IMeya uKaunda iqinisa isifociya ukunakekela izakhamuzi



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Isifo esiwundabamlonyeni kulezi zinsuku iCoronavirus sesiphendule idolobha iTheku indawo engajwayelekile kwabalaziyo. Kuyona yonke imizila nezitaladi ohamba kuzona uhlangana nabantu befake izimfonyo ezivale umlomo nobuso. Ababingeleli laba bantu benjalo nje, isimo sikhuluma ukuthi bethukile bayathuthumela. ITheku laziwa njengendawo yenjabulo, ubumnene nemfudumalo, kodwa isimo esikhona njengamanje sibeka isithombe sokwethuka abantu bajeqeza njengezinyamazane ngenxa yezimemezelo ezenziwe ngeCoronavirus. Yize ngoLwesithathu belishisa likhipha umkhovu etsheni eThekwini, bekungathi kuziliwe. Izikhungo zikaMasipala bezivalwe thaqa, kubalwa kuzo imitapo yezincwadi, izigcinamagugu namabhizinisi amanye asenkabeni yedolobha emgwaqeni omkhulukazi u-Anton Lembede, bekukhala ibhungane.
Umphakathi waseThekwini okhulume nelaboHlanga ukhale ngokuthi izexwayiso ezikhishwe kwabezindaba nemibiko yikhona okususe ingebhe. Uma ufika ezikhungweni ezisemqoka zikaMasipala uhlangatshezwa umbhalo othi leso sikhungo siyoze sivulwe ngomhla zili-14 kuMbasa. Uma ungena emabhilidini edolobha uchelwa ngoketshezi oluthile okuthiwa lubulala leli gciwane. Bakhihla eseNdlovukazi uNandi osomabhizinisi nabahwebi abasenkabeni edolobha. UMnu uYusuf Hassan othi usebe seThekwini iminyaka eyevile kwengama-30, uthi bebevala ukulahlekelwa yinzuzo emabhizinisini uma kuneziteleka kodwa kulokhu banovalo. ElaboHlanga libone nezingane ezifunda kude nasemakhaya seziphethe imithwalo isisobhokweni. UMasipala uthi usubeke imigomo enqala ezakhiweni zawo nezisiza umphakathi ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sifo.
Nokho izindaba ezimnandi ezakhamuzini wukuthi izikhungo zikaMasipala ezibizwa ngoSizakala nalapho kukhokhelwa khona izinsiza kuzohlala kuvuliwe futhi kuzoqinisekiswa ukuthi zihlanzekile nesibalo sabantu abangena kuzona siyalawulwa.UMkhandlu ukhuthaze abantu ukuba besebenzise imishini ukukhokhela izidingo. IMeya uMxolisi Kaunda isiyalele ukuba kuvalwe izindawo zokubhukuda zize zivulwe emuva kwePhasika. Ukugeza emabhishi akusavumelekile kodwa abahlanguli bazoma ngomumo ukuqapha isimo nokuqinisekisa ukuphepha. Namaphoyisa azosiqinisa isandla kulabo abangayilandeli imiyalelo ebekiwe. Nakuba kuthathwe lezi zinyathelo kodwa uMkhandlu uthi amabhishi awavaliwe, ukubhukuda okumisiwe. UMkhandlu uqhuba uthi zonke imitapo yolwazi izovalwa kodwa abasebenza kuyona bazobe bekhona.
Isibalo sabantu abahambela imicimbi ezobanjelwa emahholo oMkhandlu asemiphakathini kumele singeqi ekhulwini, leyo ezoba nesibalo esingaphezulu kwalesi imisiwe. Izakhamuzi zikhuthazwe ukuthi uma kunemingcwabo isibalo sabantu abazoyihambela singeqi kwabangama-50 noma kube ngamalungu emindeni kuphela. Phakathi kwezinye izinyathelo uMkhandlu ozithathile ukuthi izigcinamagugu zivalwe kanti imicimbi yobuciko namasiko, imishado nokuhlangana kwabantu emapaki kumisiwe.
IMeya uKaunda iyalele izikhulu zeTheku ukuba zihlale ziqaphe ngolokhozi, ziqinisekise ukuphepha kwabantu nokuthi ukufundisa umphakathi ngalesi sifo kuyaqhubeka ezikhungweni zalo Masipala. Njengoba kunokwesaba ukuthi abahlala emijondolo yibona abasemathubeni amakhulu okungenwa yilesi sifo, iTheku lithi lizohlinzeka lezi zindawo ngamathangi amanzi azogcwaliswa ngamaloli. Lezi zindawo zizophinde zihlinzekwe ngezinto zokuhlanza ezilwa namagciwane. Kuzophinde kube nethimba elizozulazula emiphakathini liqwashisa abantu, likhiphe amapheshana aqukethe ulwazi ngezindlela zokuzivikela.
Zonke izindawo ezine ezingaphansi kwalo Mkhandlu okugcinwe kuzona abagilwa nguzamcolo ezingama-91, zinawo amanzi kanti zizohlinzekwa ngezinsipho namapheshana aqukethe ulwazi. Emahositela ali-10, kuzofakwa izinto zokubulala amagciwane ezandleni. Lokhu kuzofakwa ezindaweni zangasese nasemasangweni. Amahositela azohlanzwa njalo ukuqinisekisa inhlanzeko yabantu abayizi-181 000 abahlala khona. Ngokusho kwalo Mkhandlu, sebexhumanile nabemboni yamatekisi njengoba leli dolobha linamarenki amatekisi angama-25 ukuqwashisa nokulwa nalesi sifo. Abamatekisi sebeqalile ukusabalalisa izinsiza zokulwa naleli gciwane kubagibeli kanti noMasipala usukwenze kwabangcono ukuhlanzwa kwezindlu zangasese emarenki. Lokhu kuzokwenzeka nasemabhasini lapho abashayeli bezohlinzekwa ngamagilavu, izimfonyo nezinto zokugwema ukutheleleka.
Ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayatholakala emarenki, uMasipala usufake amathangi amanzi. Lo Masipala uthi izindawo zezimakethe nazo uzithatha njengezinxanxathela zezitolo yingakho zizoqhubeka zisebenze. Ukuqinisekisa ukuphepha phakathi kokunye, abashaya izisefo sebezofaka amagilavu ezandleni, amakhasimende azonikwa okokwesula izandla uma engena, ukulawulwa kwesibalo sabantu abangenayo nokunye okuningi.“Impilo yezakhamuzi zethu iyohlala ihamba phambili kithina ngeke sibe budedengu noma ngabe ingaphansi kwaziphi izimo. Inkulumo kaMengameli wezwe isinike sonke umyalelo ocacile ngakho-ke ngaphansi kobuholi bami leli dolobha kufanele lithobele umthetho. Ukwehluleka ukwenza lokho kungaholela ekwandeni kwesibalo sabathelelekayo ngaleli gciwane nokungahambisani nokushiwo uHulumeni mayelana nalesi sifo. Nginxusa bonke abantu ukuba bazihloniphe lezi zinyathelo esezithathiwe,” kusho iMeya uKaunda.