Now Reading
Yazi kabanzi ngezinhlobo zikaflawa
Dark Light

Yazi kabanzi ngezinhlobo zikaflawa

Iqiniso ukuthi iningi lethu aligqizi qakala ukuthi lisebenzisa nhloboni kaflawa uma libhaka (nami ngike ngaba omunye walelo ningi). Kodwa, ngokwejwayela ukubhaka, sigcina siqaphela ukubaluleka kokusebenzisa uhlobo lukaflawa okuyilonalona uma sibhaka ukuze kuphume imikhiqizo eseqophelweni eliphezulu. Nakuba ikhona imibhako engawudingi uflawa (nesizocobelelana ngayo kule ngosi ngokuzayo), uflawa esinye sezithako ezibalulekile ekubhakeni, ngakho kubalulekile ukuthi siwusebenzise ngendlela okuyiyona futhi sisebenzise uhlobo okuyilonalona. Izinhlobonhlobo zikaflawa ezitholakala ezitolo zimbandakanya lezi: All Purpose Flour, uflawa wesinkwa, owamakhekhe, nokunye. Kulesi siqephu sanamuhla sizogxila kwesizisebenzisa kaningana uma sibhaka.

I-All Purpose Flour

Lolu hlobo, ilona olujwayeleke kakhulu nolusebenziseka kalula ekubhakeni. Lo flawa wenziwe ngokuhlanganisa ukolweni oqinile kanye nothambile. Lokhu kuwupha amaphrotheni kanye nesitashi esithe xaxa. Kubalulekile ukubalula ukuthi uma indlelakwenza ingacacisi uhlobo lukaflawa okumele lusetshenziswe, kuphephile ukusebenzisa lolu hlobo. Ngihlale ngeluleka ababhaki engikhuluma nabo ukuthi, uma kungelula ukuthenga izinhlobonhlobo zikaflawa uzigcine ekhaya, kuphephile ukuthi okungenani uhlale une-All Purose Flour. Nokho, lokhu akusho ukuthi lolu hlobo lwenza ezibukwayo kuyona yonke imikhiqizo yombhako, kodwa kungcono ukusebenzisa lolu hlobo uma indlelakwenza idinga olunye uhlobo, kanti awunalo ekhaya.

Uflawa wesinkwa

Ekwenzeni uflawa wesinkwa, kusetshenziswa ukolweni oqinile kuphela. Igluten etholakala kulo flawa ivela kumaphrotheni amaningi atholakala kulolu hlobo lukakolweni, nokuyiwona alekelela ekukhukhumaliseni inhlama yesinkwa esibhakwayo. Lokhu kwenziwa ukuthi igluten ibamba umoya omningi ngenkathi kuxovwa. Ngokosolwazi kwezokubhaka, uflawa wesinkwa usebenza kahle kakhulu uma kwenziwa imibhako edinga imvubelo njengezinkwa, ujeqe, amagwinya, njalonjalo.

Uflawa wamakhekhe

Uflawa wamakhekhe wona wenziwe ngokolweni othambile. Lokhu kwenza ukuthi uthambe futhi ushelele. Lokhu ungakuzwa ngisho esandleni uma uwuthinta. Izinga lamaphrotheni atholakala kulo flawa liphansi uma kuqhathaniswa nezinye izinhlobo. Okunye okwenza lolu hlobo ukuthi lwehluke ukuthi lufakwa amakhemikhali athize ngesikhathi lwenziwa. Inhloso yokufaka lamakhemikhali ukuthi uflawa ube nobumuncwana kuwona (acidity). Lobu bumuncwana belekelela ekutheni amakhekhe akhukhumale kahle uma ebhakwa, angavuthuki. Lokhu kusiza ekutheni ikhekhe lingabushuki uma kumele lisikwe libe isakhiwo esithile. Njengoba igama lisho, lolu hlobo lukaflawa lwenza ezibukwayo emakhekheni. Angikuncomi neze ukusebenzisa uflawa wamakhekhe ekubhakeni ezinye izinhlobo zombhako! Uma kwenzeka udinga uflawa wamakhekhe kodwa une All Purpose Flour ekhaya, ungazenzela nokufaka izipuni zokudla ezimbili zeCorn Flour enkomishini eyodwa ye-All Purpose Flour.

Uflawa iWhole Wheat

See Also

Umehluko wokuqala osobala nje kulolu hlobo lukaflawa, umbala. Lezi zinhlobo ezibalulwe ngenhla zimhlophe ngokombala, kanti uflawa iWhole Wheat wona usabunsundu ngombala. Isithako esenza lo flawa ube nsundu, yibran. Le bran yenza lolu hlobo lukaflawa lube nefibre, kanye namaphrotheni amaningi kuwona. Abezempilo baluncoma kakhulu lolu hlobo.

Uflawa iSelf-raising

Lolu hlobo lukaflawa selufakwe iBaking Powder kanye nosawoti, nokwenza kube lula ukubhaka ngawo ngenxa yokuthi awusadingi ukuzifaka lezi zithako. Izindlelakwenza ezivamise ukudinga loluhlobo lukaflawa kuba ilezo ezisebenzisa iBaking Powder noma iBaking Soda ukukhumalisa, hhayi imvubelo. Uma kwenzeka indlelakwenza yakho idinga lolu hlobo kanti awunalo ekhaya, ungakwazi ukuzenzela wena. Lokhu ukwenza ngokuhlanganisa inkomishi eyodwa ye All Purpose Flour, ithispuni elilodwa nengxenye (1½) leBaking Powder, kanye nekota yethispuni likasawoti ocolekile. Kulesi siqephu sanamuhla, sizocobelana ngendlelakwenza yezinye zezithandwa zami emakhekheni sense iCoconut Carrot Cake Cupcakes. Kuyamangaza ukuthi kwangithatha isikhathi eside kangakanani ukuzama amakhekhe enziwe ngezaqathe. Isizathu salokhu ukuthi kwakungehlula ukuqonda ukuthi isitshalo sihlangana kanjani nekhekhe! Mhla nginqume ukuqunga isibindi ngawenza lamakhekhe, ngabona ukuthi impela ukungazi kufana nokungaboni – ngangizincisha ubumnandi obungachazeki. Emva kwemizamo eminingi yokuthola indlelakwenza eshaya khona yamakhekhe ezaqathe, ngagcina ngiphumelele ngokuhlanganisa izaqathe nokhukhunathi!

Scroll To Top