Now Reading
Ukhuvethe: Uma isifo sesigugula okwenza sehluke
Dark Light

Ukhuvethe: Uma isifo sesigugula okwenza sehluke

KwaboHlanga ukufa akusona isiphetho kepha yisiqalo, yisigaba esithile sempilo. Lesi siqalo sihlonishwa ngezindlela ezahlukene. Empeleni ongasekho ucishe ahlonishwe futhi anakekelwe ukwedlula abaphilayo. 

Uhlonishwa ngisho ngabe lapha kwamhlaba ubengelutho, esemncane, abhunguka kepha uma eseyisidumbu kusa ngokunye. Emndenini isidumbu sonke sinamalungelo afanayo, elimqoka ngelokulondolozwa ngesizotha kulandela inqubo yalapha ekhaya.

Umuga olukhuvethe uphazamisa lokhu nokungahle kube nomphumela ongemuhle kulabo abalandela inqubo yesintu. Ngakolunye uhlangothi lokhu kungahle kuphazamise nesimomqondo sabazili. Ngokomthetho omenyezelwe uHulumeni, abantu ‘abanesifiso’ sokuhambela umngcwabo kumele balandele imigomo ethize. Kusuka ekuhanjelweni ngabantu abazolila, emlindelweni, ekuvulweni komkhumbi nangesikhathi okumele kuqale kuqedwe ngaso, ngisho nesibalo sabazili.

Lokhu akwejwayelekile   kobantu okuthi manxa kuguqe  umnumzane kuwe inkomo. Kwehle abafowabo abasuke bekoGoli nakoThekwini. Kuba ngokunye uma lo mnumzane kuyinhloko yomuzi wonke wakwabo ngoba kudilika yonke eminye imizi ukuzolondoloza ithambo lakwabo. Kwamanye amahlelo isidumbu singena enhlabathini nje siyolondolozwa siyakhishwa ebhokisini, umuntu embathiswe ngesikhumba senkomo. Lokhu ngokwesikompilo basuke sebeqede konke okuyimikhuba namasiko ekhaya.

Kuthi lapha uma umama kade egqoka umanyano ziphithizele izintombi abe hamba nazo  kucishe kuse zimphelezela ngengoma, zisho khona ukuthi ‘isosha abebehamba nalo liwe lapha’. Lena yindlela abazikholisa ngayo ukuthi nembala kabasaphelele. Lokhu kokuvulwa kubonwe umufi nakhona kunezigaba, esimqoka yilesi somndeni. Ingani uma nje eyolandwa emakhazeni nangu owomndeni nehlahla ekhuluma nowakwabo, esebonile belu ukuthi nguye yini umufi. Asuke ake avela amakhosikazi nabesifazane basekhaya bezogqokisa umufi le ukuze bayibone intombi yakwabo nensizwa yakwabo sebebahle bethule. Bakhuluma lapha emakhazeni noma lapho awela khona umufi, kuba njalo baze bayofika ekhaya.

Bafika emagcekeni umuzi usuzungezwe ngabazili abahlala kuze kuqale  umlindelo oma ubusuku bonke kude kufakazwa kududuzwa. Basendlini nje abanye, abanye basebenza inkomo lapha, bayazihlela nalabo abayomba igodi uma kusa. 

Naba nabesifazane bayacwecwa ukulungiselela ukudla abakhona ngomlindelo kanjalo nalabo abazofika kusa nabazohambela umsebenzi ngakusasa. Empeleni kuyaphithizela lapha egcekeni ingani wusuku olwandulela umngcwabo.  Kweminye imindeni kuthi  kungasa bese bebuya benza okwegceke be ‘msula’ umufi aphathiswe okomndeni.

See Also

Ngokusobala konke lokhu kuveza isithombe esithi isifo lesi akubi ngesomndeni kepha kuba ngesomphakathi wonke ngoba lo ongasekho ubengelona ilungu lomndeni kuphela kepha ubelilungu lomphakathi.

Imithetho yokhuvethe ethi umuntu kangabonwa nomphakathi ungabi mningi uguqula isikonkolo elidala. Lapha kobantu umndeni ngenye into ngoba abantu laba okuthiwa ababe ngama-50 kufakwa nomfundisi kweminye imizi yingxenye nje leyo yomndeni omkhulu. Khona uma kutshalwa iNkosi kudala inkinga ngoba phela isuke iyilungu layo yonke imindeni ekhona endaweni.

Konke lokhu kwenzeke kungalindelwe. UHulumeni ubengalindele. Imindeni ibingalindele ngakho kukhona ukuqonda ukuthi imithetho lena ibingeve ihlose okubi. Nokho imiphumela yakho iyoba sobala lapho amalungu emindeni eyahlukene ngesikhathi esizayo ekhomba ukuthi izinkinga abhekene nazo ngaleso sikhathi umsuka wazo isekungenzini ngokwesiko lomndeni nesizwe leso.

Scroll To Top