Impi yesende enkantolo



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
IKumkani yabaThembu uDalindyebo ibhekane ngqo nendodana yayo uMntwana u-Azenathi embangweni wobukhosi enkantolo ephakeme eMthatha izolo. Lokhu kulandele ukuthi uNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane ekhiphe esikhundleni u-Azenathi sokuba ibamba wabuyisa uyise uDalindyebo.
UMntwan u-Azenathi ubemelwe ummeli u-Apla Bodlani. Ethula ubufakazi bakhe uBodlani uthe ngesikhathi uMabuyane ebuyekeka isikhathi uMntwana u-Azenathi abebambe ngaso, akamlalelanga futhi akamnikanga isikhathi esingangezinyanga ezintathu njengoba umthetho ubeka kanjalo. Leli cala lihlanganise izingqwayingqwayi zabameli. U-Advocate uTembeka Ngcukaitobi umele iKumkani uDalindyebo bese kuthi u-Advo uDali Mpofu amele uNdunankulu nesifundazwe i-Eastern Cape.
UBodlani, obuye amele iNkosi uThandisizwe Mtirara onguSihlalo waMaDlomo, uthe abafuni ukuthi isitifiketi sokuthi iKumkani uDalindyebo iyiNkosi sisuswe.
INkosi uMtirara nguye owaqoka uMntwana u-Azenathi njengebamba ngowezi-2016 njengoba uyise ebesejele. Uqhube wathi okwenzeka enkantolo akuqondene noMengameli uCyril Ramaphosa ngoba akuyena obuyekeze ukuhlala kwebamba. “Esikugcizelelayo ukuthi uMengameli akangene kule nto. UNdunankulu kwakumele enze umsebenzi wokubuyekeza. Asiqondile ukuthi (iKumkani) uDalindyebo aphucwe isitifiketi sokuba iNkosi kodwa sithi uMntwana u-Azenathi kwakumele anikwe izinyanga ezintathu ngaphambi kokususwa esikhundleni,” kusho uBodlani.
UBodlani ubuye wathi bazolwela indaba yokuthi imoto eyakhishwa uHulumeni yanikwa uMntwana u-Azenathi wabuye wayithatha engatshelwanga. Ubekhuluma ngemoto yohlobo iJeep SUV eyayisetshenziswa uMntwana u-Azenathi. Abalandeli boMntwana u-Azenathi bafike ngobuningi bephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi (iKumkani) uDalindyebo akumfanele ukuba iNkosi. Bebecula besho ngeqholo ukuthi uzobuyiselwa esikhundleni sakhe.
Phakathi enkantolo uyise nendodana bebehleli emabhentshini abukanayo. Bebentshontshana ngamehlo. Ezokuphela beziqinile njengoba amaphoyisa abegcwele ngaphakathi enkantolo nangaphandle. Umbango wesikhundla unesikhathi uqalile. Wabhebhetheka ngesikhathi uMntwana u-Azenathi enqaba ukwehla ngesikhathi uyise esekhishwe ngoshwele.goZibandlela.