pule, uMzwakhe Mavundla, uSizwe Ndebele ukusho abambalwa.

Scroll To Top