Now Reading
Kunqobe iDowns kwathula ezweni
Dark Light

Kunqobe iDowns kwathula ezweni

Ukunqoba kwaleli qembu kulifake emlandweni wokudlala kuCaf Champions League ezodlalwa ngonyaka ozayo

Kwakumele ngabe kwaduma izwe lonke ngesikhathi iMamelodi Sundowns Ladies ikhala yemuka nesicoco seSafa National Women’s League (SNWL) ngoNhlolanja.

Kodwa akubanga namsindo osekwenze abaningi basola ukuthi ingoba ibhola lesifazane namanje alithathelwa phezulu.

Leli qembu labesifazane kalibanga nje yizingqwele mahhala kepha lagila izimanga njengoba kuphele isizini lingakaze lishaywe.

Nguye umthakathi wezindaba umqeqeshi uJerry Tshabalala

Akubuzwa ukuthi amaqembu abencintisana nalo kule ligi alanyulelwe ukubhebhetheka kokhuvethe oluphoqe ukuthi isizini ivalwe sekusele imidlalo emibili isongwe. ISundowns, eqeqeshwa uJerry Tshabalala, inikwe indebe isiqoqe amaphuzu angama-60 sekudlalwe imidlalo engama-20.

Ukunqoba kwaleli qembu eliteketiswa ngeBanyana Ba Style kulifake kuCaf Champions League ezodlalwa ngonyaka ozayo. Kuzobe kudlalwa okokuqala iChampions League yabesifazane.

Ukudlala e-Afrika kuzoqinisa ukhakhayi kubadlali bese kuthi isipiliyoni abazosithola sisebenzele iqembu amaqembu esizwe iBasetsana Basetsana neBanyana Banyana.

Kule sizini indlela iSundowns ebibukisa ngayo izitha kwenze yazakhela abalandeli njengoba nebhola elincinzayo ensimini belenza ungahlali unethezeke esihlalweni uma ulibuka kuthelevishini.

UTshabalala, osehlale kuleli qembu kusukela ngowezi-2012, udalule ukuthi okunye okwenza behluke kunamanye amaqembu ukuthi abadlali basayiniswa izinkontileka. 

“Lokhu kwenza abadlali bami bahlale begqugquzelekile ngoba bayazi ukuthi kukhona imali abayitholayo njalo ngenyanga. Okuhle ngalaba bantwana ukuthi bayazihlonipha futhi umsebenzi wabo uyikho konke kubona. Lokhu kwenza umsebenzi wami ungabi lukhuni ngaleyo ndlela.”

Uveze ukuthi kwayena usebenza ngokugcwele kuSundowns njengoba asula emsebenzini ukuze agxile ebholeni. Lo mqeqeshi, odume ngelikaKappa kwabasondelene naye, unerekhodi elihle lokusebenza namaqembu esifazane.  I-SNWL ngeyesithathu eyinqoba. Waqala ngeSasol League National Championship eyiphakamisa nayo iSundowns Ladies ngowezi-2013.

Ukuphindile lokho ngowezi-2015 kanti ngesikhathi eqeqesha iDetroit Ladies yaseMpumalanga ngowezi-2010 wahlomula ngendondo yesiliva. Umgadli uRodha Mulaudzi uyalincoma ikhono lomqeqeshi wakhe. “Akulula ukuqeqesha abantu besifazane ngenxa yokuthi sidalwe ngokungefani, abanye bethu banyukelwa imimoya kalula kodwa umqeqeshi uKappa uyakwazi ukumelana nezimo ezinjalo.”

Ukunqoba kwayo iligi iSundowns kuyifake emlandweni wokuba iqembu lokuqala kuleli ukudlala iConfederation of African Football (CAF) Champions League yabesifazane ngonyaka ozayo.

Ezinye izinto ezidale ukuthi iSundowns ishaye kwasani ukugaba ngabadlali abanesipiliyoni sokudlalela amaqembu esizwe. Unozinti u-Amanda Dlamini usebizwe amahlandla angama-50 kuBanyana Banyana kanti noChuene Morifi, uBongiwe Thusi noLerato Kgasago sebeke bathi qu emaqenjini aphesheya.

