Ibhuku elifaka uRamaphosa esikalini sobuholi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngokwemibiko nezinkulumo ezingakaze ziqinisekiswe ngabathintekayo, uMengameli wokuqala wedemokhrasi, uRolihlahla Mandela wayenesifiso sokuthi uMnu uRamaphosa namuhla osenguMengameli wezwe kube nguye isekela lakhe ngonyaka we-1994. Uze wahamba uMandela engakaze akuqinisekise lokho. Kanti naye uRamaphosa akakaze athi vu ngokusemthethweni. Ngonyaka wezi-2020 lokho akusathi shu ngoba “isifiso” sikaMandela sesafezeka. Ebhukwini elisihloko esithi: Ramaphosa’s Turn – Can Cyril Save South Africa? (2018) nelibhalwe ngomunye wabahlaziyi abahlonishwayo kuleli uRalph Mathekga lishicilelwe ngabakwaTafelberg. Linamakhasi angama-220.
Endlalela leli bhuku umhleli weNews24, u-Adriaan Basson uthi: “URalph Mathekga uzigulule njengencithabuchopho yaseNingizimu Afrika nombhali kwezithinta uHulumeni, amandla nepolitiki. Leli bhuku elikhanyezayo liqhuba ukuhlaziywa kokunqoba okubabazekayo kukaRamaphosa. Kulona umbhali uveza izindlela azozithatha uRamaphosa ukubhekana nezinselelo uma ephumelela. Ihlandla likaRamaphosa liwumkhombandlela okahle ekuqondeni indlela ukuthi kukhonani ngaphambili kumholi osefikelwe yisikhathi sokuthi aphathe.”
Yize kwabanye ngesikhathi leli bhuku lithulwa bathi kusesekuseni ngoba kuseyihlandla lokuqala kuRamaphosa, okwenzeka kamuva ezweni lapho iningi labantu selibuza umbuzo ofanayo leli bhuku lingalekelela ekuqhamukeni nempendulo. Okwenza umbuzo ube sematheni wukuthi ngesikhathi engena esikhundleni uRamaphosa kwaba nethemba kwabanye ukuthi uzokwenza okwehlukile emuva kwezinkulumo zokuthi izwe ligwamandiwe yibutho lamahalanjonjo elabe lisebenzisana nowayenguMengameli uZuma. Naye uRamaphosa qobo wakha isithombe sokuthi uzowashanela wonke amabibi. Kwabanye waba wuMandela isibili. Bethi uMandela wasikhulula emaketangweni obandlululo kanti ngakolunye uhlangothi ukuphatha kwakhe kusho inkululeko ekugwamandweni kombuso.
Kuleli bhuku elikhiswe lungakafiki ukhuvethe nemibiko yokuqolwa kwemali yosizo, uMathekga ubheka izihloko ezinye esezaphenduleka njengokuthi ngabe i-African National Congress (ANC) ngaphansi kukaRamaphosa usekwazile ukulungisa ubudlelwano bakhe namalungu e-ANC kwaZulu-Natal. Nokho eminye yemibuzo ekuleli bhuku ayikaphenduleki nokwenza kube mqoka kumfundi ukuthi naye azitholele impendulo yakhe.
Ubuhlakani bukaMathekga bokubuza lo mbuzo kumenza abe sethubeni elihle lokubhala eyesibili neqhubeka emibuzweni yakhe. Ngakolunye uhlangothi linika ithuba umfundi ukuba abe yingxenye yenkulumompikiswano ngobuholi bukaMengameli wesithathu waseNingizimu Afrika nendlamvuzo kaMandela.