Now Reading
Ukubaluleka kobulungu ekilabhini yezokusubatha
Dark Light

Ukubaluleka kobulungu ekilabhini yezokusubatha

Amakilabhu ezokusubatha awumgogodla kulo mdlalo emhlabeni jikelele. Kawagcini nje ngokuba insika nomkhombandlela kubasubathi kepha iwona aphinde abe ngabaqaphi noma amasosha eWorld Athletics (ebeyaziwa nge-International Association of Athletics Federations) kuwona wonke amazwe abhalise ngaphansi kwayo.

La mazwi angenhla ashiwo ngabezinhlaka ezahlukene kwezokusubatha ngesikhathi elaboHlanga lifakana nabo umlomo ngokubaluleka kwamakilabhu. 

UMnu uSteve Mkasi okhulumela ithimba lesikhashana leKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uthe amakilabhu ayisiqalo aphinde abe yisigcino ku-Athletics South Africa (ASA) kuya kuWorld Athletics njengoba kuyiwo enza imijaho okuhlungelwa ngayo imiqhudelwano yezifunda, kazwelonke, eyamazwekazi kuya kweyomhlaba. 

Uveze nokuthi kubalulekile ukuthi umsubathi ajoyine ikilabhu ngoba noma angaba nethalente  ngeke aqokelwe emaqenjini esizwe. Kukhethwa abasubathi bamakilabhu abhaliswe ngokusemthethweni esifundeni esingaphansi kwe-ASA alandela umthethosisekelo weWorld Athletics.

“Ngaphansi kwekilabhu umsubathi uthola ilayisense  afaka izinombolo zayo uma esubatha. Le layisense isiza kokuningi. Kokunye kwakho ukuthi  mhlawumbe uma  eshayiswa imoto ngesikhathi esemjahweni akhokhelwe umshwalensi ongaphansi kwe-ASA. Njengoba i-ASA inezifunda ezili-17 kuleli, ngaphandle kwamakilabhu ngeke kwalunga lutho,” kuchaza uMkasi wePuma KZN.

Mayelana nokusungula ikilabhu, uthe ingasungulwa yinoma ngubani inqobo nje uma ezolandela umthethosisekelo we-ASA aphinde abe nothando nentshisekelo yalo mdlalo. 

Lapha KwaZulu-Natal isicelo sokuyivula sihanjiswa emahhovisi eKZNA. Kokunye lesi sicelo okumele sibe nakho yisibalo namagama amalungu esigungu esiphezulu esidingekayo, umthethosisekelo, i-akhawunti yasebhange, isibalo sabagijimi, imibala ezosetshenziswa ikilabhu, ukusho okumbalwa.  

Okunye okubalulekile ukuthi ikilabhu kumele kumthethosisekelo wayo ibe nezinhlelo zokuthuthukisa intsha emazingeni aphansi.

Imali yobulungu iyahluka uma ikilabhu ibhaliswa. Uma isibalo sabagijimi siqala ema-20 kuya ekhulwini kuba ama-R380. Ngaphezu kwekhulu kuya ema-200 kuba ama-R450.  Ngaphezulu kwalokhu kuba ama-R750. Kuphinde kubhekwe ukuthi ikilabhu isedolobheni noma emakhaya.

Izinkampani ezisungula amakilabhu ezifana neNedbank Running Club, iBoxer AC, iMaxed Elite nezinye zikhokha kakhulu ngoba zithola ithuba lokuzimaketha ngamanani aphansi uma kunemijaho. Ziqala ukukhokha kusukela ezi-R5 000. 

See Also

Ngasohlangothini lwabasubathi uMnu uMdu Khumalo ongumnikazi nomqeqeshi wePhantane AC uthe umsubathi wonga eningi imali ngokujoyina ikilabhu. 

Kuhluka ngamakilabhu imali ajoyinisa ngayo abasubathi.  Ekilabhini umsubathi uthola ilayisense yonyaka. Ongenakilabhu uyithenga njalo uma ezongenela umjaho. Amanye amakilabhu anabaqeqeshi bawo okusiza abasubathi ukuthola uqeqesho lwezinga eliphezulu nokuphinde kukusize ukuthola ukuncintisana kwezinga eliphezulu. Akabi inkomo edla yodwa.

UMnu uSipho Mbanjwa ongumdidiyeli nophinde abe umsubathi kuHollywoodbets Athletics Club uthe ukuba khona kwezimeneja emakilabhini kubasiza ekubaziseni ngemijaho ekhona nokubahlelela izithuthi zokuya khona, izindawo zokulala, ukubakhokhela imali yemingenelo nokunye. 

Uthe amanye amakilabhu ayakwazi ukukhokhela abasubathi njalo ngenyanga.

Scroll To Top