Ukuncishiswa kwesibalo samasosha e-Afghanistan kuletha ukungqubuzana e-USA
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ezombutho wokuvikela e-United States of America (USA) azikumisanga ukuhoxiswa kwamasosha e-Afghanistan.
Lokhu kushiwo uMnyango Wezokuvikela ngesikhathi ukhuluma nabezindaba kanti kwenzeka lokho nje kunomthetho omusha ovimbela ukwehliswa kwamasosha ngaphandle kokuthi iPentagon ithumele iPhalamende ukuhlola ubungozi bokuthatha lesi sinqumo.
“Okwamanje ayikho imiyalelo ekhishiwe ethinta ukuqhubeka kokuncishiswa kwamasosha okulindeleke ukuthi kusale izinkulungwane ezi-2 500 zamasosha ingakapheli le nyanga,” kusho isitatimende esikhishwe uMnyango.
Isenzo sePentagon kungenzeka sidine abashayibemithetho bamaDemocrats namaRepublicans abakugxekayo ukuncishiswa kwamabutho. Lesi senzo futhi sivuselela ukukhathazeka kokudelelwa kweKhabhinethi ubuholi bukaMengameli uDonald Trump ngisho ezinsukwini zakhe zokugcina.
“Uma beqhubeka nokunciphisa isibalo samabutho bazobe sebephula umthetho,” kusho omunye oyilungu lePhalamende kodwa ocele ukuba angadalulwa.
IWhite House yona yenqabile ukuphawula ngalolu daba.
Ukumiswa kohlelo lokunciphiswa kwamasosha kungafaka engcupheni uhlelo lokuthula oluholwa yiMelika e-Afghanistan njengoba isivumelwano sangowezi-2019 kuNhlolanja sasithi awancishiswe amabutho ase-USA kuleli lizwe.
NgoLwezi nyakenye iPentagon ithe izonciphisa izibalo zamasosha ase-USA e-Afghanistan kusuka kuzi-4 500 kuya kuzi-2 500 phakathi noMasingana kulo nyaka.
Kepha kule nyanga futhi kube nolunye uguquko ngesikhathi iKhabhinethi lifaka umthethosivivinywa wenqubomgomo wezokuphepha obuqeda ngomthetho kaTrump obuvimba ukuthi kusetshenziswe imali ebekelwe unyaka wezi-2020/2021 ukuncishiswa kwamabutho ase-USA kuze kube uNobhala Wezokuvikela obambile uChristopher Miller uhambisa ePhalamende “ukuhlolwa okuqondile kobungozi kanye nemithelela”.
Uthini umthetho?
Akukacaci ukuthi asemangakanani amabutho ase-USA asekhishiwe e-Afghanistan selokhu kwaphasiswa umthetho.
Isikhulu sezokuvikela esicele ukuba singadalulwa sithe cishe amabutho asele kulela lizwe ayizi-3 000.
Umthetho uthi kufanele kuhlolwe ubungozi kuqala ngaphambi kokuthi amabutho ancishiswe abe yizi-2 000 noma ngaphansi.

