Now Reading
Ubekelwe umgoga owoMnyango onolimi olumbaxambili
Dark Light

Ubekelwe umgoga owoMnyango onolimi olumbaxambili

Lingakapheli nesonto uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal uphikele isikhulu sawo ukuthi sithe abeKhomishini ebiphenya ngemibango yoBukhosi yibo abagodle umbiko ngodaba lwaseMabovini, elaboHlanga selingakudalula ukuthi ngempela ukushilo. ElaboHlanga linobufakazi obuqandula ikhanda benkulumo eqoshwe phansi lapho isikhulu salo Mnyango, uMnu uNathi Mpungose, ebexoxa nohlangothi lomndeni wakwaNgubane olusembangweni woBukhosi oluholwa nguMnu uSenzani Ngubane. UMnu uNgubane lesi sikhundla soBukhosi usibanga neNkosi uPano Ngubane onguyise omncane. Kule nkulumo eqoshiwe, uMpungose uzwakala etshela abakwaNgubane ukuthi okumele baphendule ngokubambezeleka ekukhishweni kwalo mbiko weKhomishini kaBasil Sikhakhane okwakufanele ukhishwe ngowezi-2015 nguDkt uNokuzola Mndende, u-Adv uLinda Zama no-Adv uPhinda Shembe ngoba lo mbiko wagcinela ezandleni zabo.

Kuthiwa uMpungose ukusho lokhu emhlanganweni abewubambe nalolu hlangothi lakwaNgubane obusemaHhovisi akwaCogta eMgungundlovu muva nje. UMnu uNgubane utshele elaboHlanga ukuthi banqume ukumqopha uMpungose ukuze bambambe ngelinye ilanga uma eseshaya ungqimphothwe kwabezobatshela khona. “Sibone kufanele siyiqophe le ndoda ngoba bese siyazi ukuthi ingumuntu onolimu olumbaxambili. Namhlanje isho lokhu kusasa isisho okwehlukile kwebikusho ngayizolo. Ngakho kusisizile ukumqopha njengoba manje esephika akudle ngayizolo ukuthi nguyena ositshele ukuthi okumele baphendule ngalo mbiko wethu nguDkt uMndende, u-Adv uZama no-Adv uShembe. Ngale kwalokho ngabe yithi esibukeka njengabantu abanamanga. Besifuna ukumvezela izwe ukuze lazi ukuthi uyindoda engathembekile lo mbhemu,” kusho uNgubane. Uqhuba athi: “Ngemuva kokuthi elaboHlanga lishicilele lolu daba ngomhlangano ebesinawo naye eMgungundlovu ube (uMpungose) esengithumelela umyalezo oshubile ngeSMS kuwona esephika elala ngomhlane ukuthi nguyena ositshele ukuthi akubuzwe kuDkt Mndende nethimba lakhe ngalo mbiko wethu. Kulo myalezo uphinde akhwele adilike kimi engibiza ngomuntu omqambele amanga ephephandabeni iBAYEDE.”

Lo myalezo oqukethe amagama anohlevane, uMpungose awuthumelele uNgubane ngoMsombuluko ufundeka kanje: “Mbovu ngiyibonile ireport yakho kwiBayede Newspaper. Abantu abadala siyaye sibahloniphe ngokuba neqiniso nokubaqotho. Kodwa uma umuntu omdala esesuka nje akhulume ilumbo iya ngokuya iphela inhlonipho kithina. Sengiyazisola ukuthi ngavumelani ukuhlangana nani. Ngicela ukungaphinde ngikhulume lolu daba ngenxa yento eseniyenze izikhathi eziningana ningiqambela amanga kula maphepha enu. Wazi kahle ukuthi ngathi ireport yenu kwaphela isikhathi seKhomishini ingaqediwe, uyasuka uyothi mina ngathi igodliwe yiKhomishini.

