Ukumiswa kwemidlalo kugile abaningi


Ukumiswa kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) ngenxa yeCoronavirus ngeke kudale indlala kubathandi bakanobhutshuzwayo kuphela, kodwa kuzogadla kuzwele nakwabanye abantu. USihlalo wePSL, uDkt u-Irvin Khoza, umemezele ukuthi bazosiqaphela ngeso lokhozi isimo ngaphambi kokuthatha isinqumo esiwujuqu mayelana nokuzokwenzeka ngemidlalo yeligi okusamele idlalwe kule sizini. UNgqongqoshe Wezemidlalo kuleli, uMnu uNathi Mthethwa, uphakamise ukuthi imidlalo idlalwe kodwa izibukeli zingavunyelwa ukuya ezinkundleni. Isigungu esiphezulu sePSL kulindeleke sithathe isinqumo sokugcina ingakashayi impelasonto. Isiphakamiso sokuthi imidlalo ingabukwa yizihlwele ayehlanga kahle kwabanye unobhutshuzwayo ofana nempilo kubona. UMphishaphisha Zondi waseNanda ovamise ukuthola itoho lokugada uma kunemidlalo KwaZulu-Natal, ukhala ezimathonsi ngokumiswa kwemidlalo.
“Sibhekene nesimo esibi njengoba imidlalo imisiwe. Angisebenzi kodwa ngiphilisa umndeni wami ngale mali encane yaleli toho. Besengibhajethile ngemali ebengizoyithola emdlalweni wa-AmaZulu neBaroka eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngeSonto,” kubalisa uZondi. UZanele Msimang osebenzela inkampani ephekela elinye lamaqembu aKwaZulu-Natal naye ukhale esifanayo. “Indlela esisebenza ngayo uhola ngokuthi usebenzile yini. Mina ngiyawathola ama-R500 ngomdlalo futhi kwesinye isikhathi ngikwazi ukusebenza kathathu noma kane ngenyanga. Bengicabanga ukuthi ngibhajethe kahle ingakaqali isizini kwavela kwaqhamuka le mbedumehlwane singazelele. Kodwa-ke ayikho into esingayenza ngoba kubukeka ingengangathi le ndaba. Umuntu uthandazela ukuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile,” kusho uZanele.
URay Mahlobo osebenzela iSuperSport esakaza imidlalo yebhola, uthi ugqemeke engeqiwa ntwala naye. Uthe: “Thina indlela esisebenza ngayo eyamafreelancer okuchaza ukuthi uma singashayelwanga ucingo lokuthunywa emdlalweni, umuntu uyahlala. Asazi-ke ukuthi izomiswa isikhathi esingakanani imidlalo umuntu ehlezi ekhaya.” UThulisile Miya osakaza imidlalo yebhola ku-Ukhozi FM uthe: “Leli gciwane lifikele ukuzosilambisa. Njengoba ibhola lisamisiwe, kusho ukuthi angeke ngisakaze namaphepha engiwafaka ukuze ngikhokhelwe ngomsebenzi wami azohamba ezacile. Nokho iPSL ithathe isinqumo esiphusile ngoba lapha kukhulunywa ngempilo yabantu.”