Now Reading
Kosala oyedwa: URamaphosa, uKhuzeni noKaMajola esitikini
Dark Light

Kosala oyedwa: URamaphosa, uKhuzeni noKaMajola esitikini

Umhlangano weNEC uzonquma ujuqu. UKhuzeni angase athelwe amachaphazelo

Kwabanye umlando uyaziphinda. Lona ngumlando lapho isinqumo seSigungu Esiphezulu se-African National Congress (ANC-NEC)  seqembu sibhekwe ngabovu. Eziqutshini ezimbili ezedlule izulu laduma ladla omengameli benhlangano, uMnu uMbeki noMnu uZuma. 

Esokuqala nesabe siqala ngqa lapho iqembu lanquma ukuba kuhoshwe uMengameli wezwe, uThabo Mbeki sathathwa mhla zingama-20 kuMandulo ngowezi-2008. Lesi sinqumo sathusa abaningi njengoba kwabe kungekho owayecabanga ukuthi kungenzeka. Lokhu kwaba wukuqala komkhokha. Kwaba ngesifanayo mhla zili-13 kuNhlolanja ngowezi-2013 lapho isinqumo sesigungu sathi owayenguMengameli wezwe ngaleso sikhathi uMnu uZuma kasule. Naso lesi sinqumo sahlukanisa imibono ezweni kukhona abeseka uZuma abanye bethi liphume nobomvu. 

Kule mpelasonto amalungu angama-86 uma esephelele, azohlangana eGauteng nayilapho kumele phakathi kokunye adingide udaba oluthinta inkohlakalo kanye nesinqumo sabaholi bale nhlangano KwaZulu-Natal sokuba kufungiswe loyo owayeyiMeya yeTheku, uMhlonishwa uZandile Gumede, uKaMajola. Kuyiwa kulo mhlangano nje kuvele sekuhlukwene phakathi kuwo uKhongolose nasezweni. Esenzweni esihumusheke njengokuhlukanisa inhloko nesixhanti, uMengameli weqembu ubhale incwadi emakhasi ayisi-7. Kule ncwadi uRamaphosa ubenxusa amalungu ukuba “enze okuthile ukulwa nenkohlakalo”.  Umongo wombhalo wakhe ubuncike engqungqutheleni yale nhlangano yama-54.  

Yize abanye bemtusile uRamaphosa ngakusho encwadini  kepha abanye babone ukuthi lapha ubedlala umlabalaba “wokuzehlukanisa nenkohlakalo” ekhonjwa eqenjini lakhe, ezibeka njengomuntu ongcono kunabanye abaholi abasolwayo. Basho khona ukuthi ubehlose ukuyongena emhlanganweni wale mpelasonto engumuntu okhuza abanye yena ongathinteki.

Ungoti wepolitiki uMnu uXolani Dube weXubera Institute for Research and Development, ekhuluma nelaboHlanga ngalolu daba uthe uRamaphosa ubezama ukuziveza naye ukuthi kusakhala isicathulo sakhe enhlanganweni. 

“Ubezama ukufihla ihlazo ngokwenzakalayo ukuze yena abonakale njengoMengameli olwa nenkohlakalo. Inkinga kube ukuthi le ncwadi yakhe ibingasho lutho, kunalokho igqamise uqhekeko olukhona kuKhongolose. Kule ncwadi ayibhalile ubungalindela ukuba aqinisekise ukweseka kwakhe lokhu okubhalwe uNobhala Jikelele, uMnu u-Ace Magashule  ukuze kubonakale ukuthi uzimisele ukulwa nenkohlakalo. Uyabona incwadi kaMagashule yiyo ebikhuluma into ezwakalayo kodwa ekaMengameli ibingasho lutho ngoba ubekhuluma uhide lwezinto avamise ukuzisho enkulumeni yakhe yesizwe njengoMengameli waseNingizimu Afrika. “Yena usevele usenkingeni njengoba ebhale le ncwadi ngenxa yokuthi lena kaNobhala Jikelele imfaka ngaphansi kwenkulu ingcindezi yokuba njengomholi akadalule naye anakho asho ukuthi unaziphi izinto ukuze bonke bamlandele badalule amabhizinisi abo nokunye. Uyabona uRamaphosa usevele usemanyaleni ngoba kumanje ulandelwa yilento yezitatimende zasemabhange okuyothi uma kudedelwa ubuqiniso bazo izwe liguqe ngamadolo kusuka kwezomthetho kuya kwezobulungiswa. Ngaphandle kwalokho kulo mhlangano angiboni kuzothathwa isinqumo esitheni ngoba wonke umuntu unotaku lwakhe kuKhongolose akekho omsulwa. Bonke abaholi balandelwa izinto ngakho ubani ozokwazi ukuma athi abantu abasule ezikhundleni? Iqiniso ukuthi akekho ngakho abantu abakhohlwe ukuthi kukhona okukhulu okuzophuma kulo mhlangano,”kusho uDube.

Kwenzeka konke nje lokhu uKhongolose ungaphansi kwengcindezi kulandela ukuvela kwezinsolo ezithinta ukhuvethe nokuze kwathinta ngisho iHhovisi lobuMengameli njengoba ligcine liphoqeleke ukuba kume ukusenza komkhulumeli kaRamaphosa uNkk uDiko. KolukaNkk uDiko kuthinteke umnyeni wakhe kanye nomndeni wakwaMasuku, okuMphathiswa Wezempilo eGauteng kanye nomkhakhe  oyilungu lesigungu sokuphatha kuMasipala waseGoli.   

