Now Reading
Isondo lesihlanu eliphantshiswe wukhuvethe
Dark Light

Isondo lesihlanu eliphantshiswe wukhuvethe

Uma udlala ekhaya kunoma imuphi umunxa wezemidlalo usuke unethemba elikhulu ukuthi uzonqoba kwazise baningi abasuke bekuseka lapho sibala umndeni, abangani nabantu okhulele phambi kwabo.

Lokho kuvelile njengoba kudlalwa imidlalo phesheya kwezilwandle, amaqembu amaningi abethwala kanzima ngisho edlala ekhaya nokuyinto engenzeki uma kukhona abalandeli.

Umshayeli weMercedes ngaphansi komjaho wezimoto obizwa ngeFormula One (F1), uLewis Hamilton, ukhala ngabo abalandeli njengoba eya emjahweni obizwa ngeBritish Grand Prix.

IBritish Grand Prix izokuba ngeSonto ngele-15:10, eSilverstone Circuit, e-England.

“Kunzima ukushayela bengekho abalandeli ngoba ibona abakunikeza umfutho wokuthi wenze kahle kulowo mjaho,” kusho uHamilton.

UHamilton usho lokhu nje uzobe egijima ekhaya okusho ukuthi abalandeli bebezobe bebaningi ebebezomeseka.

“Kuhlezi kuyisibusiso ukudlala umqhudelwano osuke useSilverstone, ngoba ngisuke ngisekhaya kodwa kulokhu kuzohluka ngoba zizobe zingekho lezi zihlwele ezihlezi zingeseka ngaso sonke isikhathi. Yize kunjalo kodwa ngizolwisa okwengwe ukunqoba lo mjaho,” kusho uHamilton.

UHamilton oneminyaka yobudala engama-35 usebe ngumpetha womhlaba kayisi-6. Kulo nyaka usemathubeni okuthi aqophe umlando wokulingana noMichael Schumacher owaba ngumpetha kayisi-7.

Ukunqoba kwakhe lo mqhudelwano uHamilton kuzomenza anqobe imiqhudelwano engama-87 bese esala ngemine kuSchumacher yena owanqoba engama-91 ngaphambi kokuthatha umhlala phansi.

Lo mshayeli (uHamilton) uyena onqobe iBritish Grand Prix nyakenye, kwakungekhona okokuqala njengoba esebe ngumpetha amahlandla ayisi-6. Wanqoba ngonyaka wezi-2008, 2014, 2015, 2016 nangonyaka wezi-2017.

See Also

Ngokwezikleliso zakule sizini kubashayeli uHamilton uyena ohamba phambili ngamaphuzu angama-63, kulandele uValtteri Bottas waseFinland oshayela iMercedes onamaphuzu angama-58, endaweni yesithathu khona nguMax Verstappen waseBelgium oshayela ngaphansi kweRed Bull unamaphuzu angama-33.

Ngokwezimoto iMercedes iyona eqenqeleza phambili ngamaphuzu ali-121, kulandele iRed Bull ngama-55 kube iMcLaren yona enamaphuzu angama-40.

“Kungenzeka ukuthi kuzobe kungokokugcina ngishayela eSilverstone. Bengifisa ukuthi babekhona kodwa akuyi ngami. Ngiyafisa ukuthi bahlale bephephile njengoba sisesikhathini esinzima kangaka seCoronavirus,” kusho uHamilton.

Njengoba umkhankaso weBlack Lives Matter (BLM) kunguwona ohamba phambili njengoba kukuningi ukucwasana, uHamilton ungomunye wabahamba phambili ekuwesekeni. “Ngiyafisa ukuthi bonke abashayeli baseseke thina esilwisana nokucwasa. Uma kuqala umjaho wonke umuntu aguqe ngedolo, sigqoke nezikibha ezimnyama ezibhalwe uBlack Lives Matter. Ubuso bethu thina bantu bezemidlalo bugqame kakhulu emehlweni abantu uma kungethina esilwa nokucwasana ubani ongenza lokho? Njengeqembu iMercedes sizoqhubeka nokweseka laba abacwaswayo,” kusho uHamilton.

Scroll To Top