Now Reading
Ezokuthutha: Bathi ubulawe nje bekubangulwa iva
Dark Light

Ezokuthutha: Bathi ubulawe nje bekubangulwa iva

Siqhuma nxazonke isililo embonini yamatekisi KwaZulu-Natal ngokubulawa ngesihluku komunye wabaholi abaqavile nobesemnkantshubomvu kule mboni. Lokhu kungemuva kokusocongwa ngokudusthulwa kukaMnu uMdu Xaba odutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa ngoLwesine eSiphingo ogwini lweTheku okuyindawo abeqhuba kuyona ibhizinisi lokudayisa izimoto. Ukubulawa kukaXaba kulandela ezithendeni esinye isigameko lapho kubulawe ngesihluku uMnu uMichael Sakhephi Zondi obenguSihlalo we-Eshowe Taxi Association (ETA) odutshulwe ngaphambi kukaNcibijane nyakenye naye obulawe ngamadoda angaziwa. Kososesheni asebezwakalise ukubhongela emswaneni ngokubulawa ngesihluku kukaMnu uXaba obethathwa njengenjini nenjulabuchopho embonini yamatekisi, kubalwa iPinetown Taxi Association (PTA), iKwaDabeka/ Clermont Taxi Association (KDCTA), iLong Distance Taxi Association (LDTA), iKwaZulu-Natal Taxi Alliance (KZNTA), inhlangano yabashayeli iQina Mshayeli National Workers Association (QMNWA) kanye nenhlangano elelwa amalungelo abantu ebizwa ngo-Ubumbano Lokuthula Forum (ULF).

Kuthiwa uXaba noZondi bebengabanye babaholi embonini yamatekisi ebebezama ukwakha uzinzo nokuthula kule mboni egubuzelwe yifu lokubulalana. Laba baholi bebengabanye ebebeyingxenye yabebehola umkhankaso wokulwa nokwethulwa kohlelo lukaMasipala weTheku lwamabhasi olubizwa ngeGo!Durban obekufanele lwethulwe ngoNcwaba nyakenye, olugcine luhlehliselwa isikhathi esingaziwa ngenxa yomsindo oqubuke ngaphakathi embonini. ElaboHlanga like labika ngokungenami kwabathile embonini ngalolu hlelo

Ngakolunye uhlangothi uMasipala iTheku umile ekutheni ngalolu hlelo lweGo!Durban luhlose ukuzothuthukisa abemboni yamatekisi negqalasizinda. Umsindo uqubuke ngemuva kokuputshuka komqulu odalula ukuthi uMasipala iTheku bese wenze izincomo waphinde wanikeza inkampani thizeni ithenda ebalelwa eyizi-R27 650 700.00 okungumsebenzi wokuqeqesha abashayeli nosomatekisi ekuphathweni kwebhizinisi lamabhasi. Okwavela njengesikhalo yikuthi uhlaka i-Ethekwini Metro Taxi Council (EMTC) Investment Company Pty (Ltd) ebese yenze isivumelwano nomkhandlu abathinteka ngqo abamelelekile. USihlalo wePinetwon Taxi Association (PTA), uMnu uBheki Mbambo uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukaXaba. “Silahlekelwe kakhulu embonini yamatekisi ngokubulawa kukaMdu Xaba. UMdu ngisebenze naye kakhulu kule mboni yamatekisi ngisho nangesikhathi kwethulwa uhlelo lweGo! Durban.

