Now Reading
UYAMEMEZA OKANDABA! Isinqumo ngoMkhosi WoMhlanga
Dark Light

UYAMEMEZA OKANDABA! Isinqumo ngoMkhosi WoMhlanga

Isimemezelo ngemikhosi kaZulu ngonyaka wokhuvethe. ISILO sizohola uZulu eya entabeni

Njalo ngonyaka amakhulu ngamakhulu ezintombi ezivela cishe kulo lonke leli kanye nangaphandle kwemingcele zithutheleka eSigodlweni, eNyokeni kwaNongoma. Lona akuwona nje umkhosi wesintu kepha usho lukhulu nakuwo umnotho wendawo njengoba ngempelasonto yoMkhosi WoMhlanga kusuka eMvoti Plaza kuze kuyoshaya oPhongolo kusuke kuphithizela. Izindawo zokulala eShowe, eMelmoth, oLundi nakwaNongoma zisuke zilandulwa. Amabhasi nezinye izithuthi zisuke zilujenge zonke zinanele ukumemeza koMdala nosuke eseyikhombile impelasonto lapho izimbali zesizwe ziyobe zibungazwa khona.

Sikhuluma ngobumqoka balo Mkhosi kaZulu siphikisa nalabo abawufenyisayo, iSILO sathi: “Lona akuwona uMkhosi wokubonisa ngemizimba yamatshitshi kepha wuMkhosi oyisikhumbuzo sobumbano nemvelaphi yethu,” kusho oMnyama. Lo Mkhosi sekuzanywe kaningi ukuba uphele ngoba abagxeki bawo bethi ngawo, “Kuhlukunyenzwa amalungelo ezingane zamantombazane”. Yonke imizamo kayiphumelelanga njengoba kungadinganga nokuthi iSILO siphakamise umunwe kepha kube yizo izintombi nemindeni yazo abama bavikela ilungelo labo lokuba nguZulu nokuba yingxenye yoMkhosi WoMhlanga.

Nonyaka lo Mkhosi ubuzobe uqopha iminyaka engama- 36 kusuka wavuselelwa yiSILO esibusayo. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi njengoba izwe lihlaselwe wukhuvethe nje kwaphazamiseka nezinhlelo eziningi, uMkhosi WoMhlanga neminye kaZulu ingahle iphazamiseke nokungase kudumaze izinkulungwane zezintombi ebese zihlele ukuba ziwuphathe umhlanga koMkhulu nonyaka.  Ngokuthola kwelaboHlanga, Omdala unomuzwa wokuthi kumqoka ukuthi kubekwe impilo phambili. 

Yize singenabanga iSILO sikhuluma nethimba ebeliseNdlunkulu emasontweni amabili edlule sizwakale sithi: “Lezi yizingane zami ezime nami kumnyama kubovu. Minyaka yonke ziza lapha nokuwuthokozisayo umphefumulo wami. Uma kungagcina ngokuthi zize kulo nyaka kungamele kubhekwe izinto eziningi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi akuguli ngisho eyodwa. Futhi nempilo yomama laba abazilekelelayo kulolu hambo nayo imqoka, njengoba abanye baseminyakeni yokukhula le okuthiwa isengcupheni,” kusho oMdala.

Namuhla (ngoLwesihlanu) iSILO neSigungu SaKomkhulu (Royal Council) nayilapho udaba loMkhosi WoMhlanga kanye neminye kaZulu, okubalwa oweLembe oba KwaDukuza kanye nalowo wabafana oba ngoZibandlela uzodingidwa khona.  Kulindeleke ukuthi nomama bezingane bangashiywa ngaphandle njengoba inkulumo izokwedlulisa kubo nabo okulindeleke ukuba bayidlulisele ezintombini nasemindenini. Kuyoba ngesifanayo nasezinsizweni kulo lonke izwe.

Omunye ojutshwe ukuba ahlele umhlangano weSigungu SaKomkhulu, oyisandla seSILO sokuphosa eBhodini Ingonyama Trust, uMehluleli uJerome Ngwenya ukuqinisekisile ukuba khona komhlangano.

“Yebo yiqiniso ukuthi oMdala ujube uhlaka Ingonyama Trust ukuba ilungiselele umhlangano wangoLwesihlanu. Yize singegeqe amagula ngoba oMdala nguye ozokhipha umhlahlandlela, kepha akuyona imfihlo ukuthi iMbube ikhathazekile ngokuphepha kwezintombi kanti futhi nangesizwe jikelele. Angingabazi ukuthi njengoba senza ngesikhathi lo mkhuhlane usabikezelwa nakulokhu sizophefumula lokho okuyosindisa isizwe,” kusho uMehluleli.

