Isisemlonyeni konompempe ilinde eyePSL
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ekuqaleni kwesonto uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza onguSihlalo wePremier Soccer League (PSL) ukuqedile ukuqagela ngokuthi kuzokwenzekani ngemidlalo ye-Absa Premiership kanye neGladAfrica Championship.
Baningi akade sebelahle ithemba ngokubuya kwemidlalo, abanye bebesola ukuthi okudala ingabuyi imidlalo ingoba bekukhona ukungakwazi ukuhlangana kukaKhoza noDkt uDanny Jordaan ophethe inhlangano iSouth African Football Association (SAFA).
UKhoza umemezele ukuthi imidlalo ye-Absa Premiership neyeGladAfrica Championship izobuyela enkundleni ngempelasonto ezayo.
Ukubuya kwemidlalo kusho ukuthi umbango phezulu, maphakathi nasezansi uzoqhubeka kula maligi womabili.
Elinye la maqembu asengcupheni yezembe iBaroka FC.
IBAYEDE ikhulume nenjini yaleli qembu uKhulekani “Chillies” Madondo nothe akafuni nokuyikhuluma eyokudlala kuGladAfrica Championship ngesizini ezayo.
IBaroka FC ezinze ePolokwane ihlezi endaweni ye-13 kulogi, isidlale imidlalo engama-24 inamaphuzu angama-23. Ekubeni kwayo namaphuzu angama-23 ilingana nePolokwane City esendaweni ye-14 na-AmaZulu FC asendaweni ye-15.
Kulogi iqembu eliyibambe emsileni iBlack Leopards ngamaphuzu angama-20 emdlalweni engama-24.
“Ngidlale isikhathi eside kuGladAfrica Championship, angifuni nokuyizwa eyokubuyela khona njengamanje. Ngiyabazi ubunzima bakhona. Ingakho ngikakuphuphi noma ngilele ukudlala khona,” kusho uMadondo.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-30 kusukela ngonyaka wezi-2017 ubegijima kuRichards Bay FC kwaze kwaba isizini edlule. Ngaphambi kwalapho wayedlalela iMaritzburg United, AmaZulu FC kanye nePlatinum Stars.
Emdlalweni wokugcina ngaphambi kokuthi kumenyezelwe ukumiswa kwemidlalo iBaroka FC yahlula iBlack Leopards ngamagoli amabili eqandeni, lowo mdlalo wawubanjelwe ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
“Yize kuzosiphazamisa kancane ukuthi asisenayo imidlalo esizoyidlala ekhaya kodwa siyakholelwa wukuthi sinethuba elanele lokusindisa iqembu.”
Njengoba izwe liphila esimweni esinzima nje ngenxa yokhuvethe, iBaroka FC ingelinye lamaqembu okutholakale kulona abantu abanaleli gcinwane. Kulabo kubalwa abadlali abane nalokho okwaqinisekiswa uSihlalo waleli qembu uMnu uKhurishi Mphahlele.
“Ezinyangeni ezintathu besiziqeqesha ngamaqoqo kodwa kusukela ngesonto eledlule besesiziqeqesha sonke njengeqembu ngoba bese siyibona inhlansi yethemba ukuthi imidlalo izobuya,” kusho uMadondo.
IBaroka FC eteketiswa ngokuthi iBakgakga isalelwe imidlalo eyisi-6 ngaphambi kokuthi kusongwe imidlalo ye-Absa Premiership ezosongwa esontweni lokuqala kuMandulo.
Ayilula neze imidlalo esalele iBaroka FC, izobhekana no-Usuthu (AmaZulu FC), i-Orlando Pirates, iChippa United, iMamelodi Sundowns esembangweni weligi njengoba isendaweni yesibili kulogi, iSupersport United bese igcina ngeKaizer Chiefs ehlezi esicongweni kulogi.
Okwenza kubukeke inzima le midlalo esalele iBakgakga ingoba emlenzeni wokuqala ibhekene nala maqembu ayinqobanga nowodwa umdlalo.
Yahlulwa Usuthu ngegoli elilodwa eqandeni, yahlulwa ngamabili eqandeni iSupersport United yaphinde yaguqiswa iChiefs ngelilodwa eqandeni.
Yabe isidlala ngokulingana nePirates ngamabili nhlagothi zombili, yalingana neChippa United kanye neSundowns ngeqanda kuyona yomibili imidlalo.
“Uma ubheka imidlalo yethu ilikhuni kakhulu. Lapha ngikhuluma ngokuthi sizodlala namaqembu amane aphezulu namabili esibanga nawo ukuvika izembe. Le midlalo sidinga ukuthi nakanjani siyidlale ngokuzimisela ukuze sizogijima kule ligi nangesizini ezayo. Ngicabanga ukuthi izinga lethu lokuzethemba liphezulu kakhulu njengoba sadlala kahle emdlalweni wethu wokugcina. Uma singeza nalowo moya wokulwa kuzosisiza kakhulu empini yokuvika izembe,” kusho uMadondo.
IBakgakga ingelinye lamaqembu amane asele kuNedbank Cup, emdlalweni wayo ozoba ngempelasonto ezayo izodlala neBloemfontein Celtic.
IBakgakga njengoba imidlalo yonke izoqedelwa eGoli, izosebenzisa iBidvest Stadium ngokuhlanganyela neSupersport United. ISundowns neHighlands Park basebenzise iDobsonville Stadium, iPirates neLamontville Golden Arrows badlalele e-Ellis Park Stadium.
IChiefs neChippa United bazosebenzisa i-Orlando Stadium, iWits neLeopards badlele eFNB Stadium, iCape Town City nePolokwane City basebenzise iLoftus Versfeld Stadium.
Usuthu neMaritzburg United bazodlalela eLucas Moripe Stadium, kuthi iCeltic neStellencsch FC basebenzise iTuks Stadium.