Now Reading
Kulukhuni ukuqagela ukuthi iyozala nkomoni nonyaka
Dark Light

Kulukhuni ukuqagela ukuthi iyozala nkomoni nonyaka

Kwabaningi bekunethemba lokuthi unyaka wezi-2020 uzoba ngongcono kupolitiki yesimomazwe. Bekunesizathu salokhu kwazise owedlule (2019) uphele kucije imikhonto cishe kuwo wonke amakhona omhlaba. Noma ngabe ububheka izidubedube zaseHong Kong lapho umphakathi uvuke umbhejazane uphikisana nemithetho yezwe kanye nabakubiza ngengcindezelo yaseChina. Noma ubuka iFrance eyabe igubuzelwe ngamagagasi emibhikisho yababezibiza ngamavesti aphuzi, noma yimibhikisho yamaSulumane e-India nakhala ngokuthi uHulumeni wakuleliya lizwe ushaya imithetho ewabandlululayo, noma ukhuluma ngenhlekelele yomlilo e-Australia, iqiniso lithi owezi-2019 usishiye okhalweni. Akwaziwa ukuthi ngabe iyozala nkomoni nonyaka kepha sekukhona ukwesaba ukuthi kunokuba kudambe ukukhuluma izicija imikhonto.

E-Afghanistan nokuyisidleke seTaliban kukhona ukukhuluma kokuthi izingxoxo ‘zokuthula’ zingahle ziqede ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwebutho leTaliban ne-United States of America (USA). Abaningi kabavumelani nalezi zingxoxo nabazithatha ngokuthi i-USA iphezu kweqhinga lokuphuma empini esolwa ngokuthi vele yaqalwa yiyo. Ngokwemibiko eyimfihlo eyashicilelwa ngelinye lamaphephandaba amakhulu e-USA nasemhlabeni iWashigton Post, i-Afghanistan kade yaphunyuka.

Amadokodo lawa aveza ukuthi uHulumeni wase-Afghanistan wawukhohlakele futhi ungathembekile ekutheni iPakistan izokunqamula ukweseka kwayo iTaliban nokuthi i-USA yakhohliswa futhi yaphuphuthekiswa ngokuningi okuphambanayo. Esikhundleni sokuba kucaciswe amaqiniso kuCongress nasezakhamuzini zase-USA.

Izikhulu nakubakhuzi bempi base- USA baqhubekile nokuhlola ukuthi impi iqhubeka kanjani ukuze basimamise ukwesekwa yizakhamuzi bathole negunya leCongress.

E-India unyaka uphele izazelene njengoba ukuphinda inqobe iBharatiya Janata Party (BJP) kaNdunankulu uNarendra Modi kwenze kwacija imikhonto njengoba leli qembu elaziwa ngokuhambisana nenqubomgomo encike kakhulu kwabenkolo yamaHindu ingachithanga sikhathi ukwenza leli lizwe libe ngelamaHindu.

UHulumeni kaModi ngoNcwaba washaya umthetho wokuguqula iSigaba 370 uyaqhubeka ngeSigatshana esikumthethosisekelo esinikeze amandla okuzenzela anqindiwe isifundazwe iJammu and Kashmir kubandakanya nelungelo lokuzakhela okunye kwezinqubomgomo yaso kanye nokunqabela izifiki ilungelo lokuthola indawo. Lesi sifundazwe sithathwa njengesiqukethe okwezempi ukudlula zonke izindawo emhlabeni. Isifundazwe iJammu and Kashmir silawulwa ngehlo lokhozi nguHulumeni kodwa uphawu lwamandla ngeke kwathathwa kancane.

Njengoba kwabe kulindelekile lesi sinqumo sacijisa imikhonto. Akugcinanga lapho ngoba kuphele unyaka uHulumeni kaModi wethule umthetho omusha wobuzwe. Lo mthetho uzokwenza kube lula ukuba amaHindu, amaKhrestu namaJain abe yizakhamuzi kepha kube lukhuni satshe kumaSulumane.

Kwa-Israeli yize kungagqami kwabezindaba nakhona izinto zimapeketwane kulandela ukwehluleka kukaNdunankulu uBenjamin Netanyahu ukuphumelela ngamalengiso ukhetho olwedlule nokuphoqa ukuthi luphindwe nonyaka. Phezu kwalokho lo mholi ubhekene nezinsolo zenkohlakalo nokuphoqe ukuthi ngomhla lu-1 kuMasingana ngowezi-2020 abe nguNdunankulu wokuqala kuleliya lizwe ukuthi ukuthi acele ukuvikelwa emacaleni enkohlakalo, abandakanya ukugwazisa, ukungethembeki nokukhwabanisa akucela ngoLwezi. Uphika uhlanza obayizolo uthi okukho lubi alwenzile yena. Uzocela iPhalamende lakwa-Israel, iKnesset, ukuba limvikele okuzokwenza ukuthi ukuthethwa kwecala lakhe kubambezeleke.

See Also

ESyria khona kuleli sonto uMengameli waseRussia uMnu uVladimir Putin ube nomhlangano oMengameli waseSyria uBashar al-Assad. Lo mhlangano wenzeke ngesikhathi kucije imikhonto phakathi kwe-Iran ne-USA. IRussia ne-Iran yibo abalekelele u-Assad ukuba aphebeze i-USA.

UPutin wagcina ukuya eSyria ngonyaka wezi-2017 ngesikhathi evakashela eHmeymim. Kukhona ukukhuluma kokuthi yize iRussia ne-Iran babebambisene ekududuleni ababelwa no-Assad, sekukhona ukungaboni ngaso linye kubangwa ukuthi ngubani ‘ozolawula iSyria’ namavenge alandela isenzo sabo.

E-Ukrain kuphinde kwagadla umshophi ngesikhathi indiza iBoeing 737 iphahlazeka kwabhubha bonke abagibeli. Le ndiza ibisuka nje esikhumulweni i-Imam Khomeini. Babalelwa e-170 okuthiwa babhubhile. Kwenzeka konke nje lokhu i-Iran ithumela imicibilishono yomlilo e-Iraq ezinkanjini zamaMelikana.

EVenezuela lowo owesekwa ngelase- USA uMnu uJuan Guaido ugcine ekwazile ukungena eSishayamthetho emuva kokuvinjelwa ngabezokuphepha. Lo mholi uke wazibeka njengoMengameli wezwe ekubeni ekhona uMengameli uNicolas Maduro. Ngesikhathi ememezela ukuthi sekunguye umengameli osemthethweni uGuaido wayecabanga ukuthi abakhuzi bempi bazomeseka nokungasho ukwehla kukaMaduro nokho akubanga njalo njengoba namanje isazazelene.

Scroll To Top