Now Reading
Ichilo: Amagama amaqhawe kaZulu awekho kukhona awabafo
Dark Light

Ichilo: Amagama amaqhawe kaZulu awekho kukhona awabafo

ESIKHATHINI esingamasonto amabili lapho abezindaba bebethe mbo kweleNdlovukazi uMthaniya kubungazwa iminyaka eli-108 kwasungulwa inhlangano endala kunazo zonke e-Afrika kulezo ezabe zilwela inkululeko, isifundazwe sizoba nomunye umbungazo. NgoLwesibili mhla zingama-22 kuMasingana umhlaba uzokhumbula isigameko lapho uMkhumbi WeMpi kaZulu ngaphansi kukaJininindi Omnyama, INgonyama uCetshwayo kaMpande wabambana phezulu wadla umhlanganiso kubhekenwe namaNgisi.

Ngalolu suku uZulu nama- Afrika onke bazobe bekhumbula iminyaka eli-141 yobuqhawe bamadelamzimba amelana nabafo, okwabe kuyiziqhwaga zamaNgisi eSandlwana. Umlando wale mpi uvusa usinga kubo bonke labo ababecindezelwe ngoba kukhona ukuvumelana kwaboHlanga jikelele ekutheni lapha uZulu wabe ungazimele nje wona kepha wabe ulihawu lama-Afrika empini yokulwela inhlabathi. Khona lapho kunokuvumelana ekutheni umhla zingama-22 kuMasingana ngowezi-1879 waba yisiqalo sosizi kuZulu kanye nakubacindezelwa kuleli. Impi yaqala mhla zingama-22, yadlula yayobhixana eShiyane, kwaKhambule, eHlobani yaze yayophelela Ondini mhla zi-4 kuNtulikazi ngowezi-1879. Kuso leso sikhathi uZulu waphambanisa ulibo labakwaBonaparte (Napoleon) ngesikhathi ibutho likaZulu lidla iNkosana yamaFulentshi eyabe yaziwa ngelePrince Imperia. Nali ihhotela eMsunduzi liqanjwe ngaye.

Isiphetho saguqula kakhulu isimo sikaZulu. ISigodlo, igugu elikhulu likaZulu, sashiswa saba ngumlotha. INkosi uCetshwayo kaMpande yaboshwa yabuye yadingiswa. Okwathunaza kakhulu uZulu kwaba ukuqedwa kwamandla eNgonyama ngokwesiko nangenqubo kaZulu kodwa yanikezwa amandla ngokobukoloni. Yize iSigodlo sas’Ondini sashiswa, kwaboshwa, kwaba nokuthunazwa nokudingiswa kweZingonyama. Kuma-Afrika jikelele, ikakhulukazi kuZulu impi yaseSandlwana imele ukuzigqaja nesibindi kwazise kwaba yimpi lapho amabutho kaZulu ekubuseni kweNgonyama uCetshwayo kaMpande alwa ngesibindi. Ayevikela isiko nombuso emaNgisini ayegcwaneka futhi ehlasela.

Phezu kwalo mlando ojulile kunechilo eliqhubekayo lokungaqoshwa kwamagama oMkhumbi wabavikeli bakaZulu. Kunalokho kunohlu lwamagama amaNgisi ayengabahlaseli. Amagama angekho laphaya eSandlwana angumlando nobufakazi bokuthi aboHlanga laba namuhla asebelisho ligcwale elokuthi bakhululekile bazalwa ngobani. Ukungabi bikho kwabo kugebhula ingxenye emqoka emlandweni waboHlanga. AmaNgisi okwabe kuyiwo abahlaseli ayabazi ubumqoka bokuqopha amagama yikho ekhona amagama awo. Yikho la magama engagcini ngokuqoshwa lapha eSandlwana, eMgungundlovu naseThekwini kepha akhona ngisho kwabo eBritain. Abahlaseli bamaNgisi nanamuhla kwabo bathathwa njengamaqhawe.

INdlunkulu iyavuma

Ukuthola ukuphawula kweNdlunkulu kaZulu ngalolu daba, leli phephandaba lithinte uMntwana uThulani waseZibindini nongumkhulumeli weNdlunkulu. UMntwana uvumile ukuthi isithombe esikhona silichilo wabe esenxusa ukuthi ekutholeni isixazululo sonke isizwe kumele sibambisane.