Akugcinanga lapho njengoba amagama amalungu emindeni amalungu aqavile kule nhlangano ethintekile. Esinye nje isibongo esithintekile ngesikaMgashule nokuvele ukuthi amalungu omndeni wakhe nawo athole amavenge abalelwa ezigidini ezimbili.

Kubahlaziyi kukhona ukuvumelana ukuthi udaba oluthinta uKaMajola lungahle luqale omunye umsindo ngaphakathi nangaphandle kweqembu. Umhlaziyi wezepolitiki, uMnu uThabani Khumalo uthe uma isigungu esiphezulu siphikisana nokuqokwa koKaMajola lokho kuyophendula ubuholi bukaKhuzeni ihlaya.

“Okokuqala umthwalo abazithwese wona onzima yilona wokuthi uma besusa oKaMajola esikhundleni sobumeya basebenzise amagama anzima bethi uhlulwe umsebenzi. Lento isiyabalandela ngoba manje usebuyile nokwenza uzibuze ukuthi bambuyisa kanjani ekubeni bona bathi uhlulwa umsebenzi. Okunye ukuthi isinqumo  sesigungu esiphezulu uma sibashaya, ubuholi bukaKhuzeni akekho oyophinde abuthathe njengento ebalulekile kodwa bazobukwa njengabantu abahlale bethatha izinqumo bengacabanganga.  Iqiniso ukuthi sebevele babukeka njengabantu abangakwazi ukucabanga ngaphambi kokunquma  abakudingayo ukuba kwenzeke. Yingakho ngokwami ukubona besekumele ubuholi obuphezulu be-ANC bukebubamise laba baholi baKwaZulu-Natal ngoba ukubahlakaza sekungabanzima kakhulu. Ngikusho lokhu ngoba izinqumo abazithathayo zihlale zinogcobho noma zinganambithisiseki. Uyabona babenze kahle ngesikhathi bememezela ukuthi bazokhipha izimeya ezikhundleni. Bangavele bakwenze lokho bazijube kwenye indawo bengabali izizathu ezizogcina zibafaka enkingeni nokuyilena manje abakuyo. Inkinga oKaMajola bamkhiphie esikhundleni maqede wakwazi ukubuyela phansi wayohlangana namagatsha waqinisa ukwesekwa kwakhe. Ngakho abasazi manje laba abasesifundazweni ukuthi yini osekumele bayenze njengoba sebevele bambuyisa wazoba yilungu leSishayamthetho,” kubeka uKhumalo.

 Kulabo  abamesekayo bathi ubuholi uma ngahle buguqule isinqumo sokumfaka eSishayamthetho kuyosho ukuthi oKaMajola uhlukunyezwa isibili. Basakhala ngokuthi ukususwa kwakhe eThekwini kwabe kungenabo ubulungiswa njengoba kuze kube yinamuhla akabekwa amacala okwabe kuthiwa unuka phu wona.

See Also

Omunye oweseka  oKaMajola nocele  ukuba angadalulwa ulibeke ngembaba elokuthi  uma kuthiwa kabuyiselwe emuva sebeyohlomela ehlathini njengoba kwenzeka ngoZuma

“Siyazi kukhona abafisa kubuyekezwe isinqumo. Uma kuze kufika lapho siyobona ukuthi inhlangano inenxa nomama. Lokhu kuyosiphoqa ukuthi sibuyise ngevoti. Siyobe asiqali ukukwenza lokhu sakwenza nakuMsholozi owabe eselahlwe yinhlangano yonke kepha salungisa inhlabathi wabuyela,” kusho lomthombo. 

Ukuvezile nokuthi siyobuya nomkhwezeli kubaholi bakwaZulu-Natal abazolahla oKaMajola njengoba ‘eshishibezwa nje’.  Lo mthombo uthe: “Uma kuwukuthi kukhona abazodayisa ngeke sinanaze ukuguqula ubuholi kusuka eThekwini nakuso isifundazwe. Uma uZikalala eke wageja umgodi usephandle,” kusho lo mthombo. 

Omunye umhlaziyi wezepolitiki  uSolwazi uSomadoda Fikeni uthi umswane wembabala usungene ngakho kuzokonakala loyo naloyo evikela iphalishi lakhe. Uthe inkinga enkulu enhlanganweni ebusayo bavumela kakhulu amalungu adle kuHulumeni lapho abaningi bethi uma sebebona ukuthi siyaphela isinkwa kuqale kuliwe ngoba abanye bengafuni ukuphuma ebhodweni eliconsayo badedele abanye. 

“Abanye babo balwa kakhulu nje yingoba bebheke ijele manje kabafuni ukuya eweni bebodwa bafuna ukupenda nabanye ngoba umhlola usemathendeni njengoba nawe wazi ukuthi ibuthiwe imali yezwe lakuleli ngamathenda okhuvethe,” usho kanje. Uphinde wathi “yinto engafihliwe ukuthi iningi lamalungu e-ANC impumelelo yawo ngokomnotho incike kakhulu ku-ANC namathenda kaHulumeni okwenza ukuthi abantu babe nenzondo enkulu uma sekukhulunywa ngokuthi basuswe ezikhundleni.

Scroll To Top