Now Reading
Uyaqala umshikashika weSuper Rugby
Dark Light

Uyaqala umshikashika weSuper Rugby

Iyasuka iyahlala namuhla imidlalo yeligi yombhoxo eyaziwa ngokuthi iVodacom Super Rugby. Le ligi idlalwa amaqembu ali-14, adabuka lapha eNingizimu Afrika, eNew Zealand nase-Australia. Emaqenjini akulile kukhona iCell C Sharks, iBulls, iLions, iJaguers neDHL Stormers. Aqhamuka eNew Zealand iBlues, iChiefs, iCrusaders, iHighlanders neHurricanes. Kwaqhamuka e-Australia kukhona iReds, iWaratahs, iBrumbies, iSunwolves neRebels. Kulihlazo ukuthi le ligi edlalwa unyaka nonyaka kusukela ngowe-1996 yasungulwa, lilodwa kuphela iqembu lalapha eNingizimu Afrika elike layinqoba, lelo qembu yiBulls ezinze ePitoli. Isiyonqobe kathathu ngonyaka wezi- 2007, ingonyaka wezi-2009 nangonyaka wezi-2010. ICrusaders iyona ehamba phambili ekunqobeni lo mqhudelwano, isiwunqobe ka-10.

Amanye amaqembu aseke anqoba lo mqhudelwano iBulls, kathathu; iBrumbies neChiefs, kabili; iReds, iWaratahs, iHighlanders neHurricanes, kanye. Njengoba nyakenye iNingizimu Afrika inqobe iNdebe YoMhlaba eyayibanjelwe eJapan, abadlali bamaqembu akuleli kuzomele baliqede ishobolo leminyaka eli-10. Iqembu elizinze eThekwini iCell C Sharks izovula ngomdlalo onzima lapho lizobhekana khona neBulls eJohnsson Kings Park Stadium, khona eThekwini namuhla. Ukaputeni omusha weSharks uLukhanyo Am obeyingxenye yeqembu lesizwe ebelidlala iNdebe YoMhlaba uthembise ukuthi iqembu lizokwenza kahle kulonyaka. “Angikaze ngikucabange ukuthi ngiyoke ngihole iSharks ngelinye ilanga. Ngizizwa ngithobeke kakhulu.

Angifuni ukuguqula izinto eziningi, kuphela nje kubalulekile ukuthi ngibe ngumholi oyisibonelo esihle, iqembu libukele kumina. Kuyajabulisa ukuthi baningi abadlali esinabo abangabaholi vele, sibheke ukuthi sibambisane kahle nabo sibheke phambili. Baningi abadlali esisafundana nabo, kungekudala sizobe sesazana. Okubalulekile ukuqhubeka nomgqigqo omuhle ngoba inhloso ukwenza kahle kuVodacom Super Rugby,” la mazwi uwasho ngesikhathi ethulwa ngokusemthethweni njengokaputeni. Abadlali abayithemba leSharks uThomas du Toit, uLouis Schreuder , u-André Esterhuizen, uCurwin Bosch noMakazole Mapimpi. UBosch oyiFlyhalf uthe ufuna ukugila izimanga kule sizini, ukuze azicabele indlela eya eqenjini lesizwe. “Njengoba kuyimina uNombolo 10 kuSharks ngifuna ngiphinde ngibe uyena kuMabhokobhoko. INdebe YoMhlaba ezoba ngowezi-2023 ngifuna ifi ke sengazi ukuthi indawo yami ikhona. Konke lokho kulele kimina ekutheni ngenze kahle kule sizini, ngisize iqembu linqobe lendebe,” kusho uBosch.

See Also

Isiyonke imidlalo yeVodacom Super Rugby kule mpelasonto ihlelwe kanje: Namuhla iBlues neChiefs e-Eden Park, ngelesi-08:05; iBrumbies neReds EGIO Stadium ngele-10:15; iSharks neBulls eJohnsson Kings Park Stadium ngele-19:05. Kusasa ISunwolves neRebels eFukuoka Hakatanomori Stadium ngelesi-05:45, ICrusaders neWaratahs eTrafalgar Park ngelesi-08:05, iDHL Stormers neHurricanes eDHL Stadium ngele-15:05 NgeSonto IJaguares neLions e-Estadio Jose Amalfi fani ngelokuqala izintatha

Scroll To Top