“Egameni leNdlunkulu angibonge iBAYEDE ngokuvusa lolu daba olumqoka kangaka. Impi yaseSandlwana iyithi qobo ngoba yaliwa ngokhokho bethu. Kuyishwa ukuthi eminyakeni emingaka akukaphenduleki lokhu iphephandaba lakho elikubuzayo, ukuhlonipheka kwamabutho kaZulu. Ezweni elikhulukeke njengathi bekumele ngabe asisalukhulumi ngoba bekumele engabe lolu dab lwasukunyelwa ngonyaka wokuqala sithola inkululelo. Siyavuma ukuthi lokhu akukuhle futhi njengeNdlunkulu sizowuhola umkhankaso wokuthola isixazululo esingunaphakade kulolu daba,” kusho oweNkosi ngesizotha.

UMntwana uqhubeke waphakamisa umkhankaso wokulungisa lolu daba nathe ungaholwa yiNdlunkulu. “Ngiyakhumbula ukuthi ngonyaka wezi-2005 kwake kwabakhona imizamo eyenziwa eThekwini. ISILO sabe sikhona lapho. Ngicabanga ukuthi kungakuhle uma kungavuselelwa lokho ngoba inhlabamkhosi yabe ibhekiswe ezifundisweni nakubantu abadala esizweni ukuze balekelele ekuqoqeni umlando okuyiwo,” kusho uMntwana waseZibindini.

See Also

Leli phephanda libe selikhuluma nohlaka Amafa/ Heritage KwaZulu okuyisikhungo esibhekelele ukulondolozwa kwefagugu nesisebenza ngaphansi komthetho iKZN Heritage Act (1997). Ngokwalo mthetho lesi sikhungo sengamele izindawo ezifana neSandlwana Battlefied, iBorader Cave Archaeological Site kanye neKwaZulu Cultural Museum. Okhulumela Amafa uDr uMnculwane nobambe njengeSikhulu Esiphezulu (Chief Executive Officer), uvumile ukuthi kukhona okumele kwenziwe futhi wathi Amafa angesale ngaphandle: “Lokhu enikukhulumayo kuliqiniso. NjengaMafa sike sakuxoxa futhi siyamukela ukuthi lokhu ngeke sikwenze ngaphandle komphakathi okuyiwo abanikazi balo mlando. Ngakho sinxusa ukuthi umphakathi nezikhungo zisithumele amagama ukuze sibe nawo,” kusho uDkt uMnculwane.

Ephawula ngechilo lokungabi bikho kwamagama kaZulu uSolwazi uJabulani Maphalala uthe lokhu kuyinto esihlazayo isizwe nokungathi uma ingalungiswa idunge umlando. “Lokhu kuyishwa nechilo kithi esiphilayo. Lawa kwakungamaqhawe ayelwela ubuzwe kanye nomhlaba. Kukhulunywa ngomhlaba nje konke kusuka kuleziya zinsizwa nalawa madoda. Kuyadumaza ukuthi namuhla kawasahlonishwa ngokuthi kuqoshwe amagama awo. Okubuye kudumaze wukuthi awamaNgisi ayengabahlaseli wona akhona endaweni lapho kwanqoba khona uZulu,” kusho uMsuthu. Uqhubeke wathi: “Uma uya laphaya ubona izingane zithatha izithombe eduze kwamagama amaNgisi. Zikwenza lokhu maqede zihambe nesithombe sokuthi aqoshwe lapha nje ngoba ayehlaselwa. Laba abangekho yibo abayizilwane ezazihlasela abelungu kanti empeleni uZulu wabe uvika ngesikhathi uhlaselwa,” kuphetha yena.

Inyosi yeSILO uMnu uBuzetsheni Mdletshe inxuse ukuba kuqalwe masisha ukulungisa amagama wathi lowo ngumsebebzi osezingeni lesizwe: “Lona ngumsebenzi omqoka kakhulu kuso iSihlalo nesizwe nje jikelele ngoba leziya zinsizwa ezasala laphaya, nalezo ezabuya seziyizinkubela zabe zilwela uBukhosi. Yebo khona isikhathi sesiside kepha njengoba sekuvelile nje akungabe kusayekwa. Akuqale kuyo imindeni kaZulu ike iphenye amagama alabo abaya empini ukuze kuvele amagama abasalayo nalabo ababuyela emakhaya. Bakhona abazukulu baleziya zinsizwa, nami nje kwethu kukhona esingabasho ngamagama abayidudula impela bafika khona ezinqoleni zabelungu ngaleliya langa”, kuphetha uMsindazwe.

Ngesonto elizayo kulindeleke ukuthi kube nomgubho wokukhumbula impi yaseSandlwana. Njengaminyaka yonke kulindeleke ukuba iSILO sihole isizwe ekhumbuleni lolu suku.

Scroll To Top