Liyagqabuka igoda ngesivumelwano noHulumeni



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukukhuluma kwalabo abaqonda kangcono ipolitiki nokusebenza kwayo kuthi, usuku kupolitiki yisikhathi eside kakhulu njengoba kusuke kungenzeka noma yini.
Lokhu kubukeka kufakazeleka nxa ubuka okwenzeka eNingizimu Afrika. Sengathi bekuyizolo lapho wonke amaqembu nomphathi jikelele abehambisana nesinqumo kanjalo nohlelo lukaMengameli uRamaphosa lokuphunga ukugabavula kokhuvethe. Ngesikhathi kuqala uhlelo ngenyanga eyedlule, wonke umuntu watusa ubuhlakani bukaMengameli noHulumeni wakhe wokukwazi ukugwema inhlekelele. Naye uMengameli wabonakala enza ngakhona njengoba axhumana nazo zonke izinhlaka kusuka emaqenjini epolitiki, abaholi bezenkolo, izinhlaka zosomabhizinisi nabanye.
Kubukeka zimbili izizathu okwamanje ezenza kube nokwehlukana. Okokuqala kube wudaba lokwehlela ezingeni lesine (isigaba sesibili) nebesisho ukuthi ingxenye ethile yabantu izokwazi ukubuyela emsebenzini. Iqembu lesithathu ngobukhulu ePhalamende i-Economic Freedom Fighters (EFF) lisole uHulumeni ngokwehlela ezingeni lesine. Leli qembu lithe lesi senzo sibeka impilo yabaningi engozini ngoba kaseyamile kusayensi njengoba uHulumeni ayezibophezele ukuthi ekwenzeni izinqumo elandela ubufakazi besayensi. Abe-EFF bathe kusobala ukuthi isinqumo sikaHulumeni sifuqwe wubugovu bezinkampani. Leli qembu lihlabe lahlikiza isinqumo sokuvulwa kwezimayini.
“Umcabango wokuthi izimayini kufanele zikhiqize ngokungama-50% ukuze kugwemeke ukunyakaza komhlaba akusikhona kuphela ubuphukuphuku kodwa futhi akunabufakazi ngokwesayensi. Akunabuqiniso nhlobo ukuthatha ngokuthi uma izimayini zingakhiqizi ngokungama-50% kuzokuwa amadwala bese ziyavaleka,” kunqaphaza i-EFF.
“Izimayini zidilika ngisho zisebenza ngokugcwele, kwama-100%, zibange inhlekelele kudilika amadwala osekwabulala amakhulu ngamakhulu ezisebenzi zasezimayini ezihlwempu. Akekho ongaletha ubufakazi bokuthi kudingeka ukukhiqiza okungama-50% hhayi okungama-10%, okungama-5% noma okunga-3% omkhiqizo ukuze amadwala angawi kunoma iyiphi imayini. Abakhulumi ngisho nangokunakekela kodwa bakhuluma ngomkhiqizo uqobo, lo mtheshwana ufuna kuphela izisebenzi emsebenzini ukuze abanikazi baqhubeke nokwenza inzuzo yize kunobhubhane olukhungethe umhlaba,” kusho leli qembu.
Isithebe esilethwa zimayini kuleli sinonile. Ziqashe abantu abalinganiselwa ezi-450 000 kanti sithela ama-8.1% emnothweni wezwe. Ngaphansi kwemithehswana esigabeni sesine, izimayini zingaqala ukusebenza ngengxenye engama-50% inqobo nje uma ezempilo nezokuphepha ziqashelwe.
Ngakolunye uhlangothi iqembu elikhulu kwaphikisayo, iDemocratic Alliance (DA), lona lisola uMengameli ngokufenyisa umnotho ngeminye yemitheshwana ngaphansi kwezinga lesine. Umholi obambile kuleli qembu, uMnu uJohn Steenhuisen, uthe isinqumo sokuvala izwe asiphusile njengoba siguqisa umnotho wezwe. Uthe uMengameli akavule izwe kusetshenzwe umnotho uqhubeke. Uthe uma lokhu kungenzeki kungahle kube nenhlekelele emnothweni wezwe.
