IMatatiele isiphenduke umnqakiswano wepolitiki
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Uphenyo lweBAYEDE selungakudalula ukuthi ingqikithi yokungacaci ngekusasa ledolobha iMatatiele ukuthi liyogcina liwele kusiphi isifundazwe kulezi ezilibangayo i-Eastern Cape neKwaZulu-Natal ukwehlukana okudla lubi ngaphakathi eqenjini i-African Independent Congress (AIC) ebeliphambili ekulweleni abafuna le ndawo ukuthi ibuyiselwe KwaZulu-Natal ebingaphansi kwayo.
Yinto engafihliwe ukucijelana imikhonto kwabaholi baleli qembu njengoba isigungu esiphezulu salo sehlukene phakathi kubangwa isikhundla somsunguli walo uMnu uMandla Galo ongavumi ukuhlehla njengoba esenguMengameli selokhu lasungulwa ngowezi-2005 ngesikhathi behlubuka ku-African National Congress (ANC).
Ngakolunye uhlangothi iphini likaGalo uMnu uLulama Ntshayisa uwuphumelele umzuliswano wokuqala ngesikhathi evunwa yiNkantolo Enkulu yaseMgungundlovu eyahlakaza ubuholi obaqokwa engqungqutheleni yeqembu eyayibanjelwe eKokstad mhla zingama-27 kuMbasa wezi-2018 okwatholakala ukuthi yahlala ngokungemthetho ngoba ababephikisana noGalo bavalelwa ngaphandle yize ngokomthetho babe nelungelo lokuba yingxenye yayo.
Ngaphandle kokuphela kwamathemba kwabaningi okuthi leliya dolobha lingabuyiselwa ngaphansi kweKwaZulu-Natal, sekwashabalala ngisho nezinhlaka zomphakathi namakomidi afana neMatatiele/Maluti Mass Action Organising Committee (MAOC) elaliholwa uGalo ngenxa yalo mbango okubonakala ukuthi abaholi kabasenandaba nezethembiso abazenza kubantu kepha bagade ibhodwe eliconsayo.
Ngaphezulu kwalokho imboni yamatekisi iDrankensburg Taxi Association yaseMatatiele kuthiwa ithukuthele igane unwabu ngalokhu ngoba yalahlekelwa imali eshisiwe ezinkantolo ilwa nokufakwa kwale ndawo ngaphansi kwe-Eastern Cape njengoba noGalo engasabonwa endaweni ukuchazela abantu ukuthi kwenzekani ngodaba lwemingcele.
Leli phephandaba liwufakazi kweyokushona ezintangeni kukaGalo njengoba ibihlele ingxoxo naye ngalolu daba emosontweni amabili edlule yambeka esithombeni ukuthi kuzoxoxwa ngani kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engasalubambi ucingo wangaphenduli nomqhafazo awuthunyelelwa.
Abaholi bezombangazwe kabayekanga ukufaka usawoti esilondeni uma behambele kuleliya dolobha njengoba bekubeka ngembaba ukuthi indaba yaseMatatiele yagoqwa futhi ngeke isathintwa muntu.
Lokho kwashiwo uSihlalo we-ANC kulesiya sifundazwe ophinde abe nguNdunankulu, uMnu u-Oscar Mabuyane, owathi ngeke belokhu bechitha isikhathi ngomdonsiswano wemingcele abantu bebe behlupheka futhi bedinga intuthuko.
Intukuthelo yabemboni yabamatekisi beDrankensburg ibonakale ngezimpendulo zayo njengoba uNobhala wayo uMnu uNeko Moshoeshoe obe manqikanqika ukuyithi vu le ndaba.
Uthe kabasafuni ukukhuluma ngayo ngoba indaba yemingcele ihlanganisa ipolitiki ngaphezulu kokuthi balahlekelwa yimali engaphezulu kwezi-R 500 000 ezinkantolo belwa nayo.
“Angazi ukuthi niqhamuka kuphi niyizintatheli ngoba naningekho ngesikhathi silwa sinidinga. Sicela nje ukungafakwa kule ndaba,” usho kanje.
Leli phephandaba lithole ukuthi umsuka wendaba kwaba wukuphakanyiswa kwegama likaNtshayisa engqungqutheleni yeqembu ekwakuhlelwe ukuthi izobanjelwa e-Eksderde Farm ePitoli ngowezi-2017.