Elinye ikhono analo elokubona ithalente elifihlakele. Nguye owenze abadlali abanjengoLelona Daweti, u-Oratile Mokoena, uKarabo Dhlamini noKhunjulwa Mali babizwa emaqenjini esizwe.

UDhlamini wayeyingxenye yeBanyana Banyana edlale kuFifa Women’s World Cup.

UTshabalala ubuye ahabule ulwazi kumqeqeshi uPitso Mosimane omvumela ukuba abuke ukuthi ubapheka kanjani Abafana baStyle eChloorkop.

UDlamini uchaze umqeqeshi njengomuntu okukhonzile ukumemeza uma ebakhomoza wathi futhi ungumuntu wamancoko kwesinye isikhathi.

UMulaudzi ungomunye wabadlali abakhathule enkulu indima ekunqobeni kweqembu. Ulijoyine maphakathi nesizini esuka eqenjini laseCyprus i-Apollon Ladies ekhishwe emdlalweni yokuhlungela i-Uefa Women’s Champions League.

See Also

Ufike sekudlalwe imidlalo emihlanu kodwa waqeda isizini ehamba phambili ngamagoli angama-36.

“Ukufika kwami kuSundowns kuguqule okuningi. Ibingihlupha indaba yokuthi bengihluleka ukushayela amagoli iBanyana Banyana. Ukufika lapha kungenze ngabuyelwa ukuzethemba. Ngifisa sengathi le fomu enhle engiqede nayo iqhubeke ibonakale uma sengibizwa kuBanyana Banyana,” kubeka uMulaudzi.

Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ufisele iSundowns Ladies okuhle konke emdlalweni Champions League.

“Ukusungulwa kweligi yabesifazane kukodwa inkulu indima okuzoyidlala eqenjini lesizwe. Njengoba iSundowns Ladies isithole ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika kuchaza ukuthi lizodlondlobala kakhulu ibhola lakuleli labesifazane. Ngiyifisela okuhle kodwa uma isiyodlala le midlalo,” kusho u-Ellis.

Kubukeka nesibalo sabadlali bakuleli abadlala phesheya sizokwanda. Njengamanje kunoRefiloe Jane odlala e-Italy, uThembi Kgatlana ogijima ePortugal, uLinda Motlhalo odlala eSweden, uRegina Mogolola oseSerbia, uZanele Nhlapho obegijima kuSundowns manje usedlala e-Albania. Abanye uRachel Sebati noLetago Modiba abadlala eTurkey, u-Amogelang Motau ose-United State of America (USA) no-Ode Fulutudiu oseFinland.

Okugqamile ngesizini yokuqala yabesifazane ukuthi amaqembu angaphansi kwadlala kwiPremiership nalawo asemanyuvesi abedlala kangcono.

Isizathu wukuthi anezindawo zokuziqeqesha zezinga eliphezulu, bayaluthola uxhaso lwemali kanti abanye ozakwabo bayantula. Kwesinye isikhathi umnikazi weqembu okhipha ephaketheni lakhe ukubhekana nezindleko ubuye abe umqeqeshi.

Kule ligi entsha abeli-12 amaqembu abegadulisana okuyiDurban Ladies FC, iBloemfontein Celtic Ladies, i-University of Johannesburg Ladies, iTshwane University of Technology Ladies, i-University of Western Cape Ladies, iCoal City Wizards, iRichmond Ladies, iThunderbirds Ladies FC, iTouch Academy Ladies, iGolden Ladies neTsunami Queens.

 Besekunesikhathi eside ingekho iligi yabesifazane, ukusungulwa kweligi yabesifazane yebhola likanobhutshuzwayo nyakenye kubuyise ithemba ekukhuleni kwalo mdlalo esigabeni sabesifazane.

Scroll To Top