Ibubula nangaphakathi
Akuwona wodwa amaqembu aphikisayo asengaphesheya ngodaba lokuvulwa kwezwe. Nalabo abadla khezo lunye neqembu elibusayo sebeqalile ukuphawula. Inyunyana enkulukazi kuleli yezisebenzi iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) isithe uHulumeni akathambise emithethweni ekhona ngoba uHulumeni ngeke aphila ngokude enika abantu izibonelelo nezijumbana. Okhulumela le nyunyana, uMnu uSizwe Pamla, uthe manje akwehlelwe ezingeni lesi-3 ukuze umnotho ugeleze. Ngokombiko kaHulumeni ngesibonelele sesikhwama sabangasebenzi i-UIF, uHulumeni usekhiphe imali elinganiselwa ezigidigidini ezili-R11.
Abanye abazwakalise ukushaya amakhala nabanobuhlobo neqembu elibusayo yiSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu). Le nyunyana ishaye phansi ngonyawo yathi amalungu ayo angalubhadi ezikoleni kuze kube nesiqiniseko sokuthi konke kumi ngomumo ngezokupheha. Ayigcinanga lapho kepha ithe amalungu ayo okungenzeka ukuthi akwezinye izifundazwe awaqhubeke nokuhlala lapho ekhona.
Olunye udaba oludale ukuhlehla kwabanye ekwesekeni uHulumeni noma uMengameli kube ngolukagwayi nokudayiswa kwawo. Lapha kuqale kwaxabana ubendle njengoba uRamaphosa eqale wathi ezingeni lesine kuzovumeleka ukuthengiswa kukagwayi. Kucacele noma ngubani ukuthi lesi bekungesona isinqumo esilandela ezempilo kepha bekungesokuqinisekisa ukuthi umnotho wezwe uyageleza.
Imboni kagwayi ingenisa ngaphezu kwezigidigidi eziyisi-R8 ngentela yokuhweba nangentela yokuthenga iVAT kuHulumeni njalo ngonyaka. Imali esetshenziswa yizinkampani zithenga ugwayi ibalelwa ezigidigidini ezili-R12 ngonyaka.
Ngokombiko wephephandaba langesonto iSunday Times, ukukhuluma kukaRamaphosa kuphikiswe emhlanganweni obungenyanga eyedlule, ikakhulu ngodokotela ababili okunguDkt uMkhize noDkt uMotsoaledi. Omunye obasekile kuthiwa nguNgqongqoshe Wamaphoyisa uCele. Ukubuyekezwa kwesimemezelo sikaRamaphosa kwathukuthelilsa abemboni kagwayi nabathi ukumiswa kwabo kunika ithuba labo abawudayisa ngokungemthetho nabagaya ombombayi ukuba bazenzele nje. Bathi lokhu kubalahlekisela ngemali kanti yena uHulumeni ulahlekelwa yisigidigidi nengxenye samarandi (R1 500 000 000) ngenyanga.
Inhlangano iFair-Trade Independent Tobacco Association (Fita), nemele amalungu angama-80% abadayisi bakagwayi eNingiziimu ne-Afrika, ithe isinqumo sikaHulumeni siyadida ngoba sisho inxeba elikhulu emnothweni wezwe.
“UHulumeni uyalahlekelwa, ngokwezilinganiso cishe isigidigidi nengxenye samarandi (R1 500 000 000) ngenyanga emalini yokuhweba nje kuphela ngokuwuvala (ugwayi). Uma usufaka neVAT, intela yezinkampani nezinye izinhlobo zentela isibalo senyuka kakhulu.
”Lokhu kwenzeka ngesikhathi izwe lisabhekene nokuncipha kwengeniso lokuqoqwa kwentela, lapho abakwaSouth African Revenue Service besanda kumemezela ukuthi baqoqe imali engaphansi ngezigidigidi ezingama-R 66.2 kunalokho obekulindelekile kulo nyakamali odlule, “ kusho le nhlangano.
Okusobala yikuthi ayisadumi njengoba yabe iduma . Nokuthi okwenza kungabonwa ngasolinye yimali kanye nezempilo.