Ngalesosokhathi uMdu wayenguSihlalo weMetro Taxi Council (MTC) manje esibizwa nge-Ethekwini Metro Taxi Council (EMTC). Mina ngangiwuSihlalo wayo iMTC. Ngakho ukulimala kwakhe kusizwise obukhulu ubuhlungu kubalwa nasemndenini wakhe njengoba ebengumuntu obewukhonzile umndeni wakhe,” kusho uMbambo. UMageza (abakwaMbambo) uqhube wathi: “UMdu ubeyindoda ebinobuhlakani obuyisimanga. UMdu ubebambe elikhulu iqhaza embonini yamatekisi. Ubengumuntu omdala nosemnkantshubomvu kule mboni. Ngisebenze kakhulu naye ezinhlakeni zesifunda nezesifundazwe. “Kodwa siyazi ukuthi ubulawe ngesikhathi lapho kade ebike khona ukuthi ubethola izinsongo kwabathile abebethi uvimbe endleleni yabo. Kanti futhi siyazi ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kukakosesesheni waseNgonyameni noMNR eMlazi njengoba naye ebenamatekisi khona,” kuqhuba uMbambo.

Uveze nokuthi bonke kule mboni bahlalele ovalweni ngenxa yezigameko zokubulalana ezilokhu ziqhubekile. “Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi manje sibikele iSILO mhlawumbe ukungenelela kwaso kungasiza ukunqanda lesi simo sokubulalana esiqhubeka kule mboni,” kuqhuba uMbambo. USihlalo weKCTA, uMnu uMandla Mchunu naye uhambe emagameni kaMbambo wathi balahlekelwe embonini yamatekisi ngokubulawa kukaXaba. “Impela silahlekelwe ngokubulawa kukaMdu Xaba. Le ndoda ngisebenze nayo kakhulu enhlanganweni iSANTACO. bekuyndoda ebinobuhlakani obuyisimanga,” kusho uMchunu.

See Also

Umkhulumeli weKZNTA, uMnu uBoy Dladla naye uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukaXaba. “UMdu besisondelene kakhulu naye njengoba sigcine ukukhuluma ngenyanga edlule. UMdu ubemnkantshubomvu kule mboni yamatekisi manje ukubulawa kwakhe ngale ndlela kusilahlekisele ngomuntu obenobuhlakani. Kuyacaca ukuthi kunabantu abangenanembeza abaphume umkhankaso wokuzoqotha bonke abantu asebenkantshubomvu kule mboni. Nami ngibona sekunesidingo sokuba siyobikela uNgangezwe Lakhe ngalenkinga esibhekene nayo kule mboni,”kusho uDladla. Naye uDladla uthe okwamanje kusenzima ukuqagula ngembangela yokubulawa kukaXaba. Usihlalo weQMNWA, uMnu uDoncabe naye uthe bengabashayeli bagqemeke udume lwengozi ngokubulawa kukaXaba. “Ubaba uMdu Xaba ubebambe elikhulu iqhaza ekusisizeni thina bashayeli ezinkengieni esibhekana nazo nsuku zaphuma kulemboni. Ubefana nobaba wethu obeseluleka ngokumele sikwenze. Manje silimele kakhulu ngokubulawa kwakhe,” kusho uMnu uDoncabe.

UMnu uBhekisisa Nzuza weLDTA naye ukhale kakhulu ngokubulawa kukaXaba. “Impela sibona ukuthi le nkinga yokubulalana embonini isiyolanyulwa yiSILO ngoba lapha embonini kubulawa abantu kodwa kujike kungaboshwa muntu. Ngisho noHulumeni wethu uvele azithele ngabandayo uma kubulawa abe mboni, kodwa usukumela phezulu uma kungosopolitiki. Silahlekelwe kakhulu embonini ngokubulawa komfowethu uMdu Xaba. Bekuyindoda ebinesibindi, ingahlehli, futhi enobuhlakani,” kusho uNzuza. UNzuza uqhuba uthi; “Yize kusenzima ukuqagula ngembangela yokubulawa kwakhe, kodwa siyazi ukuthi ushone kade esibikele ukuthi kunezinsongo zokumenzakalisa azithole kwabathile abebehlele ukuzihlomulisa ngeGo!Durban. Sicela ukumxolisela uMdu kunanoma ngubani okungabe umonile,” kuphetha uMshazi.

Scroll To Top