Sikhuluma ngokhuvethe sivula iSishayamthetho mhla zi-3 kuNdasa noHulumeni engakalivali izwe njengoba isifo lesi sabe singakaziwa kuyaphi, ISILO sexwayisa sathi: “Esibhekene nakho wumkhuhlane osubhebhetheke cishe emazweni angamashumi amahlanu nowaziwa ngele Coronavirus, ukhuvethe. Akungabazisi ukuthi lo mkhuhlane uyoba nomthelela omubi hhayi kuphela empilweni yabantu kulelo nalelo lizwe kepha nasemnothweni wamazwe. Akudingi ukuba ngigcizelele ukuthi njengezwe kumele sizibambe ziqine ngoba uma sike sadembesela kuyoba nenhlekelele engeke yakhetha bala lamuntu nasikhudla.  Ngalesi sikhathi esinzima nginxusa umphakathi ukuthi ubambisane nabezempilo futhi ungadukiswa ngamawongowongo abuye abhalwe ezinkundleni zokuxhumana kunalokho abalalele imiyalelo kaHulumeni nabezempilo.

engakalivali izwe njengoba isifo lesi sabe singakaziwa kuyaphi, ISILO sexwayisa sathi: “Esibhekene nakho wumkhuhlane osubhebhetheke cishe emazweni angamashumi amahlanu nowaziwa ngele Coronavirus, ukhuvethe. Akungabazisi ukuthi lo mkhuhlane uyoba nomthelela omubi hhayi kuphela empilweni yabantu kulelo nalelo lizwe kepha nasemnothweni wamazwe. Akudingi ukuba ngigcizelele ukuthi njengezwe kumele sizibambe ziqine ngoba uma sike sadembesela kuyoba nenhlekelele engeke yakhetha bala lamuntu nasikhundla.  Ngalesi sikhathi esinzima nginxusa umphakathi ukuthi ubambisane nabezempilo futhi ungadukiswa ngamawongowongo abuye abhalwe ezinkundleni zokuxhumana kunalokho abalalele imiyalelo kaHulumeni nabezempilo. 

See Also

ElaboHlanga likhulume noMntwana uThembi nongudadewabo weSILO nothe akangabazi ukuthi iSILO sizoba nalo uhlelo oluyoqinisekisa ukuthi izingane kanye nomama kabangeni enkingeni.  “Uma sikhuluma ngeSILO sikhuluma ngomzali owaziyo ukuthi izingane zakhe okuyisizwe zidingani ngasiphi isikhathi. Kulo mhlangano nathi esizwe ngawo kasingabazi ukuthi okuyophuma lapha kuyoba wubuhlakani obuyokwazi ukubhekana nesimo,”  kusho oweNdlovu. Uqhubeke wathi umhlaba wonke,  izingane, omama nemindeni ilinde oMdala futhi ayokusho yikho okuyoba ngumthetho.

Okunye elaboHloanga elikutholile wukuthi iSILO singahle sikhiphe usuku lapho isizwe  sizokhuphukela khona entabeni nokulisiko elidala likaZulu nxa kukhona okuthinta iSihlalo noma isizwe. Lokhu kukhulu ngoba akwenziwa njalo. Emlandweni ngazo lezi zikhathi yake yaphikelela entabeni ngonyaka we-1879 yasuka lapho yayodla abafo eSandlwana. Kulokhu impi akubantu kepha wukhuvethe.  ElaboHlanga libuze iNyoisi yeSILO ubaba uBuzetsheni Mdletshe ngobumqoka bokukhuphukela entabeni nothe lokhu kukhulu futhi kuvele kulingana noseSihlalweni.

“Endulo kwabe kubikwa kuyo (iNgonyama), kubikwa ngezimpi nangemikhuhlane. Okwabe kulandelwa lapho yigama eliphuma kuyo ngoba laqeda konke. Ukuya entabeni kwabe sekuyokhulunywa noMvelingqangi ngqo, okwabe kwamukelwa ukuthi nguye ongumnikazi kwakho konke, ongumvikeli weSihlalo nesintu,” kusho uMsindazwe.   

Phakathi kwabazobe bekhona emhlanganweni nguNdunankulu kaZulu, uMntwana waKwaPhindangene kanye naMakhosi avela kuzo zonke izingxenye naqokelwa eSigungwini saKomkhulu. Akukaveli ukuthi ukukhuphukela entabeni kuyoqhutshwa kanjani njengoba izwe lilandela imithetho ebhekene nokhuvethe. Lokhu kulindeleke ukuba iSILO sikumemezele maduze emuva kokubhunga nazo zonke izinhlaka zoBukhosi. Uma usuku luyoba yintwasa (ngokuhlonipha igama leSILO esidala sakwaKhetha) ezayo, uNtulikazi kuyoqanda nezinsuku ezimqoka zokubhujiswa kweSigodlo sasOndini ngowe-1879 ngabahlaseli kanti futhi kukuzo lezo zikhathi lapho uBhenjane alibona khona ilanga. Ngazo lezi zikhathi uZulu waphelela Ondini ngembizo lapho wabe uyobabaza iziga ezabe zibikwa ngowayenguMengameli uMotlanthe mayelana nokugwamandwa komhlaba KwaZulu nokwaba wudaba olwathinta inhliziyo kaZulu.

Scroll To Top