Kayizange ihlale ngenxa yezinkinga zangaphakathi eqenjini okubalwa kuzo ukungalandelwa kwemigomo kumbe umthethosisekelo weqembu, ukuqinisekiswa kwamagatsha nokuthi kuqokwe ikomiti elibhekana ngqo nezinhlelo zengqungquthela elibizwa ngeNational Preparatory Committee. Kuthiwa kwaqala lapho ukungaboni ngasolinye njengoba uGalo waziqokela abantu bakhe ngale kokuthi kwenziwe isigungu esiphezulu sikazwelonke seqembu.
Kwathi kusabhekwe lokho kwezwakala ukuthi isiyaqhubeka ingqungquthela eKokstad kodwa bachithwa ubuholi obaqokwa kuyona yinkantolo mhla zizine kuMfumfu wezi-2018 ngenxa yokuthi amanye amalungu ayenelungelo lokuba yingxenye yayo avalelwa ngaphandle ngoba ayenombono ohlukile ngobuholi.
Ebuzwa ngalolu daba uNtshayisa uthe akukho okubaxanisa noGalo ngale kokuthi uyindlovu kayiphikiswa eqenjini.
“Wenza umathanda futhi akafuni ukubuzwa ngokuqhubekayo ngisho nangemali yeqembu esiyithola ngezihlalo ezimbili esinazo ePhalamende likazwelonke akayivezi kithina,” kusho uNtshayisa.
Uthi usejahwe kakhulu ngoba wayembuza nangezinsolo zokuthi wafumbathiswa yi-ANC ngokusebenza ngokubambisana nayo kwabanye omasipala okubalwa kubo iKurhuleni, iRustenburg, uMkhanyakude neNelson Mandela Bay.
“Kangangoba emhlanganweni esagcina ngawo samtshela ukuthi le ndaba yokusebenzisana ne-ANC komasipala ayisisebenzeli kufanele siphume kuyona kodwa wathukuthela wathi angiphume ngedwa uma ngifuna,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu iqembu ulenza elakubo ngoba usefake nomkakhe ohola uphiko lwabesifazane.
Okhulumela iqembu, uMnu u-Aubrey Mhlongo, akakufihlanga ukuthi okudala ukuthi lungayi phambili udaba lwemingcele ukwahlukana ngaphakathi eqenjini. “Kubuhlungu ngoba izimpendulo zami kakuzona abantu baseMatatiele abafuna ukuzizwa kodwa ingqikithi emise zonke izinto uqhekeko lapho uthola ukuthi kunamalungu ajahwayo ngenhloso yokuwapenda kabi enhlanganweni nokuthi bangabi ingxenye yezinqumo ezithathwayo,” kusho uMhlongo.
Uthe i-ANC isebenzise ukungezwani kwabo ngokuthi ingazifezekisi izethembiso ebizenza kubona okubalwa kuzo esokubuyiselwa kwedolobha laseMataiele ngaphansi kweKwaZulu-Natal.
“Ngingakwenzela isibonelo nje, kwake kwaba namahemuhemu okuthi uGalo wafunjathiswa izigidi ezi-R 2 yi-ANC ukuthi alunyathele lolu daba nokuthi ahlale eqinise ubudlelwano komasipala ukuze ithole ukulawula kubo inhlangano ebusayo… sambuza ngalokho naye wathi uke wayizwa into enjalo ikhulunywa kodwa kalukho uphenyo olwenziwa ngisho esezivumela kodwa uma kwakungamanye amalungu angezwani nawo ngabe amiswa enhlanganweni ahlukunyezwa,” kusho uMhlongo.
Uthe kodwa-ke indaba yobudlelwano abanabo ne-ANC komasipala iseqhulwini emhlanganweni wesigungu esiphezulu kuzwelonke abazoba nawo ngesonto elizayo babheke ukuthi busadingeka yini.
Kweyemingcele uthe basalinde i-ANC njengoba ekomitini ababelisungulile ababelihola noMnu uJeff Radebe owayeNgungqongqoshe eHhovisi likaMengameli wezwe kuphazamise ukuthi akabange esabuyela kuHulumeni kodwa baxhunyaniswa noNobhala Jikelele we-ANC, uMnu u-Ace Magashule, owacela ukunikwa isikhathi sokucubungula lolu daba nokuthi alufundisise kahle.