Abafundi abenze ucwaningo ngokhuvethe – Nzimande



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abafundi abafunda emazingeni aphakeme kufuze ingabe bamuzwe kahle uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nezobuchwepheshe, uDkt uBonginkosi ‘Blade’ Nzimande, njengoba ake ethula iziyalo ezibheke kubona ngqo abafundi.
UNzimande enkulumweni yakhe uqale wayala bonke abafundi ukuthi kumele bawasebenzise ngendlela amaData abawanikwa yilo Mnyango. Okwesibili ube esephonsela inselelo wayibhekisa kubafundi abenza iziqu ezithe xaxa (post graduate), ethi kumele benze ucwaningo olunzulu ukulwa nokhuvethe.
“Sekufikile ezindlebeni zami ukuthi abafundi baququda amaData bebuka amavidiyo angahambisani nemfundo yabo. Abakuyeke lokhu ngoba kulimaza bona uqobo,” kusho uNzimane ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Ubuye wanxusa abafundi ukuthi bangajahi ukuthuthelana ezikhungweni zemfundo ephakeme, wathi lokhu kuzothikameza imizamo yokulwa nokhuvethe.
NgokukaNzimande, sebexhumene nezinkampani zamaselula ukuze kusizakale izitshudeni ngeData.
Eqhuba uNzimande uthe: “Njengamanje sibhekene nempi kakhulu okumele kubanjiswane ngempela kuyona ngoba ukhuvethe lubeka engcupheni impilo yabantu abaningi. Kuwumsebenzi wazo izitshudeni ukusebenzisa ulwazi ezinalo, zenze ucwaningo olunzulu ngoba izwe liyophunyuka ezinkingeni ngazo izifundiswa.”
Ngokusho kukaNzimande ingaphezulu kwezigidi ezingama-R75 imali ebekelwe lolu cwaningo lokhuvethe. NabakwaNational Research Foundation bayingxenye yalolu cwaningo.
IGauteng neWestern Cape izona zifundazwe ezinabantu abaningi asebehaqwe ileli gciwane, lapho kubalwa nabo imbala abafundi. Ngendlela leli gciwane elihlasela ngayo kuvele ukuthi eGauteng sekunemigodi yamathuna eyizigidi emi ngomumo ukufihla labo abazobulawa ukhuvethe.
UNzimande uphinde waxwayisa abafundi ukuthi bengajahi ukubuyela lapho abahlala khona uma befunda.
“Ezikhungweni kumele kuye labo bafundi asebevele behlonziwe futhi abathunyelelwe imiyalezo batshelwa ukuthi ababuye, abanye akumele baye ezikhungweni. Nginyanxusa ukuba izinhlaka zezemfundo ephakeme ezahlukene ukuthi zibambisane nezitshudeni ekuqinisekiseni ukuthi akukho okuzophazamisa ukufunda kulezi zikhungo ngenhloso yokugwema ukufiphala kwekusasa labafundi,” kusho uNzimande.
UNzimande enkulumweni yakhe uphinde waveza ukuthi ukhuvethe luphazamise kakhulu ukufunda nokufundisa emanyuvesi nasezikhungweni zokuqeqeshelwa amakhono.
“Kuzobambezela ukwamukela abafundi abasha ngonyaka ozayo abazobe bezoqala ukufunda ezikhungweni eziphezulu besuka emaHigh School. Yize kunjalo kodwa okumele sikuqonde ukuthi impilo iyona ebalulekile. Ngicabanga ukuthi ukudlula emhlabeni kwabantu abaziwayo emiphakathini sekuveze ngokusobala ukuba luyinto ekhona ukhuvethe,” kusho uNzimande.
Ngenyanga ezayo kulindeleke ukuba kubuyele esinye isigaba sabafundi emanyuvesi nasemakolishi.