Akukho Khomishini njengamanje futhi nganitshela ukuthi uhlelo lokuqedela izindaba ezingaphelanga luzohamba kanjani. Angixabani nani, kodwa sengocela lolu daba luphathwe ngabaphathi bami.” Yize uMpungose kanye nokhulumela uMnyango, uMnu Senzo Mzila, bephika ukuthi ukushilo ukuthi lo mbiko wagcina ezandleni zikaDkt Mndende nethimba lakhe emuva kokubuyiswa ngowayenguNdunankulu uMnu uWillies Mchunu ukuba bacacise okuthile kuwona ngaphambi kokuwusayina, enkulumweni eqoshwe phansi uMpungose uzwakala esho njalo. Kule ngxoxo ethatha cishe ihora lonke uMpungose uzwakala futhi ekhwela edilika kuSolwazi uMaphalala emngxeka ngokuputshuzela abakwaNgubane umbiko weKhomishini.

See Also

“EkaMaphalala yona angifuni nokuyikhuluma ngoba kuyaxaka lokhu akwenzile kokuthi akhethe ukuputshuza imibiko emine kuyona okubalwa nowakwaNgubane ekubeni kunemibiko engaphezulu kwengama-70 abayishiya bengayiqedile beyiKhomishini,” kusho uMpungose kule ngxoxo. UMpungose uphinde azwakale egxeka nabaphathi iBAYEDE ngokuthi bahlale bebika izinto okungezizo ngaye noMnyango wakwaCogta ngoba behlose ukudayisa iphepha. “Leli phephandaba iBAYEDE kusukela ngonyaka odlule belilokhu libika izinto okungezizo ngoMnyango kanye nami ngezinto eziphathelene noBukhosi ngokuthi balalele uhlangothi olulodwa thina bangasiniki ithuba lokuziphendulela nobekuthi uma sesibabuza ukuthi kungani bengasiniki ithuba lokuziphendulela nokuthi kungani bengalandeli imigomo yezobuntatheli ephoqa ukuba zonke izinhlangothi zinikezwe ithuba lokuziphendulela bangaphumeli obala.

Leli phephandaba liyathanda ukwenza ihaba, ukusipenda nokusibhixa ngodaka ngezinto ezingekho. Futhi liyathanda nokufaka uphethiloli emlilweni ngoba nje abanikazi balo behlose ukudayisa iphephandaba ngokushicilela izindaba ezingelona iqiniso. Bafuna kubukeke sengathi kunenkohlakalo eMnyangweni ekubeni kungenjalo,” kuqhuba uMpungose. Uqhuba athi: “Uma sengibuyela odabeni lombiko, uNdunankulu wabuyisela lo mbiko kuDkt Mndende, uPhinda Shembe noZama ngenhloso yokuba bacacise okuthile kuwona okwakungahlangani kahle futhi kungenzi mqondo.

Lo mbiko wagcina ungabuyanga.” Odabeni lwezinsolo phakathi kwazo zokungaziphathi kahle kweNkosi uPano Ngubane, uMpungose uthe ucela abakwaNgubane bangatatazeli ngoba nawo lowo mbiko usazokhishwa futhi iNkosi ibekwe amacala bese ivela nasesigcawini sokuqondiswa ubugwegwe. “Okwenze ukuba kuqalwe uhlelo lokuyiqondisa izigwegwe iNkosi ngowezi-2017 ukuthi uMnyango usuke wentula imali yokukhokhela ithimba labashushisi ababezohlalela isigcawu sokuyiqondisa izigwegwe ngenxa yokuthi uMnyango wasuke wasebenzisa enkulu imali ukhokhela izinduna zaKwaZulu-Natal ezibalelwa ezi-3 000 imali engaphezulu kwezigidi ezingama-R50. IsiZulu sithi icala aliboli ngakho ningakhathazeki lusazoqhubeka uhlelo lokuyiqondisa izigwegwe njengoba uMnyango usuzinzile kwezezimali. Akukhona ukuthi asizwelani nani ngoba siyakuqonda ukuthi ubuhlungu buzwiwa umuntu ohlatshwe yiva,” kuqhuba uMpungose engxoxweni eqoshiwe.

Scroll To Top