Ujeqe


Kungithokozise kakhulu ukuthola ama-imeyli avela kubafundi bethu ngeviki eledlule, bengithumelela izithombe zomqombothi abawugayile emva kwesiqephu sethu lapho kade sicobelelana khona ngendlelakwenza yomqombothi. Lokhu kungenze ngaba nombono wokuthi kungakuhle ukuthi esinye seziqephu zethu ezilandelayo sikhombise imisebenzi yenu njengabafundi baleli phephandaba kanye nabalandeli bale ngosi emaziko enu. Ngingajabula uma ningaqhubeka ningithumelele izithombe sibone enikwenzayo emakhaya.
Sekukaningi ngizithola kumele ngichazele abantu ngomehluko phakathi kwedombolo nojeqe. Lokhu ngikuthole kuyindida kakhulu kubantu baseGoli. Kuvamisile ukuzwa bekhuluma ngedombolo lapho beqonde ukusho ujeqe. Ukwenza kube lula, ngiyaye ngichaze lo mehluko ngokuthi lapho upheka inhlama yodwa ingaxutshwe nalutho, upheka ujeqe, kepha uma uhlukanisa inhlama yakho ibe zindilingana bese uyifaka esishebeni, wenza idombolo. Umehluko indlela lokhu okubili okuphekwa ngakhona.

Labo abasondele eduzane nami bayazi ukuthi nakuba ngikuthokozela ukupheka izinhlobonhlobo zokudla, ukudla kwesintu yikhona okusondele kakhulu enhliziyweni yami. Lapha ngikhuluma ngokudla okufana nojeqe, isitambu, inkukhu yesiZulu, izinyawo zenkukhu, usu, nokunye. Kungithokozisa kakhulu lapho ngizovakashelwa, ngizwa izivakashi zami zicela ukuba ngiziphekele usu nojeqe. Ngike ngaba nengxoxo nenye intokazi ngeviki eledlule lapho sasidingida izindlela ezahlukene abantu asebenza ngakhona ujeqe. Lokhu sikubona kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Iningi labantu selenza ujeqe liwufake izinhlobonhlobo zezitshalo njengezaqathi kanye namakhambi ahlukene. Kuyangehlula kakhulu lokhu. Ziningi izindlelakwenza zokudla okwehlukene esengike ngazishintsha, hhayi ujeqe. Ngikholelwa kakhulu kundlelakwenza yakudala kajeqe ngakho angisoze ngayiguqula. Ngokwami, ayikho eyofika kuyona. Engikuthanda kakhulu ngayo ukuthi ivumela ukuthi ujeqe udleke ngezindlela ezahlukene. Ungawukhuma wodwa, uwugcobe ibhotela, ibhotela lamantongomani, uwudle nezishebo ezahlukene ngaphandle kwezithako eziphazamisa indlela yokunambitheka.
Kwesanamuhla isiqephu, sizocobelelana ngale ndlelakwenza yakudala kajeqe nengikholwa ukuthi ayikho eyoyedlula. Qinisekisa ukuthi izandla zakho zihlanzekile ngaphambi kokwenza ujeqe ngoba zisebenza kakhulu ukuxova.
UJEQE
Izithako
- Izinkomishi eziyisithupha (6) zikaflawa
- Ama-10g emvubelo esheshayo (iphakethe elilodwa)
- Amathispuni ayisishiyagalolunye (9) kashukela omhlophe
- Ithisphuni elilodwa (1) likasawoti ocolekile
- Amanzi afudumele (isikali samanzi sincike ekutheni ufuna uthambe kangakanani ujeqe wakho)
Indlelakwenza
- Endishini enkulu ngokwanele, sefa uflawa.
- Faka ushukela, imvubelo kanye nosawoti.
- Hlanganisa ngewhisk uqiniseke ukuthi zonke izithako zihlangene ngokuphelele.
- Thela amanzi, bese uhlanganisa ngesandla. Qhubeka uthele amanzi uze ugculiseke ngendlela inhlama yakho emanzi ngakhona.
- Vuvuzela uflawa lapho uzoqhubeka uxovele khona.
- Khipha inhlama yakho endishini oxovela kuyona uyibeke kule ndawo elungisiwe.
- Qhubeka uxove ngesandla inhlama ize ihlangane kube ngathi iyanwebeka (lokhu kuzokuthatha imizuzu ephakathi kweyisisiyagalombili kuya kwelishumi).
- Lungisa enye indishi ngokuyininda kancane ngamafutha okanye iNon-Stick Spray.
- Faka inhlama yakho kule ndishi bese uyemboza ngeCling Wrap okanye ithawula lasekhishini.
- Beka indishi yakho endaweni efudumele (ngincoma ukuyibeka phandle elangeni) cishe imizuzu engamashumi amane nanhlanu kuya ehoreni elilodwa, ize ikhukhumale.
- Phinda uyixove futhi inhlama yakho ukuze iphinde yehle ekukhukhumaleni kwayo.
- Yemboze futhi uphinde uyibeke phandle cishe imizuzu eyisikhombisa.
- Yehlise futhi ngokuxova bese uyifaka esitsheni esifanele ukungena ebhodweni.
- Ngesikhathi ulindile ukuthi inhlama ikhukhumale okwesibili, bilisa amanzi ngembiza enkulu ngokwanele ukuthi kungangena indishi ozophekela kuyona.
- Faka indishi yakho enenhlama ebhodweni elinamanzi abilayo. Qiniseka ukuthi amanzi angathinti inhlama uma usuyifakile.
- Pheka cishe ihora elilodwa, emlilweni ophansi.
- Emva kwehora elilodwa, khipha indishi yakho ebhodweni uyibeke ngaphandle ukuze ujeqe wakho uphole.
- Linda uze uphole ngokuphelele ngaphambi kokuthi uwusike ube zingcezu.
Amasu
- Uma uthanda ujeqe wakho ukuthi ube noshukela omningana, ungengeza isikali sawo ezithakweni.
- Ungashintsha isimo sikajeqe wakho ngendlela owupheka ngakhona. Ukuze ube zindilinga, sebenzisa amakani okudla esikhundleni sendishi okanye usebenzise izimaki zekhofi.
- Ungawenza kuhhavini futhi ujeqe wakho ngokuthi ubeke uhhavini wakho ku-1800C. Ubhake imizuzu ecishe ibe ngamashumi amabili (20). Ukuqinisekisa ukuthi ujeqe uvuthiwe, shutheka uthi lokuvungula phakathi nendawo. Uma uthi luphuma luhlanzekile, kuyobe usuvuthiwe.