AmaKhomanisi awotha ubovu ngezikhundla



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuphakanyiswa kukaMnu uJames Nxumalo kukhishwe elikaMthembu kwenze awusola umgqakazo
Esikhathini esingangesonto esedlule uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNdunankulu uSihle Zikalala wethule ibutho lakhe azosebenza nalo kule minyaka emihlanu. Lesi kube yisimemezelo ebesilindwe ngabovu kwazise bese kukhona imvunge yokuthi lukhulu luyeza kanjalo nengcindezi uZikalala ayengaphansi kwayo, wonke umuntu efuna ukuzibona ukuthi umi kuphi. Oshicilelweni lwamasonto amabili edlule leli phephandaba laba ngelokuqala ukubika ngenzukayikeyi lo mholi ayebhekene nayo kanjalo nangamagama abantu ababelindeleke ukuba baqokwe – isithebe sabe sisincane kepha abantu bebaningi.
Ngaphakathi enhlanganweni indaba yabe isekutheni ngabe uzokwazi yini ukwaba ngokulingana, hhayi nje phakathi kwabesifazane nabesilisa noma ukuxuba iminyaka. Okwabe kumqoka bekuwukuthi ngabe zonke izinhlaka zamadlelandawonye zizocosha yini lapha esithebeni. Ethula ibutho lakhe uKhuzeni umangaze abaningi ethula abantu abasha lakhala kwezwela izembe kwabadala. Kushaqisile ukungabuyi kukaMnu Mthandeni uDlungwana owabe ephathiswe esezeMfundo. Kepha okwashaqisa nokwabukwa njengesibindi sikaZikalala sokwenza okungahunyushwa kabi wukungafakwa kukaMnu uThemba Mthembu obephathiswe eZolimo neNtuthuko yezindawo zaseMakhaya.
Elokushaqeka labe lingangeni ngoba kubhekwa ukusebenza noma ukungasebenzi kukaMvelase kulo mnyango oselokhu kwathi nhlo ukakwe zinkinga kepha indaba yabe isekutheni esifundazweni uMthembu usesigabeni sikaDkt uBlade Nzimande nonguNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP). Ebuthweni likaMengameli uCyril Ramaphosa, uNzimande ungenile kanjalo noMnu uThulas Nxesi naye oyisikhulu esiphezulu seqembu.
Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi abanye kumaKhomanisi kabaneme ngalokho abakubiza ngemizamo ye-African National Congress (ANC), KwaZulu-Natal yokudunga ubunye kumaKhomanisi kuqala, nakumfelandawonye. Ekhuluma neBAYEDE okhulumela iSACP esiFundeni iMoses Mabhida, uNks uNomcebo Msomi uthe yize bekwamukela ukuqokwa kwamanye amaKhomanisi kuHulumeni oholwa yi-ANC kuzwelonke, KwaZulu-Natal ligaya ngomunye umhlathi. Uthe lapha kweleNdlovukazi uMthaniya amaKhomanisi akuboniswana nawo kepha ayatshelwa ngokumele kwenzeke.
“Sikhathazekile kakhulu njengamaKhomanisi ngomkhuba esiwubona uqhubeka owenziwa iqembu elibusayo. Sekuba yinjwayelo ukufakwa kwabantu ezikhundleni ukuze bafeze izinjongo zamaqembuqembu akhona phakathi embuthweni, kunokuthi kukhethwe abantu abazothuthukisa umphakathi. Lolu guquko (olwenzeke KwaZulu-Natal) luzophazamisa izinhlelo zikaHulumeni. Abantu abangenacala bazozithola sebechaphazeleka ngenxa yalamaqembuqembu angenazo izinhloso zokuthuthukisa isizwe.”
Ukhuluma lamagama lo mholi nje, ukukhuluma okukhona kuthi ukufakwa kukaMhlonishwa uPeggy Nkonyeni oyilungu leSACP bekungenye yezindlela ‘zokuhlukanisa amaKhomanisi phakathi. Le nkulumo iqinisekiswe ngelinye ilungu leSACP elisebuholini nelingathandanga ukuba lidalulwe uma lithi bekungeyena yedwa uMhlonishwa uNkonyeni obesetshenziswa “njengesikhali sokudunga iSACP”.
“Abantu abazazi izimo esisebenza ngaphansi kwazo okuyizimo zokuncenga. Sikhankasa nabantu kuthi uma sebephethe bese benza okunye. Iqiniso lithi uKhongolose awusihloniphi nhlobo lapha KwaZulu-Natal. Odabeni nje lolu labahlonishwa, asithintwanga ngenhloso yokuba kuxoxwe kepha sitsheliwe okuzomele kwenzeke.
“Baqale baphakamisa igama likaJames Nxumalo nonguSihlalo wethu KwaZulu-Natal obekuyinto esimweni esejwayelekile engenayo inkinga. Kepha lapha sebethi uNxumalo uyangena uMthembu uyaphuma sabona ukuthi lapha inhloso wukusiqhatha.” Lo mholi uncome isenzo sikaNxumalo sokuwubona kusenesikhathi umgoga obekelwe iqembu.
NoMvelase umi kulawo magama
Ethintwa ngalolu daba uMnu uThemba Mthembu kangenanga ezintangeni kepha ukhiphe lokho athi yiva elihlabe iqembu lakhe nakugcizelele ukuthi lokhu akakusho ngoba kuthinta negama lakhe. Uthe yize bekuthakasela ukuqokwa kwamaKhomanisi kwiKhabhinethi kazwelonke, kuyacaca ukuthi kulesifundazwe inhlangano ebusayo ayizange ithande ukufaka ubuholi beSACP kwiKhabhinethi yayo.
“Kwasijabulisa ukubona uMengameli ethatha isikhashana ngaphambi kokumemezela iKhabhinethi ngoba sabona ukuthi umatasa uxhumana nobuholi. Kuyasixaka uma lapha KwaZulu-Natal sekwenziwa izinto ngokwehlukile. Saxoxa kabanzi ne-ANC futhi sakubeka ukuthi sisho lokhu ngoba sihalela ukungena kuKhabhinethi ngayoyonke indlela. Esasikwenza kwakuyinto efanele ukuba siyenze. Sakugcizelela kuKhongolose ukuthi asisoze sakulwela ukufakwa ezikhundleni kodwa kumele kube yinto eqhamuka ezinhliziyweni zabo ngokubona isidingo. Yize kunjalo asizoqamba amanga sithi abakwenzile kuyemukeleka kithi. Sibuhlungu impela nje ezinhliziyweni. Asingakhohlisi abantu. Uma sisebenzisana lokho akwenzeke ngeqiniso,” kubeka uMthembu.
Omunye okhulume neBAYEDE oyiKhomanisi uvumile ukuthi uKhongolose uyakhuculula kepha wama ekutheni noMthembu akazinuke amakhwapha.
“Ngiyavuma i-ANC iyasidelela KwaZulu-Natal kodwa njengamaKhomanisi akumele siyeke ukuzibuza imibuzo elukhuni. Owokuqala nje ngothi konje yini eyenziwe nguMthembu kule minyaka ekade enguMphathiswa? Khona lapho sizibuze ukuthi sizuzani ngokungena kwamaKhomanisi kulezi zikhundla. Sadedela uComrade uMchunu nosanda kubeka izintambo phansi sazuzani ngoba naye ugcine eseyi-ANC ukwedlula iSACP. UMthembu akangakhali noma avike ngathi, akenze okugcono avukuze izinhlaka zeqembu.,” kusho lo mholi.