Iyolala ibonene phakathi kwezaseSoweto
“Kuhole ngisho uhlanya”. Le nkulumo ijwayele ukukhulunywa uma kuphele inyanga lokho kusho ukuthi wonke umuntu uyazijabulisa ngandlela thize njengoba izobe ingenile imali emabhange. Kule mpelasonto abantu bazobe begcwele izinxanxathela zezitolo beyothenga okuthize, abanye bazobe behambele izindawo zokucima ukoma. Kodwa ngehora lesithathu ntambama iningi labantu lizobe lise-FNB Stadium abanye behlezi emakhaya bebukela umdlalo omkhulu kuleli obandakanya i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Kulo mdlalo la maqembu adinga ukunqoba nakanjani, ikakhulukazi iChiefs uma ifuna ukuqhubeka nokuvula igebe esicongweni. IChiefs eyaziwa ngokusekwa abantu abaningi kuleli izobe ithwele kanzima.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane akakufihlanga ukuthi uzobe eseka iPirates kulo mdlalo, lokho kusho ukuthi bonke abalandeli beSundowns bazobe beseka eziMnyama (iPirates). Abadlali bamaBrazilian (iSundowns) bazobe bewuthamele kahle lo mdlalo njengoba bazobe sebedlalile namhlanje emdlalweni weCAF Champions League. IChiefs inamaphuzu angama-45 emveni kwemidlalo engama-20, iPirates esendaweni yesithathu inamaphuzu angama-39 emdlalweni engama-21.
Ukuqhuzuka kweChiefs kuzonyusela iPirates endaweni yesibili, ukunqoba kwayo izovula igebe lamaphuzu ayisi-7. Yize uFadlu Davids oyisekela mqeqeshi wePirates ehlangula iqembu lakhe ekutheni lizibhekile ukunqoba isicoco se-Absa Premiership, kodwa iqiniso lithi usho okungekhona. IPirates neChiefs sekunesikhathi bagcina ukujabulisa abalandeli babo ngokunqoba isicoco, lesi seligi isona kuphela esibasalele kule sizini njengoba sebekhishiwe nakuNedbank Cup. Kulo mdlalo izitobha zawo womabili amaqembu zizothwala kanzima njengoba enabagadli abavutha bhe.
Ngasohlangothini lwePirates kunoGabadinho Mhango osevalele phakathi amagoli ali-14, kuChiefs khona kunoSamir “Kokota Piano” Nurkovic oseshaye ali-11. Ngaphandle kokufuna ukuvala igebe, iPirates izobe ifuna ukukhokha isibhongo sokushaywa kabili ilezi zimbangi. Yakhishwa kwiTelkom Knockout yabuye yasuthiswa induku ngamagoli amathathu kwamabili. Emdlalweni engama-168, iChiefs isanqobe kayi-68 kanti iPirates isanqobe kayi-41. Kudlalwe amahlandla ayi-53 ngokulingana.